Now Reading
Iningi lezakhamuzi lisale nokushwaqisa okweshaqa
Dark Light

Iningi lezakhamuzi lisale nokushwaqisa okweshaqa

LUFIKILE usuku obelukade lulindelwe ngamehlo abovu. Obekusobala wukuthi izinhlangothi ezahlukene bezilinde lolu suku ngezizathu ezahlukene. Ngasohlangothini lukaHulumeni lolu wusuku olumqoka ngoba wusuku lapho uMengameli ethula khona inkulumongqangi yakhe esizweni nengumkhombandlela ekutheni izwe liyaphi. Lapha uHulumeni ngomlomo kaMengameli wezwe usuke engakhulumi nje nezakhamuzi zezwe kepha usuke ekhuluma nomhlaba wonke yikho ngisho ePhalamende ngelanga lale nkulumo kusuke kukhona namanxusa amazwe asuke ezozizwela okuyinqubomgomo yezwe.

Ngasohlangothini lwamaqembu aphikisayo lolu suku belumqoka ngoba yilapho esuke elinde ukuzwa kahle ukuthi uHulumeni uthini nokubheka lokho abangakuphawula njengokwehluleka noma okudingeka kwenziwe nguHulumeni. Nokho nakuwo  amaqembu aphikisayo abenezinhloso ezahlukene. Iqembu le-Economic Freedom Fighters (EFF) kalizifihlanga izinhloso zalo “zokuphazamisa” inkulumo kaMengameli. Nembala yenze njalo ngoba kuthe kungakaqalwa nje uMhlonishwa uFloyd Shivambu waphakamisa iphuzu nayilapho abebikela khona uSomlomo ukuthi kunamahlebezi okuthi kunetulo lokuthi amalungu eqembu lakhe “ahlukunyezwe” ngamaphoyisa. Kulokhu leli qembu licele ukuba uSomlomo awaqinisekise ukuthi aphephile nokuyinto uSomlomo athe konke kuzokwenziwa kuzolandela inqubo yePhalemende.

Neqembu  iDemocratic Alliance (DA) ayizibekanga phansi ngoba kuthe ingakaqali inkulumo labe seliphakamisa iphuzu lokuthi iNdlu kayibe nomzuzu wokuhlonipha isehlo esenzeke esifundeni saseGauteng lapho kufe khona iziguli ezingama-94.  Lokhu yize kungabukeka kuyisiphakamiso esihle kepha iqembu leDA belihlose ukugadla eqenjini elibusayo ngoba usuku lwayizolo nobeluhlanganise zombili iziNdlu zePhalamende, inhloso kusuke kuwukulalela inkulumo kaMengameli.

Umholi weCongress of the People (Cope), uMhlonishwa uPatrick Lekota naye usukumile wanxusa ukuba uSomlomo angavumi ukuba uMengameli akhulume njengoba “ephule isifungo sakhe” ngokwenza izenzo “zenkohlakalo”.  Iphuzu likaMhlonishwa uLekota lichithiwe wagcina ephumile. Khona lapho elinye ilungu leCope, uMhlonishwa uWillie Madisha yena ukhishwe ngabaqaphi basePhalamende emuva kokuyalela kukaSomlomo noSihlalo weNational Council of Provinces.

Ekugcineni kwenzekile lokho obekulindelwe ngabaningi lapho amalungu e-EFF ekhishwa ngesankahlu ngamalungu ezokuphepha ngaphakathi ePhalamende. Lokhu kududulana kuqhubekile nangaphandle kweNdlu yePhalamende. Emuva nje kancane kokukhishwa kwamalungu e-EFF amalungu eDA eholwa nguMholi wayo uMhlonshwa uMmusi Maimane nawo aphumile ngokuthanda kwawo, izizathu zawo zifana nalezo ze-EFF namanye amaqembu.

UMengameli uZuma ugcine ekwazile ukwethula inkulumo yakhe yize amanye amalungu abengasekho. Ekuqaleni kwenkulumo yakhe uhloniphe lowo owayenguMengameli kaKhongolose, umufi u-Oliver Reginald Tambo nathe lo nyaka uyisikhumbuzo sokuthi ukube usaphila ngabe uneminyaka eli-100. Khona lapho uhloniphe uMama Afrika, uMirriam Makeba.

See Also

Enye yezinto ebibangwa wudaba lokutshalwa kwamasotsha ePhalamende. Kulokhu amaqembu aphikisayo asole uMengameli ngokuthi ufuna ukuphendula leli lizwe njengeliphethwe abezempi. Nokho liziphendulela iPhalemende liveze ukuthi ukutshalwa kwamasotsha akukusha.

Eminyakeni emine edlule, inani lamasotsha atshalwa kuyo iNkulumongqangi senyukile sisuka kwali-168 ngowezi-2013 siya kwali-188 ngowezi-2015 nonyaka enyuka aba ngama-441, ngokuka Somlomo uBaleka Mbete, kanye namalungu ePhlamende abakwazi ukuchaza ukuthi kungani.

“Iqiniso lithi, ngalo nyaka angama-441. iPhalamende alikwazi ukuchaza umehluko kusuka kwali-168 ngowezi-2013. Esikhathini esedlule  sinoSotswebhu Abakhulu, sizinikele ekutholeni ukuthi kungani isibalo sawo senyukile, ngoba luqobo lwethu asikwazi ukuchaza,” kusho uSihlalo  Kazwelonke WoMkhandlu Wezifundazwe, uThandi Modise engqungqutheleni yabezindaba ngoLwesithathu.

Scroll To Top