Now Reading
Ngiyabuncoma ubugcokama bababehumusha iBhayibheli
Dark Light

Ngiyabuncoma ubugcokama bababehumusha iBhayibheli

UMA uke wathinta izindaba zakubo kaJesu ungeyena umfundisi usuke ungehlukene nomuntu ohlokoza imamba isemgodini.  Abantu bavele bathi abakudle bakufele bengakezwa ngisho ukuthi ukhuluma ngani.  Uthi uqambe uyofika engqikithini yodaba lwakho ube usuke wavika izinsungulo zamazwi.  Okusuke kuxake kulezi zinsungulo zamazwi wukuthi isikhathi esiningi zisuke zivela kubantu abafana nawe abangebona abafundisi.  Abafundisi bona baqale bakulalele bakuzwe kahle ukuthi umthetho wakho uqonde ukuthini ngaphambi kokuthi bakuqondise kulokho osuke ukusho.  Ukube ukukholwa kwabantu kufana nalolu laka abaluvusayo uma kukhulunywa ngezindaba zakubo kaJesu, ngakube ezulwini sekugcwele kuvalwe ngomuntu emnyango.

AbangamaKristu bahlangana njalo uma kuyiPhasika bezokhumbula ukuhlushwa kukaJesu aze abethelwe esiphambanweni.  Kuthe emveni kwaleli Phasika esisuka kulo ngaphawula ngendaba yegama elithi amazwi.  Leli gama lisukela ekutheni uJesu washo amazwi ayisikhombisa ngenkathi elenga esiphambanweni.  Sekunesikhathi ngilokhu ngiyiphenduphendula indaba yokuthi yini lena eyadala ukuthi ababehumusha iBhayibheli belihumushela esiZulwini basebenzise igama elithi amazwi bangasho ukuthi amagama.  Ukube zabe sezikhona izichazamazwi zesiZulu ngabe ngithi mhlawumbe yizo lezi ezaholela ekutheni kugcine kusebenze igama elithi amazwi kungasebenzi amagama.

Uma ubheka isihumusho seBhayibheli esisebenzayo njengamanje isihumusho esidala kakhulu kunezichazamazwi zesiZulu.  Isihumusho sesiZulu okuyisona sisethenziswayo njengamanje isihumusho sonyaka we-1959.  Zabe zingakaphushwa nakuphushwa izichazamazwi zesiZulu ngaleyo minyaka.  Isichazamazwi sokuqala esichaza amagama esiZulu ngesiZulu sashicilelwa ngonyaka we-1981.  Kusobala-ke ukuthi laba ababehumusha iBhayibheli belihumushela esiZulwini babesho lokhu abacabanga ukuhi kulungile kungekho lutho okungathiwa banyonkele kukho.  Yileli gama elithi amazwi elicishe langixabanisa nabanye abalalei boKhozi bethi ngingathinti izindaba zakubo kaJesu ngibe ngingazazi.

Inhloso yami ngokuthinta igama elithi amazwi ngisuswa wubumpincothi engibubonayo kulaba ababehumusha iBhayibheli.  Ukhona umahluko phakathi kwegama nezwi.  Uma isichazamazwi sesiZulu sichaza igama elithi izwi, silichaza sithi: yilowo msindo ophuma emlonyeni womuntu noma wesilwane.  Le ncazelo ikugoqa konke kuvele kuhlale obala kuthi bha ukuthi liyini izwi.  Kuningi okungamazwi okuphuma emlonyeni womuntu kodwa okungewona amagama.  Amanye amazwi aphuma kumuntu engazange awuvule kwakuwuvula umlomo.  Kuvele kuphume amazwi anobukhulu ubuhlakani kuwona lowo mlomo ongazange uvulwe.  Kwenye inkathi umuntu uyaphika noma avume okuthile ngaphandle kokuvula umlomo kodwa kube nezwi eliphuma kulowo muntu.

Kukhona ezinye izinguquko ezenzeka emagameni zibe zenziwa yizwi noma yiphimbo lomuntu.  Ezinye zezinguquko ezenzeka emagameni ziyizinguquko ezisemqoka ngendlela yokuthi ziguqula ngisho incazelo yegama lonke.  Lezi zinguquko kusuke kuyizinguquko zezwi kodwa zibe zenzeka egameni.  Uma ulibhekisisa izwi yilona okubonakala lishaya amaphiko ngaphezu kwegama.  Ngisho ukhuluma uthi uvele wabeka laba linye wabe esethula.  Lona okhuluma kanjena usuke eqondise ekutheni lowo asuke ekhuluma ngaye uvele wabeka laba linye izwi.  Izwi linesisindo kunegama.  Kwabe kungeke kube nesisindo ukuba laba ababehumusha iBhayibheli belihumushela esiZulwini bathi amagama ayisikhombisa.

See Also

Angisho nokuthi ngakube kunalesi sizotha esiba khona uma kuthiwa kufundwa amazwi ayisikhombisa ukuba kwathiwa amagama ayisikhombisa.  Indaba yamazwi ayisikhombisa iyona eba wuvuthwandaba lwePhasika.  Lolu vuthwandaba lujiyiswa yikhona ukuthi kukhulunywa ngamazwi hhayi amagama.  Umgcotshwa u-SS Shongwe uthi uma ebeka ngendaba yamazwi abeke kanjena: Emlonyeni kaNKulunkulu into evela khona izwi kuphela.  Ngesikhathi uNkulunkulu edala wabe edala ngezwi.  Konke okushiwo nguNkuinkulu kungamazwi.  Kwayena uNkulunkulu uqobo unguLizwi.  Akakwazi-ke uJesu athi uma esesiphambanweni bese esho amagama angasho amazwi.

Ngithe uma ngifunda amazwi alo mgcotshwa ngabona ukuthi wabe esevukwe umoya sekuthi makashumayele.  Ngiyabuncoma ubugcokama balaba ababehumusha iBhayibheli belihumushela esiZulwini.  Kunobugcokama obusezingeni eliphezulu ukusebenzisa kwabo amazwi esikhundleni sokusebenzisa amagama.

  • UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazamazwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.
Scroll To Top