UTshisekedi uqinise umkhankaso wakhe wokhetho
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Njengoba sekusele izinyanga ezimbili kube nokhetho lukazwelonke, uMengameli waseCongo uFelix Tshisekedi uthe ezinye izimo zokubusa kwamasosha ezifundazweni ezisempumalanga nezihlaselwe yizinxushunxushu zizokwehliswa, ngokwengxenye yokukhuthaza ukubamba iqhaza evotini kwemiphakathi.
Umise kancane ukuhoxisa isimo sokuvinjezelwa ezifundazweni zaseNyakatho Kivu nase-Ituri naphezu kwengcindezi yokwenza lokho evela ezinhlanganweni zomphakathi kanye namaqembu aphikisayo athi akwenzile okuncane ukuqukatha amasosha amaningi adicilela phansi impumalanga selokhu yabekwa ngoMbasa kowezi-2021.
Enkulumweni evezwe kwithelevishini ebikade isebusuku kusihlwa esizweni, umengameli uthe kuzosuswa isikhathi sokubuya ekhaya futhi nemibhikisho enokuthula izovunyelwa ngaphansi kokwehliswa kancane kwemithetho ethile ezifundazweni ezithintekile.
“Lokhu kubaluleke kakhulu njengoba abadlali abehlukene ababambe iqhaza ohlelweni lokhetho banelungelo lokubamba iqhaza ngokugcwele ngaphandle kwezihibe,” usho kanje.
Njengoba ekhankasela ihlandla lesibili, abaphathi bakhe kudingeke ukuthi baziphike izinsolo zezinhlangano zamalungelo kanye namadlelandawonye omhlaba zokucindezelwa kwenkululeko yokukhuluma nokuphikisa kwezombusazwe.
Ngonyaka odlule, ongoti be-UN kanye ne-Amnesty International bathi ezokuphepha zintekenteke selokhu kwabekwa isimo sokuvimbezela. U-Amnesty unxuse uhulumeni ukuthi awuqede lo mgomo, wathi nawo uholele ekutheni isimo samalungelo abantu sibe sibi, okuhlanganisa ukuhlukunyezwa kwezintatheli nokubulawa kwezishoshovu.
Ngaphandle kokuba khona kwamasosha aseCongo kanye nabagcini bokuthula be-UN, izakhamizi zihlala zibhekana nokuhlaselwa kwenqwaba yamasosha ahlala esebenza eNyakatho Kivu nase-Ituri kusukela kwaphela impi enkulu yesifunda ngo-2003. Ukungavikeleki kubangele ukuxoshwa kwabantu ababalelwa ezigidini eziyisi-6, kusho ummeleli omkhulu we-United Nations eCongo ngoMandulo.
NgoLwesine, iHhovisi leNxusa laseMelika lithe likhathazekile ngokwanda kodlame eNorth Kivu. “Inkinga esempumalanga ne-DRC idinga isisombululo sezepolitiki hhayi sezempi,” kusho isitatimende.