Now Reading
Masiqaphele esikushoyo nesikwenza egameni lesiko
Dark Light

Masiqaphele esikushoyo nesikwenza egameni lesiko

NANKU umkhumiso Ndlu kaNtu! Sisesikhathini esibucayi, sisengcupheni silenga ngentambo yolwembu. Lesi sigaba esikuso siyisizwe siyefana nokusala netshe lokugcina kumuntu ophethe indwayimane noma isihlilingi. Kuthanda ukuba yimbaluleko enqala nephoqayo njengoba seliyoshona nje ukuba sipekequlule, sihlahlele, sichaye leli gama okuthiwa yisiko. Nofuna ukuhlohla kwesakhe uvele avumbuke esethi ungusolwazi kwezamasiko. Ngabe le ntuba yavulwa yini ukuthi emuva kwezizukulwane ezingaka nanamuhla sisafundiswa ngesiko lethu. Wukuzenyanya noma okwethu sekwayekwa kwaze kwaqaqela ithombonkala nentathabulembu? Pho uma kunjalo asilwenguli ngani lolu ngwengwezi? Bese siyaphila njengaboHlanga.

Iyamangalisa indlela onconywa ngayo uma uvunule kuye kube sengathi yiyo into ekwenza ube ngowoHlanga ngokuphelele. Omunye umbuzo sekungaba yikho ukuthi yikhona kuphi okusenza sibe ngabagcina isiko lethu ngoba ungahloba ngezindwangu zaseChina kodwa ngiyala kuhle kwenkabi ifakwa ejokeni ukuthi lokho kukwenza owomdabu waseChina. Ukuvunula nokuhloba kungenye yezindlela yokuzwakalisa imizwa yakho ngobuchwepheshe nangekhono kwezengqephu bese kuyajiya uma sesibheka izizathu nezigaba zakho ukuvunula ngokwenqubo yesintu. Kuyadingeka ukuba sithi ukuzika ngalolu daba ngoba kuningi okuvela kumabonakude okudavuzayo nje nokuyinhlanekezela. Kukhona izinto ezivumelekile ukwenziwa ngokwesiko kodwa ezingeyona impoqo njengesithembu. Angikaze ngizwe kuthiwa kukhona obhedelwa wuhlelo lokuphila ngenxa yokuthi akasithathanga isithembu.

Masikuqaphele esikuqagulayo, esikushoyo nesikwenza egameni lesiko. Ake sicubungulisise sithole izindlela namasu okwenza isiko kube yinto yamihla hhayi ngemigubho kuphela ngoba sifuna ukuviliyela sikhiphe unyawo ngemvunulo. Indlela esikhuluma ngayo, ukusebenziseka kolimi lokhu osekuyindlala kulezi zinsuku kungelekelela kakhulu ukucenta umeno neminduze lena ekhungethe ikhanda lowoHlanga. Uma uhambela amanye amazwe eminye yemibuzo oye ubhekane nayo, wukuthi ngabe kuyiqiniso ukuthi indoda yomZulu kuyisiko ukuthi ithathe amakhosikazi amaningi.

Le mibuzo ibangwa yikho belu ukubalukeka kwethu ngemvelaphi. Ngangokuthi phesheya kwaziwa ukuthi siyizangoma sonke lapha kwelikaMthaniya ngenxa yabantu abahamba beyozizamela onsumbulwana ngehaba bese kudungeka ubuhle besiko lethu ngenxa yokuhanqaza.

See Also

Enye yezindlela zokuqondisa le ngwegwe yiwo amakhono, ngoba ayinto evame ukujatshulelwa ngabantu ngobuningi. Usuku nosuku asenze imizamo yokuthi isiko libe yinjwayelo ezinganeni zethu hhayi le nto yokuthintitha amaphela emvunulweni ngoba sekunodwendwe egcekeni. Siphinde sixukuze izingebhezi senze izinzame zokuthuthukisa ulwazi olungatholakala noma kuyiphi ingxenye yezwe, ngoba isiko eliwubhongoza lishwabadela liphoqoze lelo elintekenteke. Eyolimi-ke idala amahloni angakwenza unyobozele uze unxothozele kuhle kwengcanga ibanjwe yeba amaqanda. Uke uthi ukhuluma nomuntu wakini isiZulu umuzwe ethi,”saze sajula bo isiZulu sakho “ uvele ukhexe ngoba ulimi yinto yokuqala okufanele sizikhathaze ngayo.

Isiko lethu lize liqale ukunakwa ngemikhosi efana nowoMhlanga. Nakhona ubona kugcwele abezizwe. Ubone nje ukuthi nabo bazozichithela isizungu ngoba inhlanzeko yale micimbi abanalwazi nakuqonda ngayo. Nebala kulele kunye lapha kithi okubuhlungu yikho ukuthi abadala ngeminyaka basinciphele,kanti nathi esisele izandla ziyavuza. Lokhu kusibeka kwenkulu ingozi ngoba isiko yiwona mnotho nomgogodla. Yilo elisenza sibe nomehluko emhlabeni wonke. Yilo esiqhakamba ngalo. Manje sobayini uma sithatha izihlangu nezinhlendla zokhokho bethu sithengisa ngazo. Sethembeni kangaka, siyoyiphebeza ngani le mpi esibhekene nayo? Mhla saliqondisisa isiko amasimu obabamkhulu bethu ayokhephezela izigabe nezithanga. Siyoyeka ukucatshangelwa yizisu ngoba ukulwela isiko kuwukulwela umhlaba. Ukuvikela umhlaba kuncike nkomo nokubona imbaluleko yesiko. Siyothi sihlakula amasimu sibe sihlakula nezingqondo bese silala obenyoni. Singabi yimidamfemfe ehudula izikhumba ize ikhamise libe lihamba izwe. Izihlangu mazibe yimiqamelo kulesi simo masivule amehlo empeleni siwahlahle kakhulu kunakuqala. Sibe yisizukulwane esingabavikeli bemvela hhayi izicelankobe nezincelebane noma izimbamgodi zabezizwe ngoba imfuyo asinayo sihola amaphepha amabunga uqobo. Into enamandla namhlanje, kusasa iyantenga,ibe ilawulwa yizitha zethu ezasebela umhlaba. Yiba namahloni ngokungalazi isiko lakho. Khumu nini beNkosi!!!

Scroll To Top