Now Reading
Liyohlala linkenteza lelo cilongo ezindlebeni zomhlaba
Dark Light

Liyohlala linkenteza lelo cilongo ezindlebeni zomhlaba

UMCULO wakhe ovusa uhlevane ngendlela aboHlanga ababephethwe ngayo ngaphansi kombuso wobandlululo eNingizimu Afrika kuyohlala njalo kuyisikhumbuzo sokuthi elakuleli lake labusiswa ngeqhawe emculweni, uHugh Ramopolo Masekela obaziwa kakhulu ngelika”Bra Hugh”.  Lesi sithwalandwe kwezomculo esazalelwa KwaGuqa eMalahleni, eWitbank zizi-4 kuMbasa ngowe-1938 besithathwa njengobaba womculo weJazz nedlozi lomculo kuleli ngoba bese sibalwa nabambalwa abasadla anhlamvana kule ndima. UMasekela wedlule emhlabeni ngoLwesibili ekuseni esibhedlela eGoli emuva kokuxinwa umdlavuza abehamba nawo kusuka ngowezi-2008. NgoMfumfu wezi-2017 wahoxisa ikhonsathi lakhe elikhulu ayezocula kulo ngoba ethi impilo yakhe iyona ayibeka phambili.

Usebenze nabaculi abaziwayo asebalandulela leli njengoBrenda Fassie, uMirriam Makeba, uSimon ‘Mahlathini’ Nkabinde, uRay Phiri, uMduduzi ‘Mandoza’ Tshabalala, uWest Nkosi nabanye. Akulahlekelwanga elakuleli kuphela ngokwedlula kwakhe emhlabeni, kodwa nomhlaba wonke ushayekile ngoba umculo wakhe ubudlalwa emazweni amaningi uvuselela futhi uthandwa nayizinhlanga zonke. Ngesikhathi esaphila ukwazile ukubhebhezelisela phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika ngomculo futhi engahlonizi nokugxeka uHulumeni wobandlululo esebenzisa umculo. Iphimbo lakhe necilongo abelifutha kuzwakale kube nesandla esikhulu ekudaleni uguquko kwezepoliti ezweni. Ukukholelwa kwakhe ezintweni ezithile nokungahlonizi ngokugxeka ubandlululo nokucwasa kwaba nomthelela ekutheni ezinye zezingoma zakhe zivalwe kuleli, kodwa ziqhubeke zadlalwe kakhulu emazweni angaphandle.

Umculo wakhe wawugxeka kakhulu ukukhishwa inyumbazane kwaboHlanga, ukugqilazwa, nezimo ezinzima ababehlala ngaphansi kwazo. Ingoma yakhe ekhuluma ngeStimela samalahle, yayiwubufakazi bezimo ezazibhekene namadoda oHlanga ngaphansi kobandlululo. Sibuhlungu ngokushiywa yileli qhawe njengoba sisapholisa amanxeba okulahlekelwa inkakha yomculi nomdidiyeli uRobbie Malinga. Imisebenzi emihle kaBra Hugh iyomlandela uzohlala njalo ekhunjulwa nayizizukulwane ngomnikelo awenzile esebenzisa umculo esizweni nasemhlabeni jikelele. Makaphumule ngokuthula.

See Also

UNgqongqoshe Wezobuciko uMnu uNathi Mthethwa ubeke amazwi amchaza ngqo uMasekela uma ethi ngomculo wakhe usibusisile isizwe wabuyisa nethemba  njengoba namuhla sesiphila esikhathini esehlukile. Ukuhamba kwakhe kuzovula igebe emculweni we-Jazz okungaba isibusiso ukubona kuvumbuka abanye abaculi abazokwedlulisa umyalezo njengaye. Amaciko akithi anenselelo enkulu yokuqala izikhungo ezizocija abezayo ukuze kuthi noma bona bephangalala imisebenzi yabo iqhubeke kuzalwe abanye abayofana nabo.  Sikhala sibuya nganeno ngoBra Hugh ngoba ulibambile iqhaza lakhe wasishiya nokudla komphefumulo kwangunaphakade.

Scroll To Top