Now Reading
Umbango ususendaweni yesibili kweye-EPL
Dark Light

Umbango ususendaweni yesibili kweye-EPL

Umgadli weLiverpool uMohamed Salah uthi akafune lutho oluyisithiyo oluzoma endleleni yeqembu lakhe

 

UBUHLAKANI babaqeqeshi, obuhambisana nabadlali abasefomini emaqenjini womabili, izigidigidi zabalandeli emhlabeni jikelele kanye nempi yokulala isibili kulogi ye-English Premier League (EPL) kungezinye zezinkulumo ezidle lubi maphakathi nesonto, ngaphambi komdlalo obhekwe ngabomvu weManchester United neLiverpool.

Lo mdlalo uzobanjelwa e-Old Trafford, okuyinkundla yeMan United, ligamenxe elesibili ntambama. Sekuvele sekucacile ukuthi iManchester City izokhala yemuke nesicoco se-EPL, kwazise lisasalelwe ukuqoqa amaphuzu ayi-12 kuphela ekubeni ngompetha. Umbango ususendaweni yesibili phakathi kwamaRed Devils (iMan U), namaReds (iLiverpool).

Ilogi ye-EPL ikuveza ngokusobala ukuthi iMan U isendaweni yesibili ngamaphuzu angama-62 emidlalweni engama-29. Endaweni yesithathu kukhona iLiverpool enamaphuzu angama-60 emidlalweni efanayo. Uma ezikaJurgen Kloop zingashaya ezikaJose Mourinho kusasa, zingakhuphukela endaweni yesibili ngamaphuzu angama-63. Nokho uma amaRed Devils enqoba azohlala endaweni yesibili ngamaphuzu angama-65, nokuyoba sekuwabeka ethubeni elihle lokuthi lendawo ayibambe kuze kugoqwe isizini njengoba kuzobe sekusele imidlalo eyisi-8.

Imiphumela okubukeka iMan United ingayijabulela kakhulu ukuba lo mdlalo uphele ngokulingana kwazise izoqhubeka nokuhlala endaweni yesibili. Ngesikhathi zitholana phezulu emlenzeni wokuqala owawubanjelwe e-Anfield ngonyaka owedlule, lama qembu agcina edlale ngokulingana kungekho efuna ukugoba uphondo, kuba yiqanda nhlangothi zombili.

Okwaqapheleka emlenzeni wokuqala ukuthi iMan United ayizange ihlasele njengokwejwayelekile kwazise yayidlalela ekuhambeni. UMourinho wavela njengomuntu owayefuna ukuthola iphuzu kuloya mdlalo kwazise wayesaba indlela iLiverpool ehlasela ngayo njengoba ifolosa ngoMohamed Salah wase-Egypt osevalele phakathi amagoli angama-32 emiqhudelwaneni eyehlukene selokhu kuqale isizini. Omunye umdlali ovutha engabaselwe kumaReds, nguSadio Mane waseSenegal ongalibheki ipali futhi ongenamona njengoba ephinde akhele iqembu lakhe amagoli.

Kuzoba ngenye yezinto ezibhekwe kakhulu kule mpelasonto ukuthi ngabe uMourinho usazoqhubeka yini nomqondo ofanayo njengasemlenzeni wokuqala, wokuba ahlale emuva alinde iLiverpool, noma uzoyihlasela zibekwa ngenhloso yokufuna amagoli.

Abadlali beMan United abasefomini uRomelu Lukaku oshaye igoli lesibili ngoMsombuluko ezakhe zibhekene neCrystal Palace zinqoba ngamagoli amathathu kwamabili. U-Anthony Martial owashaya igoli lakhe lokuqala efika kuleli qembu bebhekene nayo belu iLiverpool eminyakeni emithathu eyedlule no-Alexis Sanchez okubhekwe lukhulu kuyena selokhu ethengwe ku-Arsenal ngoMasingana.

See Also

“Awukho neze umdlalo olula ku-English Premier League. Ngokwami yonke imidlalo iyefana, ngakho nawo oweLiverpool angisiboni isimanga esingako ngawo. Okwethu ukuqinisekisa ukuthi siyaqhubeka nomgqigqo omuhle njengoba senza kahle ku-Uefa Champions League, naku-EPL. Kubalulekile futhi ukungabuki phambili kakhulu ngoba ungagcina usudunyelwa yikhanda, kepha ukuthatha umdlalo ngamunye kuzosisiza kakhulu ukuze singezokuzifakela ingcindezi engenasidingo,” kusho uMourinho ebuzwa izintatheli ngomdlalo wangempelasonto ngemva kokushaya iPalace ngoMsombuluko.

UMohamed Salah ongumgadli wamaReds oyisikhwishikhwishi utshele abezindaba e-England ukuthi yena uzele ukuzonqoba izicoco neLiverpool.

“Umdlalo nomdlalo esiwudlalayo sifuna ukuqoqa amaphuzu, noma ngithi nje sifuna ukuwunqoba. Ngesikhathi ngisayina kuleli qembu ngakubeka kwacaca ukuthi ngifuna ukunqoba izicoco. Ilokho kanye engifuna ukukwenza, yingakho ngingafuni lutho oluzoma endleleni yami noma yeLiverpool,” kusho uSalah etshela iLiverpool.tv.

  • dladlan@ingabadimedia.com
Scroll To Top