Umhlomulo wokudilizwa unemibandela yomthetho
UKhumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi.
ISigaba 189 soMthetho Wezobudlelwano Kwezokuqashwa silawula inqubo nomgomo olandelwayo uma kudilizwa. ESigabeni 213 uchaza ukudilizwa ngokuthi kusukela ezidingweni zomqashi ezimayelana nomnotho, ubuchwepheshe, isimo somsebenzi kanye nezinye izidingo zomqashi. Ngumqashi makabuke isimo sebhizinisi lakhe nomnotho walo ukuthi kuyaphoqa yini ukuba makadilize abasebenzi. Kumele makube ngesinye sezixazululo sezinkinga zebhizinisi ukuthi kudilizwe ukuze kunciphe izindleko zebhizinisi, lisimame.
Embhalweni wanamuhla sibheka imibandela yomhlomulo wokudilizwa. ISigaba 41 soMthetho Wemibandela Eyisisekelo Yokuqashwa, sinika ilungelo lomhlomulo kodilizwayo. Lo mhlumulo uyimali elingana neyeviki elilodwa ngonyaka umunye ophelele osetshenzwe ngumqashwa. Kunemibandela nemibango eminingi emayelana nomhlomulo wokudilizwa. Umbandela obalulekile ngothi umqashwa owala ukuthatha omunye umsebenzi ukuze kugwemeke ukudilizwa kwakhe akanalungelo lokuthola umhlomulo wokudilizwa. Umsebenzi kufanele kube ngawunikezwa noma ngohlelwe ngumqashi walowo odilizwayo. Imibango eminingi isukela kulowo mbandela. Maningi amacala amayelana nalolu daba lwemihlomulo nemibandela yokudilizwa.
Umbango wombandela wokuqala ngothi uma umqashwa enikwa noma ehlelelwa umsebenzi omunye emva kokudilizwa noma ukugwema ukudilizwa awale, lokho kumephuca ilungelo lemali yokudilizwa. Ecaleni eligqamile ngalo mbandela le-Irvin & Johnson Ltd v CCMA & Others umqashi wanikezela ngebhizinisi lokupheka kwenye inkampani kwaba nombandela wokuthi leyo nkampani mayiqashe bonke abasebenzi abebepheka. Nembala umqashi omusha wabaqasha bonke ngombandela wenkontileka yonyaka. Bawemukela umsebenzi base befuna ukuba umqashi omdala abakhokhele imali yomhlomulo wokudilizwa. Inkantolo yabachitha yachaza ukuthi iSigaba 41 sinika izindlela ezintathu zokuhlomulisa abadiliziwe: yilapho umqashwa enqaba ngokungenasizathu omunye umsebenzi awunikezwayo, okufanele ephucwe ilungelo lokuhlomula. Okwesibili yilapho umqashwa enqaba ngesizathu esinomqondo umsebenzi awunikiwe, lapho-ke kufanele makakhokhelwe. Okwesithathu yilapho umqashwa emukela omunye umsebenzi awunikiwe okuwukuthi akanagunya lokuhlomuliswa ngemali yokudilizwa.
Kuyacaca ukuthi laba basebenzi babekhaliswa ukuthi sebeqashwe ngenkontileka yonyaka kuphela okuwukuthi yonke iminyaka abase beyisebenzile kumqashi wokuqala isiyobalahlekela uma sekuphela inkontileka. Sibazwela impela, kodwa wakhuluma kanjalo umlom’ongathethimanga. Kodwa, lo mthetho njengoba sachaza ngaphambilini ulawula umbandela oyisisekelo kuphela; okungachazi ukuthi akuvunyelwe ukukhokha umhlomulo othe xaxa ngokuvumelana komqashi nomqashwa.
KweleTelkom (Pty) Ltd v CCMA & Others neNkantolo yakugcizelela lokho yabe isinquma ukuthi lapho khona kunesivumelwano sokukhokha umhlomulo wokudilizwa othe xaxa kwalona onqunywe ngumbandela oyisisekelo; iNkantolo noma inkundla yamacala inelungelo lokuphoqa ukuba kuhlonishwe isivumelwano.
Kwehlukile kodwa uma umqashi engazange amnikeze noma amhlelele umsebenzi umqashwa odilizwayo. Lokho kwagqama ecaleni leFidelity Supercare Cleaning (Pty) Ltd v Busakwe N.O & Others lapho okwakuphele inkontileka yomqashi nekhasimende lakhe waphoqeka ukuba adilize abasebenzi. Umqashi wabanikeza abasebenzi izincwadi zesikhathi sokusebenza nezinye izimfanelo njengokomthetho. Akazange abahlelele noma abanikeze eminye imisebenzi. Umqashwa obeseqede iminyaka eli-17 walwela umhlomulo wakhe. Kodwa umqashi wenqaba ngegunya lokuthi wabe esethola omunye umsebenzi. Kuleli umqashi wayecasha ngesithupha kungafanele, wayazi ukuthi umqashwa wazitholela yena omunye umsebenzi, akahlelelwangwa ngumqashi.
Omunye umbango nombandela ngowavela ecaleni leMISA/SAMWU obo Members v Madikor Drie (Pty) Ltd lapho khona kwakuthathe umqashi omusha wabe eseshintsha umhlomulo wawehlisela evikini elilodwa ngonyaka umunye, yize ngokwesivumelwano somqashi omdala nabasebenzi lo mhlomulo wawungaphezulu kwalokho. Inyonyana yona yayilwela ukuba lo mhlomulo uqhubeke njengoba wawunjalo kumqashi omdala. Inkantolo yanquma ukuthi umqashi omusha unephutha ngokwenqaba ukuxoxisana nenyunyana ngodaba ngoba wayengene ezicathulweni zomqashi omdala. Umqashi uphoqekile ukuba axoxisane nenyunyana ngalolu daba njengoba abasebenzi babelindele ukuba kuxoxiswanwe.
Owokugcina esiwubheka namuhla umbandela ngothi uma kunokuthathwa kwebhizinisi eliqhubekayo ngumqashi omusha akuvumelekile ukuba umqashi avumelane nomqashwa ukuba kwehliswe iminyaka aseyisebenzile kumqashi omdala ngoba lokho akukho emthethweni. Ecaleni le AST Holdings (Pty) Ltd v Roos umqashi nabaqashwa bavumelana ngokwehlisa yonke iminyaka abase beyisebenze kumqashi omdala ukuze bahole imali ethe xaxa kulona omusha. Kodwa lokhu kwaba ukuphambana nomthetho ngokwenkantolo.
– UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi. Ubuye abengumahluleli nomxazululi emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene. Uyatholakala ocingweni, ku-imeyli nakuWhatsApp: 0828823067; bhekikhumalo102@gmail.com