Now Reading
Isiqhwaga sinkonkoshela amankwahla kube mnyama izoco
Dark Light

Isiqhwaga sinkonkoshela amankwahla kube mnyama izoco

Kuningi okwaqhamuka noHulumeni wabantu lona abanye abawubiza ngokuthi uHulumeni Wentando Yabantu. Kwakhona nje ukuthi aboHlanga bakwazi ukuvota kwaba ngokunye okubabazekayo okwaqhamuka nalo Hulumeni.

Kwabe uyenzile indaba uHulumeni wabantu ngokuvulela aboHlanga ithuba lokuvota. Usuke uzwe nobanjwe yithwabi okungasakhulumeki nakahle ethi wavota. Lona usuke edle ukudla kwamudla kodwa angakhohlwa wukuthi wavota yena. Akube kusaqondakala-ke noma yikho yini ukuvota lokhu okumenza angabe esazazi nokuthi uwubani igama lakhe.

Ukuvota kwazo zonke izinhlanga kwafana nokuphuma kwelanga kade lilokhu liyidliva lingasaziwa.

Kukhona okuthanda ukuzimukisa amakhanda osekubuye kwaqhamuka kuwo lo Hulumeni wabantu. Uma ngibheka le mpambankwici yayingeke idalulwe ngenkathi kusaphethe uHulumeni wobandlululo. Le nqabakayitshelwana esisanda kuzwa ngayo yilena abathi uma beyibiza abayaziyo bathi ukuqhwagwa kwamandla ombuso. Wena ongazi ukuthi kukhulunywa ngani ugcina unwaya ikhanda uzama ukuthola ukuthi hlobo luni lwesimilamongo lolu okukhulunywa ngalo. Ngeke ubathinte laba abayiqonda kahle le ngwadla.

Bathi uma beyicana beyihlalele le nsambatheka abangafuniseli ngayo bathi ukubanjwa kombuso ngamankwahla. Uma uzwa kukhulunywa kanjena uvele ujiyelwe ukuthi pho sizothi webani asabele kuphi uma kanti umbuso unkonkoshelwe ngamankwahlwa. Kusho ukuthi akukho nokuncane ukukhululeka kombuso ukwazi ukufeza zonke izidingo zezakhamuzi uma kukhona abawunkonkoshele ngamankwahla. Uma unkonkoshelwe ngamankwahla phela ugcina ubholokoqe nalokho obungeke ukwedlulisele komunye umuntu. Kanti kusuke kusiniswa amahleza yini uma umuntu enkonkoshelwe ngamankwahla?

Okungachazeki kahle kulesi simo wukuthi ukuphi noma bakuphi laba abancishe umoya umbuso bawubamba ngamankwahla? Kusobala ukuthi bawunkonkoshele bebuqamama bese bewenzisa noma yini leyo abathi mawuyenze umbuso. Uma ubabuza labo “mana lapha ngikutshele” ukuthi bakususelaphi lokhu ugcina usufana novumazonke. Kugcina sekulukhuni kuyitshe ukuthola ingonyuluka yale ngwadla.  Umuntu ugcina esekutshela inkithinkithi yezinto wena owezwa umuntu evela ohlanyeni. Kule nkithinkithi yezinto akukho ongabambelela kukho uma ungeyena umngani wenzwabethi.

Uyaqala uzame ukuluhlaziya kahle lolu daba ubuze ukuthi lo munwe okhomba umbuso ngakube awukhombi yini endaweni eyodwa? Ngakube umbuso ungene wodwa kulo mwowane noma kukhona nezinye izinhlaka nazo ezikhalakathele enzolobeleni yomwowane? Uma uphosa iso ezinkantolo likhulu kangakanani iqiniso lokuthi zona zimsulwa aziqhwagiwe amandla azo? Uke umuzwe uMehluleli uma entenguza efunda isinqumo senkantolo ngecala elithile? Kukhona lapho umbona khona ukuthi sengathithi usefisa ngisho ukusukuma angahlali phansi. Ngakube kusuke kusewubumnandi bomthetho bonke lobu noma kusuke sekunenhlese yokuqhwagwa kwamandla?

Kukhona ezinye izinqumo zezinkantolo ezikhishwa seliyozilahla kunina. Awuzwa ngamathizethize abebambe ukuthi lezi zinqumo zikhishwe zisaklaba emadlelweni kungaphuthunywa lutho. Izinqumo ezikhishwa yizinkantolo ngalolu hlobo kuba sengathithi beziwumgoqo kwabathile ukuze zithi uma ziphuma bese behlanza ngedela. Kuba lukhuni kube satshe ukucaciseleka ukuthi ngobani abaqaphe izinkantolo kule nkiyankiya yokuqhwagwa kwamandla. Awuyitholi impendulo ephusile uma ubuza ukuthi zingasinda kanjani zona izinkantolo ekuqhwagweni kwamandla ngoba nazo zisebenza ngabantu hhayi imishini.

Kukhona izingcwepheshi ezibizwa ngabahlaziyi abazimele. Umbuzo oba khona kule ndaba yokuqhwagwa kwamandla ngothi kungakanani ukuzimela kulaba bahlaziyi okuthiwa bazimele? Ngakube njalo uma behlaziya bahlaziya bungabi bikho nobuncane ubujikankezo ekuhlaziyeni kwabo? Ubani noma ngobani abacubungula okushiwo ngabahlaziyi abazimele ukuthi akunakho nokuncane ukuqhwagwa kwamandla? Ukhona yini ongathi yena unobufakazi obuqanda ikhanda bokuthi awaqhwagiwe amandla abahlaziyi abazimele? Linzima igama elithi ukuqhwaga.  Oqhwagiwe usuke engeke aphinde akuthole lokho aqhwagwe khona.

Uma umbuso kuthiwa uqhwagwe amandla kusho ukuthi usufana nenkunzi ephakuliwe. Ukuphakulwa kwenkunzi kuchaza ukuthi akukho hlobo olusalindelwe kuleyo nkunzi. Isuke isifana negovu lenja elikhonkotha bulala.


  • UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazamazwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.
Scroll To Top