Now Reading
Inqubo yokuxazulula izingxabano kumqashi nabasebenzi
Dark Light

Inqubo yokuxazulula izingxabano kumqashi nabasebenzi

ININGI labasebenzi boHlanga bayazimela emacaleni aqulwa ezinkundleni zezindaba zokuqhashwa. Imvama lana kusuke kungamacala aphathene nomsebenzi ngamunye, bese-ke bemelwa izinyunyana ezingxoxweni nasezingxabanweni eziphathelene neqoqo labasebenzi. Kunesidingo esikhulu ukuhlomisa abasebenzi ngolwazi mayelana nenqubo yamacala nezingxabano ukuze bethuthukise ulwazi lokuzimela ezinkundleni zamacala abasebenzi.

Ebudlelwaneni bezokuqashwa zimbili izinhlobo zamacala noma izingxabano. Uhlobo lokuqala noluvamile ngelecala lamalungelo omqashwa, okuvame ukuba kube ngumuntu oyedwa noma idlanzana. Lawa ngamacala athinta ilungelo labasebenzi okuba yicala lamalungelo uma bengenelisiwe ngendlela abaphathwe ngayo ezimweni eziqondene nalokhu.

Uhlobo lwesibili ngolwamacala aphathelene nezifiso zabasebenzi okuphoqelela umqashi ukuba makaxoxisane nabo mayelana nalezo zifiso.  Izingxabano ezisuswa ukungezwani lapho kuxoxiswana phakathi kwezinyunyana nabaqashi, ngemiholo nangemibandela yokuqashwa.

Inqubo elandelwayo ekusingatheni lezi zinhlobo zamacala iyehlukana, ingabe yicala lamalungelo noma ngelezifiso. Bese kuthi nemiphumela yecala nayo iye ngokuthi bekungelinhloboni. Ekugcineni nezinkundla zokuthetha la macala zilawulwa ukuthi luhlobo luni.

Inqubo yamacala amalungelo iqalisa ngokuthi icala malixazululwe ngokuxoxisana phakathi kwabaxabene besizwa nguKhomishana onguchwepheshe wokuxazulula. Lesi yisigaba sokuqala. Kubhekwa izixazululo ezamukeleka nhlangothi zombili. Iqhaza likaKhomishana kulesi sigaba sokuxoxisana ukubanxenxa ngaphandle kokubaphoqa abaxabene ukuba bagxile ekuthelelaneni amanzi.

Uma lingaxazululekanga esigabeni sokuxazulula, ledlulela esigabeni sesibili okungesokuqulwa kwecala. Isicelo sibhalwa efomini noma livele ledluliswe yinkundla ngaphandle kwesicelo. Kufanele umqashwa abuze kuKhomishana ukuthi lizodlula kanjani kusuka esigabeni sokuqala kuya kwesesibili. Kulesi sigaba sesibili kwethulwa ubufakazi nhlangothi zombili phambi kukaKhomishana okungaba yilona obezama ukulixazulula noma kube ngomunye oluqalayo udaba lwecala. Izihlangothi zombili zinelungelo lokuletha ubufakazi. UKhomishana unikeza ithuba izinhlangothi zombili ukuthi zifakaze, zibuze kolunye uhlangothi bese ziletha izethulo zokuphetha uma sekuphele bonke ubufakazi abafisa ukubuletha. UKhomishana useyothatha isikhathi ukucubungula ubufakazi nomthetho bese ekhipha isinqumo ngokubhaliwe zingakapheli izinsuku ezilishumi nane liqediwe icala.

