Now Reading
Izinsika zikaZulu zibabaze umuga
Dark Light

Izinsika zikaZulu zibabaze umuga

Seziphefumulile izinsika zikaZulu, aMakhosi ngodaba olusematheni kulezi zinsuku. Emhlanganweni obuhanjelwe cishe yiwo wonke aMakhosi kanye namabamba kweleNdlovukazi uMthaniya, kube nokuvumelana ukuthi lesi siphakamiso esenziwe yiSigungu Esisezingeni Eliphezulu siyingozi esimisweni soBukhosi bukaZulu namuhla nangunaphakade. AMakhosi abuke lesi siphakamiso njengemizamo engcolileyo yokuqeda ngoBukhosi.

USihlalo weNdlu Yobuholi Bomdabu KwaZulu-Natal, INkosi yesizwe saseMaDungeni uPhathisizwe Chiliza uthe, “Lo mhlangano ubaluleke kakhulu kithi njengoZulu ngodaba olujule kakhulu oluthinta isizwe sonke.  Uma ukhuluma ngodaba lomhlaba usuke uthinta izingxabo zethu uma uthi ufuna ukuthatha lamanenjana omhlaba osele ufana ngokugwaza ngomkhonto ekujuleni kwenhliziyo. Kwathi uNdunankulu kaZulu, uMntwana wakwaPhindangene yena wethulela umhlangano umlando ngokubunjwa kwe-Ingonyama Trust nathe kazisoli ngokukwenza ngoba wabe ekwenzela ISILO nesizwe ukuze umhlaba kaZulu ungagcini usuphethwe nguHulumeni.

Ngokomlando kwaba nguHulumeni wakwaZulu ngonyaka we-1994 owaqhamuka nomthetho owabumba Ingonyama Trust nokwaba wumthetho wokugcina owashaywa nguHulumeni wakwaZulu. UMntwana wabe enguNdunankulu kuHulumeni wakwaZulu.

Cishe izikhulumo zonke bezivumelana ukuthi okuphakanyiswayo ngamalumbo nokuthi abeze nezincomo bakhomba iSihlalo ngomunwe.  AMakhosi abuye aqaphela ukuthi abahlanganise lo mbiko neziphakamiso abantu abangakaze babuthande uBukhosi kusuka ezinkulumweni zabo ezedlule. Igama likaDkt u-Aninka Claassens yilo ebelivela njengomuntu okube yiphutha ukuba kunikezwe yena umsebenzi wokwenza uncwaningo ngoba imizwa yakhe ngoBukhosi ne-Ingonyama Trust akayifihli. Khona lapho aMakhosi aphawulile ukuthi ucwaningo lolu okuthiwa lwenziwe bekunyanyalatwa nje “kufundunyezwa inhlamba”, ekade yayishiwo ngoBukhosi.

USihlalo we-Ingonyama Trust Board uMehluleli uJerome Ngwenya likuchithe okuphakanyiswa yiSigungu Esisezingeni Eliphezulu sathi empeleni kuyaphikisana nomthetho wezwe. “Uma kwephucwa umphakathi neSILO umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo lokho yinto engeke size siyivumele ukuthi yenzeke ngoba noMthethosisekelo awukuvumeli lokho. Kuthiwa sivimba intuthuko pho kungani singayiboni leyo ntuthuko lapho kungaphethe khona Ingonyama Trust.”

Kanti uSolwazi uJabulani Maphalala yena uveze ukuthi lokhu okuphakanyiswayo wukuqhubeka kokuqolwa kwezwe lamaZulu okumele kunqandwe.

Isinqumo esithathwe aMakhosi sithe: Thina Makhosi aKwaZulu-Natal ebesihlangene lapha eNkosi Albert Luthuli ICC, eThekwini ngomhla zingama-24 kuya zingama-25 kuMasingana 2018, siphawula futhi sinquma ngale ndlela elandelayo: Sikulandele futhi sakuqonda okuqukethwe umbiko eSigungu Esisezingeni Eliphezulu ebesiholwa uMnu uMotlanthe, oke waba nguMengameli wezwe isikhathi esifushane nesekela likaMengameli.

Lo mbiko kafuphi uqukethe izincomo ezithi: Ingonyama Trust kumele yesulwe ngokusemthethweni ukuze iphele futhi impahla yayo, izikweletu kanye nakho konke okungokweTrust kwedluliselwe kuNgqongqoshe oqondene nezemihlaba.

See Also

Uma kungenzeki ukuchithwa kwalo mthetho ngokushehsha kuzomele umthetho owakhe iNgonyama Trust uchitshiyelwe ukuze ukuphathwa komhlaba kuphume ngaphansi kokuphathwa ngaMakhosi ne-Ingonyama Trust.

Sikuqaphelile ukuthi ubufakazi lesi sigungu esithi buholele kulezi zincomo elizenzile buyincikinciki, abunasisindo buyathunaza futhi abethembekile. Kuyacaca futhi ukuthi labo abathintekayo ISILO aMakhosi, izizwe kanye neBhodi le-Ingonyama Trust abazange banikezwe ithuba lokuziphendulela.  Okubuye kuthunaze kakhulu ngalo mbiko ukuthi umbhali wawo uDkt u-Aninka Claassens isitha esidala soBukhosi kanye ne-Ingonyama Trust. Uma umuntu ebhekisisa lo mbiko umuntu kutholakala ukuthi imbiza endala kaDokotela Claassens amane wayifudumeza nje.

SingaMakhosi aKwaZulu-Natal sinqume kanje: Lezi zingxenye zombiko ezithinta ukuqedwa kwe-Ingonyama Trust ezisembikweni weSigungu Elisezingeni Eliphezulu lika Mhlonishwa uMnu uMotlanthe  siyazichitha zonke njengento engenasisekelo futhi engafanele ukuhlonishwa. Akuhlelwe umhlangano waMakhosi neSILO ukuze siyobikelwa ngakho konke osekwenzekile mayelana nalolu daba.

Sicela ukuba kuhlelwe umhlangano nalesi Sigungu sizochaza ngalo mbiko waso kanye nenhloso yaso. Lapho lesi Sigungu simenywa asaziswe ngalesi sinqumo ngokubhalwe phansi. IBhodi le-Ingonyama Trust liyanxuswa ukuba liqinisekise ukuthi lezi zinqumo ziyafezeka ngokushesha.

Scroll To Top