Now Reading
EyoBukhosi baseDahomey ixoxwa ngengqayi
Dark Light

EyoBukhosi baseDahomey ixoxwa ngengqayi

KWABANYE babalingisi abayizilomo engqayini esibe nedumela, iBlack Panther, ngabesifazane ababizwa ngeDora Milaje.  Kule ngqayi laba balingisi abayingxenye yeDora Milaje bavezwa njengalabo abangamabutho aqavile esizweni saseWakanda, okuyizwe mbumbulu ngokwengqayi.

Kokuningi okusematheni ngeBlack Panther yindlela laba balingisi abadlala ngayo le ndima lapho bekhombisa isibindi esesabekayo nokukhonza kwabo isizwe ngendlela ebenza nokuthi baqome ukufa ukuze bavikele uBukhosi baseWakanda.

Uma kujulwa ngomlando wezwekazi i-Afrika, kukhona okukhombisayo ukuthi emandulo sake saba khona isizwe noBukhosi lapho abesifazane babeneqhaza elikhulu kwezempi. Ekuqapheni nasekuvikeleni isizwe nesihlalo soBukhosi, kanye nendlela umbuso ophethwe ngayo. Ulwazi ngezwekazi, ikakhulukazi lolo olukhombisa ukuthi aboHlanga ngokwehlukana kwabo babezakhile izizwe; babenempucuko; benezinhlelo ezimisiwe luqinisa uvo oluthi umlando wethu awuqalanga ngokufika kwabezizwe.

Kepha iqiniso eliza ngolwazi olunjengalolu akuyona into etholakala kalula. Ukwentuleka kolwazi olunjengalolu kudalwa ngokuningi okufana nezaba zaphambilini ezagcina sezenza ukuba umlando waboHlanga ulotshwe yilabo ababesicindezele. Ukulotshwa komlando ngale ndlela bese kuba nomthelela ekutheni noma ngabe bakhona abanentshisekelo yokulandelisisa umlando wethu bangatholi okuqondile, noma abakutholayo kungalunabeli ngobunjalo udaba lwethu.

Kusadliwa ngoludala, kwakukhona uBukhosi baseDahomey, okuthi uma kubhekwa ibalazwe lase-Afrika elisetshenziswa namuhla, lobu Bukhosi bangabekwa ngobabugamanxele amazwe amabili okuyiBenin neTogo. UBukhosi baseDahomey kwaba ngobunye obabuqavile futhi budume kakhulu e-Afrika yasemandulo, obama iminyaka eyevile kwengama-300, kusukela ngeye-1600 kuze cishe kuyele ekupheleni kweminyaka ye-1890.

Uma umlando wombuso woBukhosi waseDahomey ulandelwa, kuye kuvele ukuthi wawuhlanganisa izizwe eziningana, kodwa esasihamba phambili kwakungamaFon. Kokuningi lobu Bukhosi obabudume ngakho ulwazi olunzulu ngokuphatha izwe, intuthuko, nobuhlakani ngakwezohwebo (ikakhulukazi ngegolide) nezinye izizwe ezazikhona ngaleyo minyaka kanye namazwe ase-Europe, ngaphambi kokuba aboHlanga baqolwe umhlaba wabo kwase kuqala ingcindezelo.

Okuphinde kubonakale emlandweni walobu Bukhosi ukugqama nokubaluleka kwendima eyaqathwa ngaMakhosi athize esizwe. Lapha, kungabalwa iNkosi u-Agaja owabusa ngesikhathi sowe-1708 kuya kowe-1740 okunguye owaqala indlela yokubumba nokwandisa isizwe ngokuthi asihlanganise nezinye; yiNkosi uGhezo owabusa ngeminyaka yowe-1818 kuya kowe-1858 owakwazi ukuqinisa indima yabesifazane kwezempi kanye nezwi labo ekuphathweni kombuso, kanye neNkosi uBéhanzin owabusa ngeminyaka yawo 1889-1894 owaba yiNkosi yokugcina, futhi wahola isizwe ezimpini neFrance.

