UKomphela ubukeka eseyithola eyokuphatha
Yize izinto zingakahlangani kahle eqenjini iKaizer Chiefs nokho okwenzeka manje kuletha inhlansi yesicoco
UKUMA isibindi komqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve “Mphathi” Komphela wakhetha ukuhlasela kunokuhlala emuva ngesikhathi ezakhe zibhekene neGolden Arrows koweNedbank Cup Last 32 kubuyise ithemba kubalandeli baleli qembu ekutheni kusengenzeka kube khona isicoco elisitholayo uma kuphela isizini.
UKomphela ubegxekwa kakhulu ngokusebenzisa izitobha ezinhlanu emidlalweni yeChiefs, nobekwenza eziMpofana zibe buthuntu uma sezihlasela. Emdlalweni ne-Arrows, uKomphela ubophele iziklwebhisi uSphelele “Stashi” Ntshangase, phambili wafolosa ngoLeornardo Castro ngokubambisana noRyan Moon.
Amakhosi abebukeka eyingozi kakhulu uma eya phambili, nokugcine ngokuthi anqobe ngamagoli amathathu eqandeni adlulela emzuliswaneni weLast 16 kuNedbank Cup. Ukuqala ngabagadli ababili phambili (uCastro noMoon) kubonakala kusazoqhubeka njengoba kusasa ngoMgqibelo iChiefs izotholana phezulu neCape Town City emdlalweni we-Absa Premiership ozoba eFNB Stadium ngelesi-8 ebusuku.
Ukudideka kukaKomphela obekukhona ngemuva kokusayina uCastro noNtshangase ngenyanga edlule, kubonakala sekuzoba ngumlando njengoba bekhombise ukuthi ziningi izinkinga abangazakhela izitha inqobo nje uma bengathola ithuba.
Lokhu kusho ukuthi uSiphiwe “Shabba” Tshabalala, uBernard Parker, uHenrick “Pule” Ekstein, uDumisane Zuma noGustavo Paez bazoba nomsebenzi onzima wokulwela ijezi.
Umdlalo weChiefs neCape Town City ungeminye webalulekile eNaturena, ikakhulukazi njengoba ezikaKomphela neCity zibalwa namanye amaqembu angase adlale umhlanganiso anqobe isicoco se-Absa Premiership.
Ziya kulo mdlalo nje, iCity iphefumulela kuChiefs ngokwesimo selogi. Amakhosi asendaweni yesine kulogi ngamaphuzu angama-31 emidlalweni engama-20. EzikaBenni McCarthy zisendaweni yesi-5 ngamaphuzu efanayo emidlalweni efanayo. Umehluko ngamagoli njengoba iCity isingenelwe ali-18, iChiefs yangenelwa ayi-12.
La maqembu asele kuMamelodi Sundowns ezihola phambili ngamaphuzu angama-38.
UKomphela uvumile ukuthi ukuphelela kwabadlali njengoba sekubuye nabebelimele kumphathisa ngekhanda njengoba kufanele egcine ekhethe abambalwa abazokwakha iqembu losuku (abali-18), aphinde akhethe nabali-11 abazoqala umdlalo.
“Ngesikhathi besalimele abanye bengekho ngezizathu ezahlukene besikhathazekile. Kodwa manje njengoba sebebuye bonke sidunyelwa amakhanda ekutheni sizoqalisa bani siyeke bani. Sibona kuyikhanda elihle nokho ngoba sinabadlali abaningi abaneziphiwo ezehlukene. Okwethu ukukhetha labo abafanele, siqhubeke nokuthola imiphumela emihle,” kusho uKomphela ngemva kokushaya kabuhlungu i-Arrows eFNB Stadium ngeledlule.
Abadlali ababuyile kuChiefs abebelimele uRamahlwe Mphahlele odlalile ngeledlule, uTsepo Masilela noPhilani Zulu. Kubukeka sengathi alizoduma ikhanda kuphela kubadlali abahlaselayo njengoba nasemuva kuthi akufane njengoba kufanele akhethe phakathi kwezitobha eziyisi-9, okubalwa kuzona uDaniel Cardoso, uKgotso Moleko, u-Eric Mathoho, uSiyabonga Ngenzane, uTeenage Hadebe, uMasilela, uZulu, uNtiya-Ntiya kanye noMphahlele.
Ngesikhathi iChiefs neCape Town City begcina ukuzwana amandla ku-Absa Premiership, Amakhosi anqoba ngamagoli amabili eqandeni, emdlalweni owawuseCape Town ngoMandulo nyakenye.
Imidlalo ye-Absa Premiership kule mpelasonto:
- Namuhla ngoLwesihlanu: iMaritzburg United na-AmaZulu FC (eHarry Gwala Stadium ngelesi-8 ebusuku).
- Kusasa ngoMgqibelo: iBaroka FC neChippa United (ePeter Mokaba Stadium), iGolden Arrows neBidvest Wits (ePrincess Magogo Stadium) yomibili iqala ligamenxe elesi-3 ntambama, iKaizer Chiefs neCape Town City FC (eFNB Stadium ngelesi-8 ebusuku).
- NgeSonto: iBloemfontein Celtic nePolokwane City (eDr Molemela Stadium ligamenxe elesi-3 ntambama).