Sekuphele iminyaka engaphezu kweshumi belinde umxhaso


UBHODLA umlilo umphakathi wakuWadi 9 eDondotha, eMpangeni osola uMasipala waseMfolozi ngokuwukhipha inyumbazane ngokuwakhela izindlu zomxhaso njengoba uthi usabambe udonga ngemuva kokuthenjiswa ukwakhelwa lezi zindlu kusuka ngowezi-2004, kuze kube manje.
Okuphethe kabi umphakathi ukuthi kusukela ngowezi-2004 uMasipala ulokhu ubanikeza ithemba elingekho njengoba sekuphele iminyaka eyi-14 kepha kungekho okucacayo noma okubambekayo ngalolu daba.
Ngokusho kwamalungu omphakathi batshelwa ukuthi imali yokuzakha lezi zindlu ayikho ngokwemibiko ekhishwa uMasipala. Okudida umphakathi ukuthi kulezi zindlu ezazibhaliswe kamuva kwamanye amawadi anjengoWadi 11 eCinci, noWadi 13 Ocilwane kanye noWadi 15 eBhubhubhu sezakhiwe zaqedwa nakuba ngokohlelo zilandela ngemuva kuWadi 9 okusacwebe iziziba.
Umphakathi uthi uzamile ukusukumela lolu daba ngokuya kwaMasipala waseMfolozi okuyiwo obhekelele izidingo zawo naseMnyangweni wezokuHlaliswa Kwabantu. Umphakathi ukhethe ikomidi ukuthi kube yilo elisebenza lolu daba bese kuba yilo eliwubikelayo.
USihlalo waleli komidi kuWadi 9, uMnu uSbonelo Mthethwa uthi le nto iwuphethe kabi umphakathi njengoba usulinde isikhathi eside.
“Kuningi okungahambi kahle kulo mphakathi kodwa udaba lwezindlu zomxhaso kaHulumeni yilo oluseqhulwini olusiphethe kabi. Inkinga enkulu nombuzo esizibuza wona mayelana nokwakhiwa kwazo ukuthi sinikezwa imibiko ethi imali yokwakha izindlu kule ndawo yangakithi ayikho. Umbuzo esisala nawo ukuthi lena yokwakha izindlu zakwamanye amawadi iqhamukaphi? Sifisa uMasipala uMfolozi usinikeze izimpendulo kanye noMnyango,” kuchaza uMthethwa.
Ikhansela le wadi uMnu uBongani Ndlovu uthe sekunesikhathi isetshenzwa le ndaba yokwakhiwa kwezindlu kodwa kuze kube manje akukho okuphathekayo. Uveze nokuthi lendaba yokwakhiwa kwalezi zindlu ihambisana nenhlese yezepolitiki phakathi.
“Indawo yaseDondotha inomnotho, wonke umuntu uyayihalela kanti futhi iphethwe yiqembu le-IFP, uMasipala uMfolozi uphethwe yi-ANC manje lokho kungenye yezimbangela eziholela ekutheni ingathuthukiswa kube yitulo lokuyithatha ibe ngeyabo. Ngingene ekubeni yikhansela kuWadi 9 ngowezi-2015. Bengazi ukuthi kumele zakhiwe lezi zindlu nokwakuthiwe zizokwakhiwa ngoNhlangulana kuwo lowo nyaka. Kuthe uma sekushaya isikhathi esasibekiwe ukuthi zakhiwe kwathiwa sezizokwakhiwa kulo nyaka wezi-2018 kusho isikhulu esiphezulu kulo Mkhandlu. Isoyi lahlatshwa ngowezi-2011 kwethulwa nosonkontileka ukuthi azoqala ukwakha. Kuze kube manje akukho okwenzekayo sizwe kuthiwa imali ayikho okungenzeka ukuthi ukwakhiwa kugcine kuyinto ezokwenzeka ngonyaka wezi-2020/21,” kusho ikhansela uNdlovu.
Ukhansela ube esebalisa nangokuthi iningi labantu ababebhalisele lezi zindlu okungogogo nomkhulu sebashona. “Kunohlu olwalubuyile lukhombisa ukuthi izindlu zabo ziphasisiwe. Inkinga enkulu ukuthi asazi sekuzokwenziwa njani manje, ngoba siwubhalelile noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kodwa kuze kube manje asikaze sizithole izimpendulo,” kubeka uNdlovu.
IMeya kaMasipala uMfolozi uMnu uSimangaliso Mgenge ithe lungamampunge udaba lokuthi ukungakhiwa kwezindlu zaseDondotha kuwadi 9 kunenhlese yezepolitiki.
“Siyazi ukuthi uma sekusondele izikhathi zokhetho kuba nezangoma zamanga. Labo abakhuluma lezo zindaba abangasebenzisi umphakathi ngokuzama ukufeza izinhloso zabo ekubeni bengenalo ulwazi. Yini uma bekhuluma ngalolu daba bengaluqali emuva lapho lusuka khona. Ngoba mabesho baveza iminyaka abakhuluma ngayo ngangingakabi yiMeya. Engikwaziyo ukuthi kunamawadi abangawavezi ukuthi sezakhiwe izindlu khona, ngikhuluma ngamaWadi 7,8,12 ,13,11.Wonke la mawadi aphethwe yi-IFP. UMkhandlu uma wakha izindlu awukubheki ukuthi iliphi iqembu eliphethe lapho, sisebenzela wonke umuntu,” kuchaza uMgenge.
Uqhube wathi “Uhlelo kwabe kuhlelwe ukuthi iwadi ngayinye kumele yakhelwe izindlu eziyi -1000. IDondotha ingezinye zezindawo eziseqhulwini ezizokwakhelwa maduzane. Akuyona into evele ihlelwe manje yenziwe kulandelwa imigudu eminingi. Noma uMkhandlu ungavumelana ngokuthi kakhiwe izindlu endaweni ethile kodwa kuba sekutheni ikhona yini imali yokwakha. Futhi kumele ngikucacise ukuthi uMasipala akuwona owakha izindlu kodwa zakhiwa uMnyango esifundazweni”.
- buthelezic@ingabadimedia.com