Isizwe sakwaNtuli ngesikhathi seNgonyama uDinuzulu
UMPUMELA kaNdlela wayengumna kaGodide ongemuva kukaMbandamana. Nguyena owabayinkosi ngemuva kokubulawa kukaGodide nezikhulu oNdini mhla zingama-21 kuNtulikazi ngowe-1883. Nguyena owayehola isizwe sakwaNtuli ngenkathi kubheduka iMpi YeNtela yeMali yaMakhanda ngowe-1906. Ngesikhathi sokubekwa kukaMpumela esihlalweni soBukhosi indawo yesizwe ayeyibusa yehlukaniswa kabili. Enye yabekwa ngaphansi kukaMaphoyisa kaMbuzo. Indawo ayizange yehlukaniswe kabili ngenxa yeMpi YeMali Yamakhanda ngowe-1906. Indlalifa kaMpumela nguMlokothwa owayeyiMbokodwebomvu okulibutho iNgonyama uDinuzulu eyayibuthelwe kulo. Wayeneminyaka engama-55 uMlokothwa ngowe-1922. Indlalifa kaGodide nguMaqhubandaba owazala uNtulizwe owazalwa ngowe-1882. Yena walwa nabahlaseli bamaNgisi ngeMpi YeMali yaMakhanda ngowe-1906. Wadingiseiwa esizweni seNkosi uSinxi Shange eShowe kanye noNtshelele noSomzica
UNomagolokoqa wezimbemba! Inkom’ ekhulela kulukhuni, kaNdlela; uGubuzel’ umuntu ngehemu lakhe, (umkhonto wakhe). Abanye begubuzel’ umuntu ngothuthuva. (isihlang’esimpofu)
Esinye siwuNsabayi, esinye siwuNhlanhlakazi, uSigwazi sawoMkhungwase, (udadewabo omelamayo) Uzalukazana zakaMathanda (kaMzombi Mdlalose) zizibili, Zathi sayishay’ inkosi enkulu enokudla kakhulu!
Umyakayaka ungafu! uGijimis’ ifu eliphezulu, uSinqalanqala silibhuku. Liyal’ ukuphum’ezandleni, Kubafana bomnawabo. uKhozi oluhwith’ abafana bakaNongila (induna kaGodide yaseBathenjini) eManyana. Inkosana kaMpumela kwakunguMlokothwa. Nguyena owabusa isizwe ngemuva kokuhamba emhlabeni kukaMpumela. uMngqolokosho! uMhlandla wengwenya; Madudula.
Mbabal’ egweb’ egijima; Nyon’ edlel’ emathunzin’ezintab’ eMome, (1906) uMbulali kaqaqi, Uqaqelwa amanq’ eMome. (ngempi yaMakhanda 1906)
Enye indodana kaNdlela nayo eyayiliqhawe nguMabutho: uHhiya, kuyoba nani? uZul’ ekhethana enqab’ ukuy’ eSandlwana. Omunye ehlehla, omuny’ eya phambili. uNsizwana zawoNongogo kuMtheli kaDlaba.
Amanye amadodana kaNdlela amaningi nawo ayengamaqhawe. Singabala kuwo, oMbandama, Nhlukuziso, Vungama, Ndabankulu Gedlegedle noPhakade. uMbandama kaNdlela welama uGodide. Wayeyinduna yesigaba sesicamelo seSangqu/amaTshitshi. Wayengomunye wamaqhawe alwa ngobuqotho kuvikelwa iNgonyama uCetshwayo mhla igetshengwa ngamabutho kaZibhebhu oNdini mhla zingama-21 kuNtulikazi ngowe-1883. Walwa lapho wasala enkundleni: uNozaza weZulu! uGojisa izihlakaniphi! uMbumba onjengombemba wakuDlangezwa. uMhlaza oqamus’ izihlangu zeZigqoza (eNdondakusuka 1856) uHlabana beloyisa, Bethi uyofa nini?
UNhlukuziso kaNdlela naye wayeliqhawe. Wayeyinduna yebutho iNkonkoni yesigaba soThulwana. Naye wayekhona kuvikelwa iNgonyama uCetshwayo emabuthweni kaZibhebhu mhla zingama-21 kuNtulikazi ngowe-1883. Walwa wasala enkundleni kubhekenwe nezibhamu amaNgisi ayehlomise ngazo uZibhebhu.
UHhahha bhukwini! uNombengu wezikhotha! uSishikisha samutsha kaKleza, (nxa egiya) uMkhuphuka eyithwele izinjojo, uSishikisha samutsha kaKleza. (umuntu wasempini)
UVungama kaNdlela wayesebuthweni uMzwangwenya. Wayibamba ngasohlangathini loMntwana uCetshwayo eNdondakusuka. Kuleyo mpi eyayiphakwe nguCaptain James Walmsely (uMantshonga) ngasohlangothini lukaMbayazwe enabanye abelungu oF Rathbone (Gqelebane), uJohn Dunn nabanye abaningi, ekaVungama yadla umhlanganiso.
UJi lwezintaba! uMlobokazi ogcagce kuMantshonga, (wabhekana naye ngezikhali) eNdondakusuka.
uMageth’ endaweni yomlungu (ukuhlala esikhundleni soMantshonga, John Dunn nabanye) uSibukwa sa udadewabo, uMpangela.
UNdabankulu kaNdlela wayesebuthweni uThulwana elabuthwa ngesikhathi seSilo uMpande. Naye walwa ngakuMntwana uCetshwayo eNdondakusuka mhla zimbili kuZibandlela we-1856. Wahlabana ezimpini.
UGebhuz’ izulu! uCamelis’ umunt’ eSundwini, (uMfongosi ngemuva kwaseNdondakusuka zimbili kuZibandlela ngowe-1856) uNgalo zadliwa zishungu zikaMuhle. (umlungu owayeseZigqozeni) uKhubalo onjengokaBhongo, (indoda yaseMakhabeleni) uMalambul’ odl’ ithole. uJiba bajibe. uMlunguzi wezingoje.
Enye indodana kaNdlela nayo eyayiliqhawe nguMabutho: uHhiya, kuyoba nani? uZul’ ekhethana enqab’ ukuy’ eSandlwana. Omunye ehlehla, omuny’ eya phambili. uNsizwana zawoNongogo kuMtheli kaDlaba.
- Lo mlando ucashunwe encwadini: Izingxabo Zamakhosi Esifundazweni Sakwazulu, Umqulu II. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.