Now Reading
Kuvuleke amathuba engazalele uMatshana
Dark Light

Kuvuleke amathuba engazalele uMatshana

IFIKE kwezwakala kwezikaqedisizungu imbongi yasesigodini iVulamehlo, eNquthu okumanje imatasa esitudiyo nentandokazi yomculo wakuleli uSjava.

Echaza uKhumbulani Sithole owaziwa ngelikaJobe ngokuhlangana kwakhe noJabulani “Sjava” Hadebe uthe batholana mhla zingama-24 kuNhlolanja nyakenye emcimbini wezimbongi iPoet in Suit eThekwini.

Le nsizwa iqhube yathi uSjava wachazeka ngesikhathi ihaya ngobuchule inkondlo esihloko sithi; Ontanga Yethu okumanje ishisa izikhotha. Ithe ngemuva kwalokhu babe sebehlangana bavumelana ngokuthi kumele kube neculo abazolikhipha elinezinhlavu ezikule nkondlo.

“Kumanje ngiseGoli ukuzosebenzisana noSjava. Ukuchazeka kwakhe ngendlela engahaya ngayo inkondlo kunginike ukuzethemba emkhakheni wezinkondlo. Nakuba okwamanje ngingeke ngande kodwa sebekhona nabanye abaculi asebekuvezile ukuthi bafuna ukusebenzisana nami,” kubeka le mbongi.

UJobe oneminyaka yobudala engama-30 uveze ukuthi kusukela mhla ziyisi-7 kuMbasa ngokuhlanganyela naye uSjava noNsiki Fana Ngxanga weqembu iThe Soil bazoba nochungechunge lwemicimbi yezimbongi nosomahlaya ezozungeza iKwaZulu-Natal nezindawo ezithile eGoli. Luzokwaziwa ngeFana noJobe One Man Poet Show.

“Izindawo esesivumelene ngokuzihambela KwaZulu-Natal yiNewcastle, uMgungundlovu, iVryheid, iThekwu nasEmpangeni. Lapha sizobophela ulozolo losonkondlo nosomahlaya njengoSimphiwe Shembe noSiyanda Maphumulo,” kubeka uJobe.

Phakathi kwezinkondlo le mbongi ezakhele ngazo udumo yiJerusalema, iYehlisa Umoya, i-Udumo, i-Uthando, i-Ontanga Yethu, iThina Bangakhona, iMy Love Love nethi Msizi.

Abanye abaculi asesebenzisane nabo kubalwa uMadala Kunene osanda kukhipa icwecwe i-1959, uMxolisi Majozi owaziwa ngoZulu Boy, unozincwadi uGcina Mhlophe. Ngowezi-2015 iqembu lakhe noFana elaziwa ngokuthi yiFana noJobe lizakhele ugazi likhipha iculo iShalom.

See Also

Leli ciko elineziqu zeCommunication Science elazithola e-University of South Africa (UNISA) ngowezi-2015 liveze ukuthi ukuba nobuchule bokubhala nokuhaya izinkondlo lakuncela kuyise uSithole owaziwa ngoMqansa ongakhwelwa mbongolo.

“Ubaba waziwa ngokuba nobuchule bokuhaya amahubo nokuqamba izinsizwa amagama. Kulokhu nathi ekhaya kasisalanga ngaphandle njengoba sinamagama ethu obunsizwa nobuntombi. Mina wanginika izisho ezithi ngiwu‘Nogwaja ongadinwa yizidubulo’ ngenxa yokuthi bengikhonze umdlalo wekarati. Bengiya emqhudelwaneni phezu kokuba kodlule bengishaywe kanzima. Ngalobu buchule bukababa  bokuhlanganisa amagama ancike ekuhlukaneni kwezehlo ngafunda okukhulu nakuba nganginganakile,” kubeka uJobe.

Uqhuba uthi ngesikhathi efudukela eThekwini ngowezi-2006 wahambela imicimbi yezimbongi nalapho afike wagqugquzelwa ezinjengoSakhile Shabalala owayefunda eDurban University of Technology (DUT). Ube eseveza ukuthi ngelinye ilanga isifiso sakhe wukuvula isikhungo esizofundisa intsha ukuhaya izinkondlo nesizoyicebisa ukuthi ingakwenza kanjani ibhizinisi ukuba yizimbongi.

Scroll To Top