Ukuzimisela kuzale impumelelo walingisa



UKhumalo uqweqwe lombhali wamabhuku nemidlalo yomsakazo.
KUNAMAZWI ajwayelwe ukushiwo uma umuntu ehanjelwa kahle izinto athi; ‘umsamu wakhe uyakhanya’.
Uma umuntu egidelwa yidlozi ngalolu hlobo kwala noma kuthiwa kunokuthize osekuhlule izinkulungwane zabantu kodwa yena afike akwenze noma akunqobe kalula.
Uma ukhuluma noSiboniso Nxumalo olingisa indawo ka-Oscar ongunogada emdlalweni Isithembiso okhonjiswa kuChannel 161 kuDStv kukucacela zisuka ukuthi uyilolu hlobo lo muntu okukhulunywa ngalo lapha.
Uma ubala imidlalo yethelevishini yezinga eliphezulu esilingiswe yile nsizwa yaseNseleni, eMpangeni, KwaZulu-Natal ungaphika ulale ngomhlane uma ikwazisa ukuthi kayifikanga kumatikuletsheni.
Eyokuya ezikhungweni zemfundo ephakeme ayiphathwa nakancane.
Ngaphandle nje kokuthi kulezi zinsuku uNxumalo uhambela phezulu ngenxa yokusayina inkontileka yesibili yokulingisa kuSeason 2 Isithembiso, useke wabonakala kuGenerations, Isidingo, iSibaya, iRhythm City, iJacob’s Cross, iStreet Justice, iThe Road, iTaxe Chees Boy ukusho embalwa.
UZwide uzophinde abonakala engqayini iBack of the Moon okulindeleke ukuthi iphume kulo nyaka.
Uma echaza ngokungena kwakhe kwezokulingisa uthi ngemuva kokuthi engafinyelelanga kumatikuletsheni ngenxa yokugxila ophuzweni oludakayo nakweminye imikhuba engemihle, ngowezi-2009 unikele eGoli ukuyozama amatoho.
Uthi ngesikhathi efika khona waba neshwa njengoba isihlobo ayezofihla ikhanda endlini yaso saphelelwa umsebenzi.
Ngenxa yalokhu waphoqeleke ukufuna umjondolo ayezoquba kuwona.
Le nsizwa engaqedi ukukhuluma ingafunganga ngesibongo sakoninalume kwaMthethwa iveze ukuthi ngowezi-2010 yathi izithwabazela ezitaladini zeGoli yahlangana nezingane ezazineminyaka yobudala eli-12 kuya phezulu ezamtshela ukuthi zinikela kwaSABC ukuyoba yizihlwele ohlelweni lwezingane iYo TV oluboniswa kuSABC 1 ntambama phakathi nezinsuku.
Ngenxa yokuthi vele wayenothando lokuthi ngelinye ilanga alingise emidlalweni yethelevishini uthi wazibuza ukuthi angenzanjani ukufeza leli phupho.
“Izingane zavele zangiphendula ngokuthi zinginike inombolo ye-ejenti ezathi mangiyifonele. Angichithanga sikhathi ngenza njalo, kwathiwa mangifike ngosuku oluthile, ngigqoke kahle ngoba ngizoshuthwa. Okwangithusa ukuthi kayikho inhlolokhono engayenziswa kodwa nganikwa izifundo ezimbalwa. Akuphelanga sikhathi esingakanani ngatshelwa ukuthi mangizilungiselele ngoba ngosuku oluthile ngizoyolingisa kuMuvhango. Lapha ngangilingisa ukuba ngumsebenzi wendawo yokucima ukoma endaweni eyayiphethwe uTsholofelo Matshaba owayedlala indawo kaMeme. Ngicabanga ukuthi okwangisiza lapha ukuthi kwakuthi uma kunemidlalo yeshashalazi ngisafunda ngakithi eMfezi Primary School nase-Old Mill High Primary School ngizimisele futhi ngilalele engangitshelwa khona,” kubeka uNxumalo.
Mayelana nenkulumo okusanda kucashunwa kuyo uDuma KaNdlovu ongumsunguli nomdidiyeli woMuvhango ethi akasebenzisani nabalingisi abangakufundelanga ukulingisa, uZwide uthe: “Nakuba sasingancikene kangako nobaba uNdlovu kodwa ngicabanga ukuthi wahlabeka umxhwele ngekhono lami. Ubufakazi balokhu ukuthi wanginika ithuba le minyaka emithathu njengoba ngize ngayeka khona ngowezi-2013. Okunye ukuthi bengiholelwa imali elingana neyabanye abalingisi abanezinkontileka.”
UNxumalo uveze ukuthi okumsizile ukuthi likhule ikhono lakhe kule ndima kube wukuzivulela inyuvesi yakhe.
“Ngesikhathi ngesengaphansi kwe-ejenti eyangifaka kuMuvhango ngacela abaphathi bayo ukuthi bangifake njengomlingisi ongeziwe (extras) nakweminye imidlalo. Kwenjenge-Isidingo, iSibaya, iRythm City nakweminye bekuyaye ukuthi uma sengiyiqedile indima ebengiklanyelwe yona ngalolo suku ngisale bese ngilalela abadidiyeli ngabakufuna kubalingisi abadlala phambili. Ukuthola lolu lwazi emidlalweni eyahlukene kungikhulise kakhulu,” kubeka uNxumalo.
Echaza ngokungena kwakhe ku-Isithembiso uveze ukuthi unyaka wezi-2016 umphathe kabi kakhulu ngenxa yokungawutholi umsebenzi. Uthi kwenzeka konke lokhu nje usejoyine isikhondlakhondla iBomb Shelter Film Company (PTY) LTD okuyinkampani evubela imidlalo yethelevishini nezingqayi.
UNxumalo uthi ube eseqoma ukuya ekhaya eMpangeni ngenhloso yokuyopholisa ikhanda.
Uthi ngoMasingana ubuyele eGoli wase efikelwa umqondo wokuqala emahhovisi eBomb Shelter ukuyobulisa.
“Kwenzeka isimanga, ngathi ngingena bavele bathi bebekhuluma ngami, kukhona umdlalo omusha ozodlala kuDStv abafuna ngilingise kuwo. Ngempela bafika abaphathi bawo, bangithanda. Ngayithola kanjalo indawo yokulingisa ukuba ngunogada ku-Isithembiso,” kuqhuba uZwide.
Ngaphandle kokuba ngumlingisi uphinde abe ngusomabhizinisi njengoba enenkampani yonogada iSphephile Security Company.
Eminyakeni ezayo uthe angathanda ukuthola ithuba lokudlala engqayini yomhlaba nokuthola inkontileka ende emidlalweni yethelevishini yakuleli.
- mkhizes@ingabadimedia.com