Ihlukane phakathi kusukwa kwelomhlaba


NGALESI sikhathi bekusengathi kunomoya wokujabula nokwamukelana ezweni phakathi kwamaqembu aphikisayo neqembu elibusayo kubukeka konke lokho sekushabalele. Obekwenza kube nalokhu kuzwana kwesikhashana kube wudaba lokwehla esikhundleni kwaloyo obenguMengameli wezwe, uMnu uZuma osuke ngomhla zili-14 kuNhlolanja. Ngesikhathi kwenzeka lokho bekunokukhuluma kokuthi ‘izwe liqala ikhasi elisha’. Ukugijima kwezinto; okube wukufungiswa kukaMengameli uRamaphosa, ukwethula kwakhe inkulumongqangi kanye noguquko kuKhabhinethi kucishe kwafakazela lokho. Njengoba sisho isiZulu ukuthi okungapheli kuyahlola le njabulo ishabalale okwamazolo ngoLwesibili esiphuma kuwo. Lokhu kudalwe yinkulumompikiswano ebishisa phansi ngodaba lomhlaba.
Lapha izinhlangothi bezimbili, kukhona abathi sekuyisikhathi ukuthi zibuye izinkomo, ubuyiselwe umhlaba kulabo owemukwa kubo ngaphandle kwesinxephezelo. Olunye uhlangothi luthi akungabuyiselwa iso ngeso, abangemukwa labo abaqhwaga umhlaba, kuthi lapho bephucwa kumele kube nesinxephezelo njengoba okwamanje kulawula uMthethosisekelo, iSigaba 25. Nxa kuya ngezinkulumo zezinhlangothi zombili kubukeka kungekho ezovuma ukugoba uphondo. Inhlangano ebisekhaleni yalolu daba i-Economic Freedom Fighters (EFF), kayinyanyalati njengoba ize yathi kulolu daba ingaguqula ngisho umgomo wayo wokungasebenzisani neqembu elibusayo i-African National Congress (ANC). Enza isethulo sakhe ePhalamende umholi we-EFF uMhlonishwa uMalema uthe njengeqembu bangayinika ngisho ivoti labo i-ANC nxa ingavumelana nabo ekutheni umhlaba awubuyiselwe ngaphandle kwesinxephezelo.
Akagcinanga lapho ngoba ugcine ngokuphakamisela umunwe abalingani bakhe komasipala iDemocratic Alliance (DA) ngokuthi bazobajezisa nxa beba ngaphesheya kunalokhu abakufunayo. Exwayisa iDA uMalema uthe: “Ngifuna ukumxwayisa umholi weqembu eliphikisayo ngokuthi ukuhlala kwakho ezindaweni ezingamadolobhakazi kuncike ekutheni thina silubuka kanjani udaba lokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo‚“ kusho uMalema bemshayela ihlombe abahlonishwa be-EFF. “Ngiyamexwayisa ngalokho. Yilona daba olungasiqhatha lolu ngoba noma ngabe ubani ophikisana nokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo uyisitha emphakathini wethu futhi lowo muntu kufanele kubhekwane naye ngqo.” Ngokwezibalo i-ANC enamalungu angama-249 ne- EFF enamalungu angama-25 ayidingi amanye amaqembu ukuguqula uMthethosisekelo njengoba kudingeka amalungu angama-267 ukwenza lokho. EMkhandlwini Wezifundazwe kufanele okungenani izifundazwe eziyisi-6 kweziyisi-9 zihambelane nalesi siphakamiso, uKhongolose lokho ungakwenza uwodwa.
Iqembu iDA limile ekutheni lesi siphakamiso se-EFF siyingozi sizobalekisa abatshalizimali. Enza isethulo seqembu lakhe, ilungu leDA, uMhlonishwa uThandeka Mbabama uthe bamile ekuphikisaneni nesiphakamiso athe asikho emthethweni. “IDemocratic Alliance iyohleze iwuvikela uMthethosisekelo wezwe njengoba ikholelwa ekutheni ukuthatha umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo akusona nakancane isixazululo kulolu daba. Kungakho iDA ithi akulandelwe uMthetho banxeshezelwe abazothathelwa umhlaba.” La magama alandela kulawo aphinyiswa
ngumholi weDA uMhlonishwa uMaimane. Lo mholi wathi: “Singayiphuthumisa indaba yokubuyiselwa komhlaba ngokuqeda inkohlakalo nokungsebenzi ngokuyikho. Singaba nengxenye yezolimo esimeme, ekhulayo nenhlobonhlobo enemikhiqizo emangalisayo egcwalisa amashalofu umhlaba wonke.” Ibingeyodwa iDA ekuphikisaneni nalesi siphakamiso. Abebeyeseka yiCongress Of The People (COPE), i-African Christian Democratic Party (ACDP) kanye neFreedom Front Plus (FFP). Nokho igagasi lalabo abeseka isiphakamiso belinamandla njengoba kube yibo abaphumelelayo. Kula maqembu abehambisana nalesi siphakamiso kube yi-EFF ne-ANC. Amanye amaqembu kube yi- Inkatha Freedom Party, i-United Democratic Movement (UDM), iNational Freedom Party (NFP), i-Agang, i-African Independent Congress kanye ne-African People’s Convention. Yize le nkulumompikiswano ilandele umgudu womthetho okwamanje kube khona ukukhala ngesinqumo. “Abatshalizimali ngeke nakancane bezizwe bekhululekile ekufakeni izimali zabo ngenxa yalesi siphakamiso esibucayi kakhulu esifuna ukucutshungulisiswa kahle.
Lokhu sikubona njengodlame oluhlangene nokungathembeki, ukucwasa ngokobuhlanga nokuntshontsha okwenziwa ngabathile ngenxa yezinhloso zabo abafuna ukuzifeza,” kusho iSikhulu Esiphezulu enhlangano elwela amalungelo “abamhlophe” i-AfriForum uMnu u-Ernst Roets etshela esinye seziteshi zethelevishini i-eNCA ngoLwesithathu. Inhlangano yabalimi eNingizimu Afrika, i-Agri SA iveze ukuthi nakuba lolu daba kukhulunywe ngalo isikhathi eside ePhalamende, kepha osopolitiki bakhohlwe izinto ebezibalulekile ebezingabalekelela ekuthatheni isinqumo esizobeka phambili izwe. “Lolu daba luzoba nomthelela ongemuhle kwezolimo kuleli okungaphazamisa izakhamizi zezwe empilweni yazo yansuku zonke kanye nomnotho ozophazamiseka ngezindlela eziningi ezahlukene. Iqiniso ilelo elithi abatshalizimali nalabo bamabhange babuka umhlaba njengomgogodla wokwenza kwabo inzuzo. Lokhu kungabeka engcupheni ukuthi izwe ligqemeke engeqiwa ntwala kwezomnotho ngenxa yokuthi abalimi ngeke besaluthola uxhaso,” kusho isitatimende se- Agri SA.