Ukulwa, ukushaya, nokushayana kuyaxoshisa emsebenzini


UKhumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi.
UMTHETHO awukuvumeli ukulwa, ukushaya noma ukushayana emsebenzini noma ngabe kungazizathu zini. Kungabe kwenziwa ngumphathi noma ngumqashwa akuvumelekile futhi kuyaxoshisa. Sekwamukelwa ngumthetho nezinkantolo ukuthi owenze lezi zenzo ujeziswa ngokuxoshwa. Kodwa noma kunjalo, emthethweni kufanele kubhekisiswe sonke isimo nobufakazi besehlakalo ukuqinisekisa ukuthi akunazizathu yini zokuxegiswa kwesijeziso sokuxosha lowo owonile. Sikubheka ngezinhlangothi ezahlukene sisusela emacaleni asaqulwa yizinkundla nezinkantolo.
Emthethweni ukulwa nokushaya kuchazwa kuthiwe ukusebenzisa udlame komunye umuntu okungekho emthethweni nokunenhloso. Noma ngabe lokho kwenza kuncane kangakanani, noma ngabe ukwesabisa nokusongela ngodlame lungazange lusetshenziswe, konke kuthathwa njengesenzo sokulwa noma ukushaya. Isibonelo, kwelinye lamacala umphathi wavalela abasebenzi egumbini eliyisiqandisi ngenhloso yokubajezisa. Yize wayengababekanga isandla, iNkantolo yathola ukuthi ubashayile yavumela ukuxoshwa kwakhe umphathi yathi kunobulungiswa. Esinye isibonelo: umkhulumeli wabasebenzi wasongela abaphathi ngokuthi kusazochitheka igazi, eliyobuzwa kubo abaphathi, ekusho lokho emveni kwesiteleka esasinolukhulu udlame. INkantolo Yezabasebenzi Yokwedlulisela Amacala yanquma ukuthi lezo zinsongo zaziwukuhlasela okuwukushaya nokwesabisa, ngakho ukuxoshwa kwalowo mqashwa kwakunobulungiswa.
Izimo nezizathu zokuxegiswa noma zokugcizelela kwesijeziso ezibhekwayo emacaleni okulwa nokushaya yilokhu okulandelayo: yisona sonke isimo sesehlakalo, izinga lodlame noma lwezinsongo okwenzakele, umphumela wesenzo leso ebudlelwaneni balabo abathintekayo nasebudlelwaneni basemsebenzini. Kuyabhekisiswa futhi ukuthi umgili noma abathintekayo bayazisola yini noma cha. Kuyabhekwa futhi ukuthi othintekayo ubezivikela yini okanye uchukuluziwe ukuze enze isenzo leso okungaba ukulwa, ukushaya noma ukusongela omunye umuntu emsebenzini.
Icala elisanda kuthethwa nguKhomishana wakwaCCMA liyisibonelo esigqamisa lolu daba lokulwa nokushayana emsebenzini. Izithandani zazisebenza ndawonye; owesilisa enesikhundla esingaphezulu kowesifazane. Kanti futhi owesifazane wayeqashwe yinkampani enikezwe umsebenzi wokukhuculula aphathe nendawo yokudlela abasebenzi okusebenza kuyo isithandwa sakhe. Kwaba nesikhathi sebexabene, bengakhulumisani othandweni lwabo. Kodwa ukuhlangana kwabo emsebenzini kubaphoqa ukuthi bebonane bakhulume ngomsebenzi ngoba lona wesifazane nguye obheke indawo yokudlela lapho angena khona ezodla noma enze itiye lona wesilisa.
Ngenxa yokuxabana kwabo kwaba nezigameko eziningi zokuchukuluzwa ezibekezelela lona wesilisa futhi engazibiki. Langa thizeni, lona wesifazane wavimbela owesilisa ephethe itiye emnyango wasekhishini emnqabela ukuba aphume nenkomishi ayengathandi nayo lona wesifazane. Babanga le nkomishi waze wathelwa yitiye elishisayo lona wesifazane. Emva kwesikhashana sesedlulile isehlakalo, lona wesifazane wacothela owesilisa wamshaya ngetshe kabuhlungu khona emsebenzini, wabe esebaleka. Owesilisa wamjaha wambamba, balwa baze balanyulwa ngomunye umsebenzi. Owesilisa wabekwa icala lokulwa nokushaya emsebenzini waxoshwa. Lona wesifazane naye yamxosha inkampani ayeyisebenzela.
Owesilisa usefaka icala lokuxoshwa okungenabulungiswa. Amaphuzu ayezikhalela ngawo awokuthi wayechukuluziwe, ezivikela futhi akamshayanga lona wesifazane kodwa wambamba nje efuna ukumkhuza. Wayesho futhi nokuthi ngowesifazane owamhlasela wamshaya, ngakho yena empeleni ungumgilwa okwakungafanele axoshwe. Ecaleni selithethwa nguKhomishana weza ukuzofakazela isithandwa sakhe lona wesifazane ngoba base bexolelene sebebuyelene. Ebufakazini bakhe owesifazane wasekela owesilisa ukuthi nguyena owayesukele washaya owesilisa ecasulwe wukuthi babengasathandani.
UKhomishana wamchitha umqashwa ngezizathu zokuthi: (1) izenzo zakhe kule mpi zedlulela, zaba nodlame okwase kungelona olokuzivikela kodwa olukuphindisela; (2) noma ngabe kwakukhona ukuthi wayechukuluziwe, kodwa waphendula ngodlame eselubhekise kowesifazane okwase kungukushaya hhayi ukugwema ukuchukuluzwa.
Okwesithathu, akumsizanga lo mqashwa ukuthi wayesenesikhathi echukuluzwa ngowesifazane emsebenzini ngoba wayengakubiki lokho ekubekezelela. Esesine isizathu kwakungesokuthi sebexolelene sebeyathandana nesithandwa sakhe futhi nakho akutshengisi ukuzisola okungamxegisela isijeziso sokuxoshwa. Okokugcina, iminyaka eminingi ayeseyisebenzile futhi enomlando wokuziphatha kahle nakho kakumsizanga ukuba axegiselwe ukuxoshwa kwakhe ngoba isenzo sakhe sokulwa nokushaya emsebenzini asixoleleki.
Kodwa kwezinye izimo ukuchukuluzwa kuyamxegisela oxoshiwe. Kwelinye icala umgilwa owayeshayiwe nguyena owabiza umshayi ukuba mabalwe, yize ezixolisela umshayi engafuni ukulwa. Kanti umgilwa uzokwehlulwa ashayeke, bese eyobika kumqashi ukuthi useshayiwe. Umqashi wamxosha umshayi. INkantolo Yezabasebenzi yasebenzisa ubufakazi bokuthi wayechukuluziwe impela umshayi, yabe isimbuyisela emsebenzini yathi ukuxoshwa kwakhe kwakungenabulungiswa.
Ukulwa noma ukushaya umphathi kubhekwa ngeso elibukhali ngoba kuthathwa ngokubukela phansi amandla abaphathi. Kodwa kwelinye icala lapho wayeshayiwe umphathi owekade echukuluza umqashwa ngezinhlamba zobuzwe, kwanqunywa ukuthi ukuxoshwa kwakungenabuluswa wabuyiselwa emsebenzini lowoqashwa.
- UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi. Ubuye abengumahluleli nomxazululi emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene.