IDRC ichithe ukungenelela kukaMbeki ezinkingeni zayo


NAKUBA laziwa iqhaza leNingizimu Afrika ekuxazululeni izinkinga nemibango emazweni ase Afrika kodwa iDemocratic Republic of Congo (DRC), kubonakala ingasakushayi mkhuba lokho njengoba ichithe owayenguMengameli wakuleli uMnu uThabo Mbeki. UMnu uMbeki ubejutshwe uMengameli uCyril Ramaphosa njengomunye wabaxazululi eDRC. Igama likaMbeki liqinisekiswe ngempelasonto edlule ngumkhulumeli wakhe emuva komhlangano weSouthern African Development Community (SADC) eWindhoek, eNamibia.
Okhulumela uHulumeni waseDRC uMnu uLambert Mende uthe batshelwe ngesinqumo sokuthunyelwa kukaMbeki ezweni ngoMsombuluko futhi abanankinga bazokwamukela noma yini eqhamuka kuSADC. Kamuva umeluleki kaMengameli uJoseph Kabila ezindabeni zamazwe uMnu uBarnabe Kikaya bin Karubi utshele abezindaba baseDRC ukuthi uHulumeni angeke wamukele abanye abaxazululi ezweni ngaphezu kwalaba abakhona.
Uqhube wathi ababethunyelwe ngaphambilini okuhlanganisa labo ababephuma ngaphansi kwe-European Union, i-United Kingdom, ne-USA abazange bazibeke phambili izinkinga zeDRC nalokho eyayikufuna. Uphume iqhubu noRoss Feingol noTom Perriello ababengabaxazululi eGreat Lakes athi babelibele ukugxeka uMengameli uKabila ngokwelula isikhathi sokuphatha kwakhe nakuba sase siphelile. Ngenxa yalokhu uKikaya uthi bayabonga manje ngabaxazululi.
NoMende ubuye wazwakala esecula elinye iculo esevumelana noKikaya esethi bayambonga uMbeki eDRC. “Isiphakamiso seNingizimu Afrika sichithiwe,” Izwe alisabadingi abaxazululi ngoba bajike bazenze abazi kangcono. Abafuni ukuhlonipha imithetho yezwe, sifuna ukuziphathela izwe ngendlela yethi,” kugcizelela uMende. Abahlaziyi bezepolitiki eDRC bathi isinyathelo sikaKabila sokuvimba abaxazululi bangaphandle sikhombisa ngokusobala ukuthi uKabila uzimisele ngokuqhubeka nokuhlala esihlalweni futhi nabaxazululi bangaphandle bagcine bengenakho abangakusho ngokhetho oluzoba ngoZibandlela.
UKabila kwakumele aphume esikhundleni ngowezi-2016 kodwa namanje usahleli ude ebeka izaba njengokuthi uhlu lokhetho olusetshenziswayo seluludala kakhulu. Ukuchithwa kukaMbeki kunyuse izinhlonzi ngoba amagalelo akhe ekuxazululeni izinkinga zaseDRC, ayaziwa eseyisekela likaMengameli waze waba nguMengameli. Wayesekhaleni lezingxoxo zaseDRC esivumelwaneni saseSun City lapho kwaphela khona impi yomkhaya ngowezi-2006. UKabila usephathe amahlandla amabili kusuka ngowezi-2006 waphinda wanqoba ukhetho ngowezi-2011.