Kubhekwe into yamehlo eqenjini le jazz iSons of Africa


ABATHANDA bomculo wejazz bazothokoziswa yizinsizwa ezincane zaseThekwini emcimbini ozoqala ngehora lesithathu ntambama ngeSonto esikhungweni sezobuciko iBAT Centre, khona kwelikabhanana.
Iqembu elizonandisa kuleli iSons of Africa (TSOA). Kulindeleke ukuthi ihlanyise izihlwele kwazise amalungu ayo aseke asebenza nezingqungqulu zejazz. Leli qembu lasungulwa nguQubekani Qbass Mthethwa oxebula isignci kuhlanye izihlwele.
UQhubekani useke wadlalela uRobbie Malinga noMduduzi “Mandoza” Tshabalala ongasekho, uKiernan “AKA” Forbes, uMusa Sukwini, uSwazi Diamond, iJoyous Celebration, uSibongile Khumalo,uBulelwa “Zahara” Mkutukana, uMdu Masilela, iVuka Afrika, uJudith Sephuma, uNtokozo Mbambo nabanye abaningi.
Abanye abakhe leli qembu nguSphelele Nyide odlala iacoustic guitar, uSanele Phakathi oshaya uphiyano, uSbu Zondi odlala amadramu, uThabo Sikhakhane ofutha itrumpet noKgethi Nkotsi odlala itrombone.
UNyide useke wadlalela izinkakha ezinjengoSfiso Ncwane noRobbie Malinga abangasekho, uMbongeni Ngema, uSipho Hotstix Mabuza, uLungile “Naima K” Khumalo ukusho abambalwa.
UPhakathi nophinde acule yena useke wasebenza noMbuso Khoza, uXolisa Roro Gqoli-Dlamini, uBrian Thusi, aMahotela Queens, uPhilani Ngidi, uZakes Bantwini Madida nabanye. USbu Zondi usebenze nomufi uBusi Mhlongo noHugh Masikela abangasekho, uThemba Mkhize, uSalif Keita waseSenegal, uTsepo Mngoma, uJosua Redman.
Emuva kwalo mcimbi kuzobe sekungena uDJ ozodlala amanoni angasukumi phansingesikhathi seChill Session. Kungenwa mahhala kulo mcimbi.