Now Reading
Besabela ukuphepha kwezingane eComTech kwelukagesi
Dark Light

Besabela ukuphepha kwezingane eComTech kwelukagesi

ABENEME abazali bezingane ezifunda esikoleni Umlazi Comprehensive Technical High School esidume ngeComTech njengoba kuthiwa sekuphele izinsuku kukhanyiswa ngamakhandlela kulandela ukuvalwa kukagesi. Abafundi abahlukumezeke kakhulu ngabahlala ngaphakathi esikoleni.

ElaboHlanga lithole ukuthi abazali batshelwe ukuthi kumele bakhokhe imali ethe xaxa kulo nyaka njengoba lesi sikole sinezikweletu eziningi okubalwa ezentela yamanzi nogesi.

Abazali batshelwe ukuthi emalini abebejwayele ukuyikhokha esigabeni sokuqala sonyaka eyizi-R5 500 isizokwenyuka ibe yizi-R7 500 kulo nyaka. Into ekhalisa abazali ukuthi izingane zabo zikhanyisa ngamakhandlela, besabela ukuthi mkhulu umonakalo nobungozi obungadalwa ikhandlela.

Omunye wabazali ocele ukungadalulwa ongowaseNdwendwe ubikele iBAYEDE ukuthi kubaphethe kabi okwenzeka kulesi sikole.

“Kuqala unyaka besitshelwa ukuthi ayikho ingane ezokwamukelwa le mali eyizi-R7 500 ingayikhokhile. Sikwenzile lokho. Into esikhathaza kakhulu ukuthi kungani bengasitsheli singabazali ngesimo esiqhubekayo. Sihlala kude naseMlaza, alukho ulwazi esitshelwa lona ngesimo esesidonse iviki lonke senzeka. Sihlalele ovalweni ngesimo sokuphepha kwezingane zethu ezikhanyisa ngamakhandlela ekubeni sikhokhile.”

Bonke abazali abebethintwa elaboHlanga bebecela ukungadalulwa ngezizathu zokuvikela izingane zabo. Omunye wabo uthe, “Siyakhokha kulesi sikole futhi kunemali eqhamuka kuHulumeni njengoba naso singaphansi koMnyango Wezemfundo. Kungani singenziwa ngcono isimo saso, ucingo olubiyile alukho esimweni sokuqinisekisa ukuphepha kwezingane zethu. Indawo yaseMlaza iyilokishi futhi ihlala abantu abehlukahlukene abangaba nezinhloso ezimbi ngezingane zethu.

Sihlale sitshelwa ukuthi lesi sikole sisezikweletini, futhi kukhona ukuthuthukiswa kodwa asikuboni kwenzeka. Isimo esifana nalesi asiqali ukwenzeka njengoba nangonyaka wezi-2015 abazali bake bathunyelelwa incwadi isigungu esimele abazali kulesi sikole eyayithi isikole sikweleta imali eyizigidi ezingu-R1,6 kuMasipala ngenxa yokungakhokhelwa kwamanzi nogesi.

See Also

IBAYEDE ithole ukuthi kwesule uthishanhloko uMnu uLucky Luthuli, kwangena uMnu uNathi Shandu oqale ngonyaka odlule. Ngenkathi uShandu ebuzwa ngalolu daba ukuqinisekisile ukuthi isikole siyaqhubeka nokufunda nokufundisa wabe esethi akukho okwehlukile ngokuphela kukagesi, kufana nalokhu okwejwayelekile okwenzeka emakhaya.

Ube esenxusa ukuthi kuxhunyanwe noMnyango ngoba yena akavumelekile ukukhuluma nabezindaba.

Okhulumela uMnyango Wezemfundo KwaZulu Natal uMnu uSihle Mlotshwa uthe bazisiwe ngalolu daba selusezandleni zeNhloko yoMnyango esifundazweni ngenhloso yokululungisa ngokushesha. “Okwamanje akukakaziwa ukuthi lesi sikole sikweleta malini kuMasipala.”

Scroll To Top