See Also

Imvama yamacala okulandelwa kuwo inqubo engenhla ngamacala amalungelo afana nawokuxoshwa, ukuhlukunyezwa ngokocansi, ukumiswa noma ukwehliswa emsebenzini obuwenza noma ngawemibango yokufuna ukukhushulwa emsebenzini. Izinkundla ezigunyaziwe ukuthetha la macala yiKhomishini yakwaCCMA neMikhandlu Yezimboni lapho zikhona. Amanye amacala aphathelene namalungelo alandela inqubo yesigaba sokuxazululwa okwenziwa nguCCMA noma uMkhandlu bese kuthi uma lingaxazululeki lindluliselwe eNkantolo Yezabasebenzi. Isibonelo amacala aphathelene nolunye uhlobo lokubandlululwa kube yilawo aphathelene nokudilizwa uma bebaningi abadiliziwe, ngaphathelene nokuxoshwa okuvele kungenabulungiswa noma ngaphathelene nokungenelela esitelekeni esingekho emthethweni.  Umphumela wamacala amalungelo kuba yisinqumo sikaKhomishana noma soMahluleli WeNkantolo Yezabasebenzi.

Inqubo elandelwayo emacaleni ezifiso kuba ngefanayo nalena elandelwa emacaleni amalungelo kodwa yehluka uma kwedlulwa esigabeni sokuxoxisana. Kula macala iqhaza likaKhomishana kube ngukuxazulula kuphela. Uma izingxoxo zingaphumeleli ukuxazulula ingxabano uKhomishana ukhipha isitifiketi sokuthi selwedlulile esigabeni sokuxoxisana udaba futhi abaxabene sebengasebenzisa ilungelo labo lamandla okuba yisiteleka sabasebenzi beholwa yinyunyana yabo. Ngasohlangothini lwabaqhashi kuba ngukuvala amasango benqabele abasebenzi ukungena uma bengangavumelani nalokho okuhlongozwe ngumqashi. Lesi-ke kuba yisiteleka esivikelekile noma esisemthethweni. Umqashi akanalungelo lokuxosha abasebenzi ngesizathu sokuteleka okusemthethweni. Kodwa engabajezisela ukuziphatha okungalungile abakwenze ngenkathi besesitelekeni okungaholela ekuxoshweni uma umqashi enobufakazi bokungaziphathi ngendlela evumelekile. Izingxabano ezisuka ekutelekeni zona zibhekiswa enkantolo yezabasebenzi. Umthetho awuvimbi kodwa ukuthi zonke izingxabano eziqubuka ekutelekeni kuxoxiswane futhi ngazo phakathi komqashi nezinyunyana. Umphumela wamacala amayelana nezifiso kuba yisiteleka kakubi yisinqumo sikaKhomishana noma sikaMahluleli.

Kunamacala awela nhlangothi zombili ekubeni abe ngamacala amalungelo abuye abe ngamacala ezifiso. Isibonelo salolu hlobo ngamacala okudilizwa uma bebaningi abasebenzi bedilizwa ngumqashi onabasebenzi abangaphezulu kwamashumi amahlanu sebebonke. Masikhumbule ukuthi ukudilizwa kungukuxoshwa okungenasici. Inqubo yamacala alolu hlobo kuba ngeyokuxazulula ngezingxoxo. Uma ingaxazululeki ingxabano, sekuba ukuqoka kwenyunyana nabasebenzi ukuthi bathatha muphi umgudu phakathi kokuteleka noma ukucela ukuthi icala liqulwe nguKhomishana. Kufanele baqoke eyodwa. Uma sebeqoke ukuteleka, kabasakwazi ukuthi bafuna libuye liyothethwa nguKhomishana udaba. Sebengacela ukungenelela kweKhomishini kuphela uma kuwudaba oluthinta umphakathi wonke. Lokhu kusuke kungukungenelela kweKhomishini ngaphansi kweSigaba se-150  soMthetho Wezobudlelwano Kwezokuqhashwa. Umphumela wamacala awela nhlangothi zombili kuba yisinqumo uma abasebenzi beqoke ukuthi lithethwe icala noma kube yisiteleka.

  • UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi. Ubuye abengumahluleli nomxazululi emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene. Uyatholakala ocingweni, ku-imeyli nakuWhatsApp: 0828823067; bhekikhumalo102@gmail.com
Scroll To Top