Now Reading
Ibekelwe amazolo eFNB kuChiefs neDowns
Dark Light

Ibekelwe amazolo eFNB kuChiefs neDowns

La maqembu agawule izinduku ezintsha azogadla ngazo uma esetholana phezulu okwesibili kule sizini

 

HLAZO lokushaywa kabili kulandelana yizinkunzi zaseSoweto kuyinto umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane angayiphuphi ngisho elele, ngenxa yokuthi iyohudulela phansi igama lakhe neleqembu.

Uma amaBrazilians enganqoba kuChiefs kusasa ngoMgqibelo, akukhona ukuthi kangeke kwehla kahle
kumqeqeshi waleli qembu uSteve “Mphathi” Komphela kuphela, kepha kungehlisa izihlathi emaqenjini okwamanje abukeka ejaha isicoco se-Absa Premiership okuyiCape Town City, iFree State Stars, iMaritzburg United kanye ne-Orlando Pirates.

Ukuqagela nezifi so kuzophela konke kusasa ngoMgqibelo uma Amakhosi esetholana phezulu naBafana Ba Style, eFNB Stadium, eNasrec ngehora lesi-8 ebusuku emdlalweni we-Absa Premiership. Amasontweni
amabili edlule, iSundowns ithelwe othulini iPirates nagamagoli ama-3 kweli-1, eshayelwa ekhaya eLoftus Versfeld ePitoli. Nakuba umdlalo wayo wakamuva ewudlale nePlatinum Stars iwunqobe ngamagoli amathathu
eqandeni, kepha abalandeli bamaBrazilians kangeke kwehla kahle ukuphindwe ngelinye iqembu laseSoweto, iChiefs, esikhathini esingangamasonto amabili.

Okuqinisa idolo abalandeli beSundowns ukuthi ukuthi emidlalweni eli-18, amaBrazilians esevalele phakathi amagoli angama-31, aqhwakele esicongweni selogi ngamaphuzu angama-34.

Ngakolunye uhlangothi iChiefs isahlohle amagoli ayi-17 emidlalweni eyi-18. Lokhu kusho ukuthi iSundowns emdlalweni ngamunye ikwazi ukushaya okungenani amagoli amabili, kanti iChiefs ikwazi ukushaya igoli elilodwa umdlalo ngamunye ngokwezibalo.

Lokhu kungahumusheka ngokuthi nakanjani iSundowns izolishaya igoli elilodwa noma amabili kulo mdlalo, umbuzo-ke usungathi ngabe iChiefs izokwazi yini na ukushaya igoli elilodwa noma amabili kulo mdlalo ngenxa
yezibalo ezikhombisa ngokusobala ukuthi aziyiboniswa kahle inethi ezikaKomphela.

Okuqinisa idolo eziMpofana ukuthi ngeledlule zikwaze ukushaya iBaroka FC okokuqala ngqa kusuka ngowezi-2011. Igoli lokunqoba leChiefs livalelwe phakathi uLeornado Castro waseColombia obedlala umdlalo wakhe wokuqala kuleli qembu selokhu ethengwe kuyona belu iSundowns kwephezulu.

UCastro kungenzeka kube nguyena othwesa kanzima amaBrazilians kwazise uwazi njengoba ezazi nezitobha
zayo uziqonda kangcono. Okuqaphelekayo ukuthi neSundowns isayinise umgadli oseqophelweni eliphezulu uJeremy Brockie, odabuka eNew Zealand, wazakhela igama kuleli esagijima kuSupersport United.

Lokhu kungasho ukuthi labagadli bobabili bazofi sa ukuzibonakalisa kulo mdlalo baziphendule izithandwa
zabalandeli ngokuvalela amagoli. Ngesikhathi la maqembu egcina ukushukana, iKaizer Chiefs inqobe ngamagoli amabili kwelilodwa ngoMfumfu nyankenye, eLoftus Versfeld. Amagoli eziMpofana avalelwa phakathi uSiyabonga
Ngezana noBernard Parker kwathi elokubika leSundowns lashaywa uThemba Zwane.

Okunye okuzokwenza lo mdlalo ushise, ukuthi uma iChiefs ithola amaphuzu amathathu izonyukela endaweni yesibili kulogi, ngamaphuzu angama-32, isale kuSundowns ngamaphuzu amabili. Ukunqoba kwamaBrazilians
kungawabeka emaphuzwini angama-37, ngaleyo ndlela ivule igebe lamaphuzu ayisi-8 kuChiefs esicongweni selogi.

Kumasizini amabili nesigamu uKomphela ecija iChiefs, ubengakanqobi nesisodwa isicoco kuze kube manje. Kepha muva nje, ithemba libonakala libuya kubalandeli beziMpofana njengoba kulonyaka wezi-2018, Amakhosi engakehlulwa ku-Absa Premiership. Adlale ngokulingana neSupersport kuqala unyaka kuba yiqanda nhlangothi zombili. EzikaKomphela zibuye ngemuva kuPolokwane City zilandela ngegoli elilodwa eqandeni, zakwazi
ukunqoba lowo mdlalo ngamagoli amabili kwelilodwa. Kube ngesifanayo ngesikhathi zidlala neBaroka FC ngeledlule, nakhona zibuye ngemuva zinqoba lo mdlalo ngamagoli amabili kwelilodwa.

See Also

Ukubuya ngemuva kweChiefs, kuyamjabulisa uWillard Katsande oyinjini yaleli qembu njengoba ekholelwa ekutheni bakhombisa izimpawu zokuthi bangasinqoba isicoco seligi.

“Ngibona kuwukuguquka kwezinto njengamanje ngoba asisabheki emuva siya phambili kuphela. Indlela esidlala ngayo ikhombisa ngokusobala ukuthi siyasifuna isicoco seligi. Ngifi sa ukujabulela izitobha zethu ezisebenza ngokuzikhandla, ikusasa libonakala lilihle kakhulu,” kusho uKatsande ngemva kokunqoba umdlalo neBaroka FC.

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMosimane uveze ukuthi obekumkhathaza kakhulu emidlalweni emine yabo
yakamuva ukuthi bebengenelwa amagoli. Ngesikhathi beshaya i-Ajax Cape Town ngamagoli amabili kwelilodwa emasontweni amathathu, bangenelwa yigoli.

Kube sekungena amathathu bebhekene nePolokwane City egcine ngokubashaya ngamagoli amathathu kwamabili. Nokho ukunqoba ngamagoli amathathu eqandeni ngeledlule kumthokozisile uPitso.

“Ngijabule ukuthi asingenelwanga yigoli, nokuthi sikwazile ukuhlohlwa amagoli angaphezu kwamabili.
Besibhekene nenkulu inking yokuthi emuva bekuvuza, ngakho uma izinto sezihamba ngale ndlela, ngibona ibambe ngakho. Kuyangijabulisa nokuthi uKhama Billiat ushaye amagoli amabili sekunesikhathi agcina
ukubhakuzisa inethi, uma ngingaphosisi ugcine ngonyaka owedlule,” kuchaza uPitso.

 

Scroll To Top