Kuzovoshoka nongayazi ivosho kuZakifo
UKhumalo uqweqwe lombhali wamabhuku nemidlalo yomsakazo.
NAKULO nyaka kabaphoxanga nakancane abahleli bedili lomculo iZakifo Music Festival bebophela izilomo zabaculi eziqhamuka nasemazweni angaphandle kwezwekazi i-Afrika.
Kuzobe sekuyihlandla lesine yenziwa le khonsathi. Izoba yizinsuku ezintathu ezindaweni ezahlukene eThekwini. Mhla zingama-25 kuzoqalwa eBat Centre, mhla zingama-26 kuyiwe eViews at Twenty5 bese ngosuku lokugcina lo mhla zingama-27 kuvalwe eBlue Lagoon Beach.
Kulezi zinsuku kuzoshiyelana isiteji abaculi abangama-22. Abaphuma ngaphandle kweNingizimu Afrika bali-10 bese abakuleli babe li-12.
Ngosuku lokuqala eBat Centre, phezulu eqhulwini kuboshelwe isilomo uSipho “Hotstix” Mabuse wakuleli odlala ijazz. Kuzophinde kunandise uSekou Kouyeta waseGuinea osenqobe inqwaba yezindondo ngenxa yokushaya ngobunyoninco uhlobo lwensimbi yomculo ikora. Kuzovala intokazi u-Elida Almeida waseCape Verde egcine ikhipha icwecwe iKebrada.
Ngosuku lwesibili eView @ Twenty5, eMorningside, uNsikayezwe “Nasty C” Ngcobo uzoqhulula izingoma zakhe zohlobo lwehip hop. Uzothi ephuma esiteji kungene uDJ Laga, uDJ Doowap noK-S bakuleli.
Kwabangaphandle kuzonandisa uFlavia Coelho waseBrazil ohlanyisa izihlwele ngomculo wakhe oxube uhlobo lwesamba, ireggae nolwehop rhythyms. Kuzolandela uNathalie Natiembe waseReunion Island oshaya uhlobo lwerock, ifunk nowakuleliya lizwe icreole. Umgidi uzovalwa yiqembu i-Oki Dub Ainu Band yaseJapan ecula ngolwimi lwesizwe sama-Ainu esibuye saziwe ngama-Aynu.
Ngolokugcina eBlue Lagoon Beach, inkundla izovulwa insizwa yakuleli uNakhane Toure ozakhele udumo ngengoma ethi We Dance Again ayicula noBlack Coffee.
Kuzolandela u-Alice Phoebe Lou ongumculi nombhali wezingoma wakuleli kodwa osezinze eBerlin, eGemany. Kuboshelwe neqembu iBub Inc laseFrance elicula uhlobo oluhlanganise ireggae, iska, ihip hop nedancehall yaseJamaica. Liphinde lishaye uhlobo olunesigqi sase-Afrika. Kuzolandela uGuy Butter wakuleli ozobe ehambisana noKanada Narahari wase-India odume ngokuxebula kamnandi isigingci. Inkundla izovalwa u-Aloe Blacc wase-United States of America (USA) owaziwa ngengoma i-I Need a Dollar nophinde acule engomeni iWake Me Up ka-Avicii. Uphinde abe ngumbhali wezingoma zohlobo lwesoul nefunk.
Ngaphambi kwalamakhonsathi kuzoqale kube nezimbizo okuzocotshelwana kuzo ngezifundo zomculo.
UJerome Galabert ongomunye wabasunguli beZakifo Music Festival uthe ngokubophela abaculi abaphuma emazweni nasemasikweni ehlukene baqonde ukuhlanganisa umhlaba, abantu bakwazi ukucobelelana ngolwazi.
USipho Sithole ongomunye wabasunguli bale festivali uthe: “Sengihambe amafestivali ayinqwaba emhlabeni kodwa kayikho engake ngayibona ifika ezingeni leZakifo. Okungithokozisa kakhulu ukuthi yenzelwa KwaZulu-Natal lapho ngidabuka khona. Ngokubuka isimo, eminyakeni ezayo le festivali izobe ingenye yahamba phambili emhlabeni ekuheheni izivakashi,” kubeka uSithole obuye abe ngumnikazi weNative Rhythms.
Omunye ongumsunguli weZakifo ngu-Andy Davis.
IZakifo, iReunion, i-Azgo Festival eba seMozambique, iBassline Africa Day eba eGoli neBushfire Festival eba seSwaziland zingaphansi kwenkampani Igoda.
IZakifo ixhaswe uMasipala noMnyango Wezokuvakasha ngaphansi kweTheku, i-Allaince Francaise ne-Air Austral. NgoLwesihlanu nangeSonto inani lamathikithi ngama-R300. NgoMgqibelo liyi-R150. Uma uthenga elihlanganisa zontathu lezi zinsuku kuba ngama-R500.
- mkhizes@ingabadimedia.com