Aqhubekile amaSalga Games nokuveza ikhono phezu kwezinkinga
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMkhambathi FC okuyiqembu eligijima ku-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal usuqinisekise ukuthi umdlali walo ufunwa uthuli amaqembu aku-Premier Soccer League (PSL).
Lowo mdlali uLindokuhle “Sphuzo” Zikhali oneminyaka yobudala eli-19. UZikhali ugqame ngemidlalo yaminyaka yonke eyaziwa ngokuthi ama-South Africa Local Government Association (SALGA) Games.
Nonyaka le midlalo ebibanjelwe kwisifunda iKing Cetshwayo, iqale mhla ziyi-7 kwephezulu yasongwa ngempumelelo ngeSonto eledlule.
UZikhali odlala enkabeni yesisu ubengukaputeni weSifunda UMkhanyakude, owagcina uphume endaweni yesithathu kunobhutshuzwayo.
“Kuliqiniso ukuthi uZikhali ugaqelwe amaqembu adlala ku-PSL, ngenxa yokumvikela ngeke sawabalula amaqembu ngaphambi kokuthi kuze kuphele izingxoxo nawo. Uma kungathiwa ugcine esayina kungaba into enhle kakhulu ngoba uyobe ephephezelisa ifulegi leqembu lethu. Sizomkhulula kahle, simnike nezibusiso. Ungumfana omncane onekhono eliyisimanga” kusho esinye sezikhulu zoMkhambathi FC.
UMkhambathi FC wenza kahle kakhulu njengoba eqoqweni kuyiwo ohlezi phezulu kulogi.
Elinye lamaqembu avelayo kwamfunayo iBlack Leopards edlala kuMotsepe Foundation Championship, kanti lawa amanye amabili adlala kwiDStv Premiership.
Omunye umdlali okuvela ukuthi uthole amadlelo aluhlaza u-Andile “Hotto” Ngwenya oneminyaka eli-17, obedlala kompetha bama-SALGA kulonyaka isifunda iKing Cetshwayo.
Kuvela ukuthi usayiniswe iyona iBlack Leopards, ehlezi endaweni ye-11 kulogi yeMotsepe Foundation Championship.
Akubona abokuqala labadlali abadlale imidlalo yamaSALGA, abathole aluhlaza.
Abanye asebeke badlala lemidlalo uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni owagqama kwi-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSiyabonga Nkosi owadlalela iKaizer Chiefs, uVeronica Phewa no-Amanda Dlamini abagcina ngokudlalela iBanyana Banyana.
Nakweminye iminxa yemidlalo bakhona okubalwa uBongumusa Mthembu oseke wanqoba iComrades Marathon amahlandla amathathu noBongiwe Msomi odlalele iqembu lesizwe lomnqakiswano iSpar Proteas.
Ongusihlalo wamaSALGA Games, esifundazweni iKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, ukujabulele ukuhamba kahle kwemidlalo phezu kokuba ungaxhaswanga nguMnyango wezeMidlalo esifundazweni.
Minyaka yonke lo mqhudelwano ubuxhaswa uMnyango weZemidlalo esifundazweni, kodwa kulokhu akwenzekalanga nokubukeka engathi kudlalwa umdlalo wepolitiki.
Ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni amaSALGA Games akulonyaka uNtuli wakubeka kwacaca, ukuthi lemidlalo akuyona eyakaNtuli noma eyeqembu elithize lepolitiki kodwa eyabantu baKwaZulu-Natal.
“Injabulo enginayo iyachichima ngendlela le midlalo ebe yimpumelelo ngayo. Uma kuwukuthi mhlawumbe bakhona labo abebengafisi ihambe kahle, ngikholwa wukuthi bajabhile. UMnyango wezeMidlalo KwaZulu-Natal uthathe isinqumo sokuba uhoxe ekuxhaseni le midlalo. Nakhona awangasazisa ukuthi uyahoxa. Ezingxoxweni esibe nazo noMphathiswa wezeMidlalo savumelana ukuthi bazoba yingxenye yale midlalo njengomnyango.
Kodwa-ke ngabe sengizwa ngomunye umhlangano owabakhona okwakukhona kuwo uNdunankulu Wesifundazwe (uNomusa Dube-Ncube) namanye amalungu eKhabinethi, nokuyilapho okuvele ukuthi kwaba khona ukuphikisana, uNdunankulu ethi uMnyango weZemidlalo awungayixhasi le midlalo, abanye bethi ayixhaswe. Kodwa konke lokhu kwenzeka nje ngizwa ngendaba ngoba awusazisanga uMnyango ngokuhoxa kwawo,” kusho uNtuli.
Kwizinkampani ezixhase le midlalo iMathole Funeral Services, iCebolethu Funeral, iThala Bank ne-Aquelle.
Imiphumela yamaSALGA ka-2023 ime kanje:
Modeling: uMzinyathi
Ibhola labesilisa: King Cetshwayo
Ibhola labesifazane: EThekwini
Karate Full Contact: Ilembe
Netball yabesilisa: King Cetshwayo
Netball yabesifazane: King Cetshwayo
Rugby yabesifazane: King Cetshwayo
Rugby yabesilisa: King Cetshwayo
Volleyball yabesifazane: uMkhanyakude
Velleyball yabesilisa: uMkhanyakude
Basketball yabesifazane: uMgungundlovu
Basketball yabesilisa: uMgungundlovu
Boxing: EThekwini
Darts: EThekwini
Chess : EThekwini
Athletics: EThekwini
Tennis: EThekwini
Table Tennis: EThekwini
Karate Semi Contact: EThekwini