IDahomey, iphinde idume ngobuhlakani bayo ngendlela eyayiphethe futhi icija ngayo ezempi, okwenza ukuba amabutho ayo kube ngamanye ayehlonishwa futhi esatshwa kakhulu. Kukule ndima-ke, lapho iBlack Panther ibonakala sengathi igqamisa  lo mlando walobu Bukhosi. Elinye lebutho laseDahomey, elalihlonishwa kakhulu kwakuyibutho elalibizwa nge-Ahosi. Leli butho  lalibunjwe ngabesifazane bodwa. Ngoba abokufika, besebenzisa ulwazi lwabo, umlando abawubhala ulibiza leli butho ngokuthi kwakungamaDahomey Amazons, okuyigama abalisebenzisa ngoba befanisa leli butho elalikhona ezwenikazi i-Afrika nalelo okwakucatshangelwa ukuthi lake laba khona emlandweni waseGreece.

See Also

Umlando wamazwe ehlukene uveza ukuthi ambalwa amazwe lapho abasifazane babamba iqhaza elikhulu kwezempi, ngakho-ke i-Ahosi ingabalwa njengalabo abayingqayizivele emhlabeni jikelele. Mhla lisungulwa, umlando usifundisa ukuthi, iNkosi eyayibusa yayiqonde ukusebenzisa leli butho njengabaqaphi besihlalo sobukhosi, kepha ekuhambeni kweminyaka lagcina selandile, sekugadlwa nangalo ezimpini. Kwakuthi uma iphakwa impi leli butho elalihlasela ngokufana kanye nabo abesilisa lehlukaniswa kathathu kube khona abangakwesokudla, esokhohlo, kanye nasesifubeni. Laliphinde libe namabutho ayeqeqeshwe ngokwehlukile okwakwenza ukuthi likwazi ukugwaza ngalabo abasebenzisa izibhamu, ababefundiswe ukuciba ngemikhonto, kanye nababeqeqeshelwe ukusebenzisa ombayimbayi.

Ezimpini ezabakhona, ikakhulukazi lezo ezalwa amahlandla amabili phakathi kweDahomey neFrance, ezaqala ekuqaleni kowe-1890 kwaze kwaba ngowe-1894, indima yaleli butho isabatshazwa nanamuhla. Amabutho aseDahomey, alwa lezi zimpi nelaseFrance, emveni kokuba sekucacile ukuthi injongo yalaba bezizwe kwakungukuqumba phansi lobu Bukhosi. Le njongo yafezeka ngonyaka we-1894, lapho iDahomey yashabalala.

Ubuhlakani baleli butho labesifazane, kanye nobukhali balo babusatshwa ngale ndlela yokuthi eminye yemithetho eyashaywa iFrance, emveni kokuqumba phansi lobu Bukhosi kwaba ngukuthi akusophinde kube khona owesifazane ongowokudabuka eDahomey oyovunyelwa ukuba abe yingxenye yezempi noma avunyelwe ukuba atholakale enesikhali.

UBukhosi baseDahomey, obabhidlizwa yiFrance, kanye neqhaza elabanjwa  ngabesifazane abafana nebutho i-Ahosi ukuvikela umhlaba wokhokho esilibone sengathi liyavezwa kancane kuBlack Panther, kuyingxenye yomlando wase-Afrika okhombisa ukujula kobuhlakani baboHlanga, kanye nokwazi ukuziphatha emandulo ngaphambi kokuba kuqale ingcindelezo. Umlando onjengalona akumele wazeke ngoba kuthiwa akubuyelwe emuva, kepha kumele ufundwe ukuze izizukulwane zazi ukuthi kuningi ezingakucosha kumlando wezwekazi okungaba yizikhali zokubhekana nokuningi okusingathe amazwe nezizwe ezahlukene kunokuba kwalokhu kubonwa kungcono ukuncika kulokho okwafika nabezizwe.

  • UMnu uSenzo Ngubane, uNgoti ozimele kwezocwaningo lokudala ukubuyisana nokuthula ezwenikazi i-Africa.
Scroll To Top