Now Reading
Akudikizi nqulu kubazali ngezingane ezingalazi ulimi
Dark Light

Akudikizi nqulu kubazali ngezingane ezingalazi ulimi

SEKUCACE bha ukuthi izingane zaboHlanga azikwazi ukubhala nokufunda okubhalwe ngezilimi zazo zebele. Uma kwenzekile ngenxephephe zakwazi ukufunda okubhalwe ngezilimi zazo zebele, lokho ezikufundayo kusuke kufana nomlolozelo ezingawazi nokuthi usho ukuthini.  Ngamanye amazwi umbhalo ziwufunda zibe zingawuqondi nakancane ukuthi uthini. Zimbalwa kakhulu izingane zaboHlanga okuthi uma zifunda okubhalwe ngolimi lwazo lwebele ziqonde zikuqondisise zingafuniseli nakancane ukuthi kuthiwani kulowo mbhalo. Ziningi kakhulu izizathu eziholela ekutheni izingane zaboHlanga zingakwazi ukufunda zikuqonde kahle okubhalwe ngezilimi zazo zebele.

AboHlanga banenkolelo yokuthi ingane ekwazi ukukhuluma isiNgisi isuke isiqedile isiwele ngelibanzi. Le nkolelo isemakhaya nasemiphakathini eminingi yaboHlanga. Uma aboHlanga bebuswa yile nkolelo kusho ukuthi abakwazi ukugqugquzela izingane zabo ukuthi zikwazi ukufunda nokubhala izilimi zazo.  Ucwaningo luveza ukuthi uma ingane yawoHlanga kuthe zisuka amadaka yabe ifunda ngesiNgisi, luphuma luphele nya ulimi lwebele kuleyo ngane bese kusala lolu efundiswa ngalo. Akukhona nje ukuthi ingane igcina ingasazi lutho okunolimi lwayo lwebele kodwa igcina ingasafuni kwakuzihlanganisa nalokho okuhambisana namasiko omdabu. Igcina isikubukela phansi konke okungekhona okwakomaNgisi.

Ungoti wezilimi uSusan Coetzee uthi uma ebalisa ngalesi simo sezingane zaboHlanga abalise athi: Izingane ezingafundiswa ngolimi lwazo lwebele zihlangabezana nenkulu inkinga uma kufundwa ngezihloko ezinemixhantela eminingi. Ingane ekhule ifunda ngolimi lwayo lwebele kulula ukuthi isheshe ikubambe okufundwa ngolunye ulimi. Ulimi lwebele luyisisekelo sokuthi ingane ikwazi ukufunda okuthile ngaphambi kokuthi iqhubeke ifunde ezinye izilimi. Lo ngoti uyaqhubeka athi umzali kufanele ngaso sonke isikhathi agqugquzele ingane ukuba ikhulume ulimi lwayo lwebele. Okunye akubalulayo lo ngoti wukuthi kubalulekile ukuthi umzali adamane efundela ingane imibhalo ebhalwe ngolimi lwayo lwebele.

Okubalulekile uma ingane iqale yaluqonda yaluqondisisa ulimi lwayo lwebele ngaphambi kokuthi ifunde olunye ulimi, kuba lula ukubamba okolimi okungelona olwayo lwebele. Ukuqala ngokulwazi ingafuniseli ulimi lwayo lwebele kusiza ngisho uthisha ofuna ukufundisa ingane ngolunye ulimi. Okunye okuyimbangela yokuthi izingane zaboHlanga zingakwazi ukufunda zikuqonde kahle okubhalwe ngolimi lwazo lwebele isimo sezikole lapho zifunda khona. Ezikoleni kunomkhuba wokuthi kuthiwe izingane azikhulume isiNgisi esikoleni. Isuke izowukhomba umuzi onotshwala ingane eyephule lo mthetho yatholakala isibhudluza ulimi lwayo lwebele.

Yingakho kudingeka ukuthi umzali ahlale eyigqugquzela ingane ukuthi ikhulume ulimi lwebele uma isekhaya ngoba uthola ukuthi esikoleni ulimi lwebele ngabanhloni.  Ukujwayeza ingane ulimi lwebele uma isekhaya kwenza ukuthi kuthuthuke nalokhu okubizwa ngokuthi ubuliminingi.  Ithi isuka lapho ibe isikwazi ukuxhumana nezinye ezikhuluma ezinye izilimi ngoba sekukhona okuyisisekelo solimi kuyo.  Ongoti bathi ukuze ingane ikwazi ukuliqonda kahle isiko layo nomlando wayo kudingeka ilwazi kahle ulimi lwayo lwebele ingafuniseli ngalo.  Bathi ongoti uma ingane ikwazi ukukhuluma ulimi lwayo lwebele iluqonde kahle, lokho kwenza ikhule inokukhulu ukuzethemba nokuzazi ukuthi ingubani.

Le nkinga yokwehluleka kwezingane zaboHlanga ukufunda okubhalwe ngezilimi zozo zikuqonde kahle ikhathaza uMnyango Wemfundo ikakhulukazi uMnyango Wemfundo Eyisisekelo.  Le nkiyankiya isiholele ekutheni lo Mnyango ubize umhlangano wokucobelelana ngolwazi lapho kuzoboniswana khona ngale mpicabadala.

See Also

Lo mhlangano wokucobelelana ngolwazi ngale nkiyankiya kade umhla ziyi-18 kuya mhla ziyi-19 kuyena uMbasa lona.  Lesi simo siwukhathaza kakhulu uMnyango Wemfundo ngoba sinomthelela omkhulu ngisho ekuphaseni kwabafundi bebanga leshumii nambili.

Okubuhlungu ngalesi simo wukuthi abazali abaningi boHlanga akuthi diki kubo.  Abazali abaningi bomdabu ababoni nencane inkinga uma izingane zabo zingakwazi ukufunda nokubhala ngezilimi zabo zebele.  Kulaba bazali igcagcele esokeni khona kunje.

  • UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazamazwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.
Scroll To Top