Now Reading
Ukubambisana kumaskandi kungawubeka phezulu
Dark Light

Ukubambisana kumaskandi kungawubeka phezulu

Ngeledlule esikhungweni sase-Inkosi Chief Albert Luthuli esaziwa nge International Convention Centre (ICC) eThekwini, bekubanjwe umcimbi owaziwa ngaMantshonstho kaMaskandi nalapho bekuhlangene khona izinkumbi zabathandi bomculo kamaskandi. Okuphawulekile lapha kube ukuvela kokuqala kwabaculi ababili uMnu Mfiliseni Magubane odume ngelika “Mqabulasheshe” nensizwa uMzo Khenyeza owaziwa ngo “Jaiva Zimnike” nasebesungule iqembu elibizwa ngokuthi Izingqongqo kanti bashiye ababukeli nabathandi bomculo kamaskandi bengawuvali umlomo ngonqambothi lwezingoma ebebeziqhulula zihambisana nemidanso ehlanganiswe ngobukhulu ubuciko neshiye abantu befisa impinda.

Okuphawulekile lapha indlela uMqabulasheshe noJaiva abakwaze ngayo ukuhlanganisa umculo olekelanayo yize bobali beqandula iziginci futhi becula ngokulekelelana. Lokhu kutshengisile ukuthi uma kungase kube nokubambisana okukhulu kubaculi bakamaskandi bakwazi ukudlala ngokulekelelana kukhulu abangakwenzela lomculo kanti kungenza nokudayiseka kwawo phesheya kwezilwandle kube lula kakhulu. Isitayela sikaMqabulasheshe silekelelana kamnandi nesikaJaiva kanti kwenza nokudlala kwabo kunika umlaleli amanoni ahlanganiswe ngobuciko neziginci zabo zithi zingakushiyile kokwaziyo kudlalwa ilabaculi kodwa kwenzeke ngendlela eyodwa.

Enye yezinto eziphumelelisa kakhulu abaculi baphesheya ikakhulu labo abaMnyama ukusebenzisana nokwenza ngisho benamakhonsathi ubathole bendawonye. Kumaskandi wethu, yize lomculi wethu nongumsinsi esifundazweni saKwaZulu-Natal ngokusungulwa kwawo ingqalabutho uPhuzushukela, unedumela futhi uthandwa kodwa ukungcofana nokugxibhana kwabaculi bawo ikakhulu laba abasakhulayo kwenza ukulandelwa kwawo kube samaqembuqembu nokubuye kwenezezelwe nangabasakazi abanye abagcina sebecheme nabaculi abathile.

Kubemnandi nokubona izinkunzi ezifana noPhuzekhemisi no Hhashi eliMhlophe ziqephuza kusuka uthuli ngengoma kamaskandi enongwe ngezitayela ezahlukehlukene. Lokhu okwenzekile kukhumbuze abalandeli balomculi okudala nalapho Izingqungqulu Zomhlaba okwakungoPhuzekhemisi, uMfazomnyama noHhashi Elimhlophe zazibonakala zicula ndawonye futhi ziqopha ndawonye nokwakwenza lo mculo uthandwe kakhulu. Yayingekho le nto yokugxibhana kwabaculi balo mculo nokugcina kudida abantu abazithandela umaskandi njengomculi bengenandaba nokuthi uculwa ngubani. Lokhu kubambisana kweziNgqungqulu kwaba nanemithelela emihle lapho oPhuzekhemisi, Mfazomnyama noHhashi bazibona bemenywa ngapha nangapha phesheya kwezilwandle sebezihambela ngabodwana.

Kubekuhle futhi nokubona oShwi noMtekhala beqhubeka nokutshengisa ukuthi ubambiswano kulomculi kunemithelela emihle. Namanje oShwi noMtekhala kuseyibo abahamba phambili ngokudayisa kakhulu umculo kamaskandi kanti ukubambisana kwabo yikho okusabaphumelelisa namanje. Into egqamile ekudlaleni kukaMagubane noJaiva ukubona ukuthi okwabo ukudlala bekuphelezelwa abadlali bezinsimbi hhayi ukudlala ngecwecwe. Lokhu kwenza lomculo ubemnandi kakhulu uma yonke into yenzeka obala kanti lokhu kutshengisa ukuthi siningi isikhathi esichithiwe kuzilungiselelwa nokwenza nababukeli bangayikhaleli imali yabo. Ubumnandi bomculo weziNgqongqo kusekelwa nayindlela yenhlonipho etshengiswa ilabaculi – nokwenza nabathandi balomculo babahloniphe.

Akukho ukungabaza ukuthi lendlela yeziNgqongqo izozithatha izibeke phezulu futhi ngeke kumangalise uma maduze seziba ilambu lalomculo emazweni aphesheya nesolokhu kwagcina ngeJuluka ukuthi ujikeleze amazwe aphesheya. Nakuyo iJuluka kwakungakho njalo ukubambisana Phakathi kukaJohnny Clegg noSipho Mchunu. Akekho ongazi ukuthi ukubambisana emculweni wakuleli kuba intelezi enhle ekuwubekeni phezulu. Lokhu kwabonakala nangesikhathi umculi waseNgilandi uPaul Simon ebambisana nabaculi bakuleli oRay Phiri weStimela, iLadysmith Black Mambazo noHugh Masekela behambela emazweni amaningi kakhulu phesheya nokwakuyinto engavamisile nokwavulela la maqembu amathuba amaningi phesheya namanje amanye awo awapheli emazweni aphesheya.

See Also

Kubalulekile ukugcizelela ukuthi uma amaqembu kamaskandi angase asebenze ngokubambisana ngisho enza imicimbi yawo kukhulu okungazuzwa ngalomculo ohamba phambili nangokudayiswa kuleli. Lokhu kuyabonakala futhi nangeqembu oNdabuzekwayo lapho abaculi bakamaskandi abathathu okungo-Ali Mgube, Mjikijelwa noMthandeni Manqele yize benamaqembu abo kodwa sebekwazile ukuzihlanganisa njengoNdabuzekwayo nalapho umculo wabo uthandwa kakhulu ngabathandi nabalandeli womculo kamaskandi. Konke lokhu kuyizinkomba zokuthi uma abeNgabadi bengase bakwazi ukuhlangana basebenzisane ezintweni zabo kukhulu abangakuzuza njengoba sibona kwezinye izinhlanga.

Osekusele manje ukuthi lomculi wethu kesiwubone futhi udayiswa yithi futhi hhayi uncikiswe ezindaweni eziyizitolo ezingendaba nokwethu kodwa ezithokozela ukwenza inzuzo ngathi. Lokhu kungenza nokusatshalaliswa kwawo phesheya kungabi inkinga. AboMdabu abahlala emazweni aphesheya ngomsebenzi bahlale benenkinga njalo ngokuthola umculo wakuleli ezitolo zaphesheya. Njengoba kuvuleka amathuba okubambisana nje kwalelizwe lethu ngaphansi kohlelo lweBRICS (Brazil, Russia, India, China, South Africa) kuvuleka nethuba futhi lokhu siqhakambise ubuciko bomculo wethu, ikakhulu okamskandi kulamazwe ukuze waziwe kakhulu nakhona nokuzodala amathuba kubaculi bethu ukuba bazibone behambela lamazwe benza imali futhi beqhakambisa nokungokwethu.

Njengoba iziNgqongqo sezilole abalandeli bakamaskandi nje, sekulindelwe ukuthi zizolikhipha nini icwecwe lazo nokungangabazeki ukuthi lizojabulisa abantu abaningi abangabathandi balo mculo.

Scroll To Top