IZwi likaNkulunkulu lingaphezu kwabefundisi abalishumayelayo


UMfu uMulder ungoti wezifundo zenkolo nomholi webandla
SANIBONANI maKhrestu amahle, masifunde iBhayibheli: “Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni labaJuda. Labo-ke babebahle kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto. Ngakho abaningi kubo bakholwa, nabesifazane abanesithunzi abangamaGriki, namadoda angeyingcosana. Kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi izwi likaNkulunkulu limenyezelwe nguPawula naseBereya, beza nakhona, bazinyakazisa bezivusa izixuku. Khona abazalwane bamukisa masinyane uPawulu ukuba aze afike elwandle; kepha oSila noTimothewu basala khona. Abamphelekezelayo uPawulu bambeka e-Athene; kwathi sebamukele isiyalezo ngoSila nangoThimothewu sokuba beze kuye ngokushesha okukhulu, bamuka.” IZenzo Zabaphostoli 17:10-15
Bakwethu, sisaqhubeka ukudingida nokuhlaziya iziqubulo eziqavile zenguquko enkulu eyenzenke ebandleni likaJesu Khrestu eminyakeni engamakhulu ali-15 emva kokuzalwa kukaJesu Khrestu emhlabeni. Sisahlaziya isiqubulo esithi “iZwi kuphela”. Ngeviki eledlule sathi: “NjengamaKhrestu masingathathi okushiwo nesikubonayo emaphusheni ethu njengenkombandlela empilweni yethu”, ngoba yiZwi likaNkulunkulu kuphela – yebo iBhayibheli, elifanele ukusikhanyisela indlela yokumphilela uNkulunkulu: “Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.” Amahubo 119:105. Namuhla sikhuluma ngesiqubulo sethu negunya lomfundisi noma lomholi webandla. Uma umholi webandla engashumayeli ngendlela evumelana neBhayibheli senzenjani thina esingamakholwa na? Siqhubeke ukumlalela, noma cha, siqhubeke ukulalela iZwi njengalokhu linjalo na? Kuyimibuzo ebalulekile kakhulu le, ngoba njengabantu sijwayele ukulalela abantu kakhulu kunezincwadi. Bakhona abantu abazimisele ukufela umyalezo weBhayibheli kunokuthi balalele umphrofethi wamanga na? Kukhona nalabo abathi umholi webandla labo unguNkulunkulu ophilayo. Bazolalela iZwi likaJehova kakhulu kunezwi lalo mholi na?
Kule ndikimba yeBhayibheli esiyifundile namuhla ngifuna ukugxila kuleli vesi: “Labo-ke babebahle kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.” Bakwethu, kusho ukuthi abantu abalamukela izwi likaNkulunkulu abashongo: “Valani imibhalo engcwele bakwethu! Sebefikile abaphostoli!” Akushongo noyedwa: “KunguPawula oshumayelayo lana, angeke ngibuze nombuzo owodwa vo ngezintshumayelo zakhe. Ugcotshiwe nguMoya Ongcwele, angithi?!” Cha-bo-bo! Kuthiwa babehlolisisa “imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto”. Lapha ngifuna ukuphakamisa amaphuzu amabili. Elokuqala – umKhrestu wangempela nongathandi ukufunda iZwi likaNkulunkulu uyihlazo elikhulu embusweni kaNkulunkulu. Asikwazi ukuphila njengamaKhrestu “angonzwabethi”. Nxa kubuzwa kithina: “Nenzelani lokho ebandleni na? Bese sithi: Cha sizwa bethi…” Cha! uMkhrestu ufanele ukukhuthala kakhulu ekufundeni iZwi likaNkulunkulu: “Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi…” uHosea 4:6. Njengomfundisi weVangeli angazi ukuthi kuyiqiniso yini, kanti sekukaningi ukuthi ngitshelwe: “uZulu akathandi ukufunda”. Uma kuyiqiniso, ngithi mina: “Phaphama weZulu, musa ukuzigwaza ngowakho! Umkhonto ozigwaza ngawo yilowo wokweswela ulwazi. Thatha iBhayibheli lakho, ulivule, bese ulifunda.” Umuntu ongafundi iZwi likaNkulunkulu, usengcupheni yokukhohliswa yinoma ubani, ngoba uphila ngenzwabethi. Akafundanga ngamehlo akhe ukuthi uthini uNkulunkulu ngendaba eshunyayelwe ngumshumayeli. Nampaya abakhonondayo, bathi: “Nina maKhrestu nidla utshani njengezinkomo, niphuza uphethroli, nenze yonke into ewubuwula. Niphethwe yini kanti?” Yihlazo bakwethu. Khuthalani ekufundeni iZwi likaNkulunkulu njengabantu baseBereya. Qinisekisani, nihlolisise imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto. Kusho ukuthi umKhrestu akavilaphi ekufundeni iZwi likaNkulunkulu.
Iphuzu lesibili yilelo ukuthi iZwi likaNkulunkulu lingaphezu kwalowo olishumayelayo. Kucacile evesini lethu bakwethu ukuthi abantu baseBereya babeqhathanisa lokhu okwakushunyayelwa wumphostoli uPawulu neZwi likaNkulunkulu. Kufanele ukuthi isilinganiso somKhrestu ukuhlaziya okushiwo ngabashumayeli sibe yiBhayibheli, hhayi izinhliziyo zabo. Njengabantu sidonselwa kakhulu lapho sibona ukuthi amandla avezwa khona. Uma umshamayeli eshumayela ngephimbo eliphezulu kakhulu, sibone umjuluko ebusweni bakhe, “kukhishwe amadimoni” njengokushiwo, kunzima kithina ukuziba konke lokhu. Kanti kuyingozi enkulu kakhulu lokhu bakwethu ngoba uma iqiniso alikho emandleni, nguSathane – uyise wamanga, okhulumileyo. Sizokwazi kanjani ukuthi okushunyayelwayo kuyiqiniso na? Sizoqhathanisa intshumayelo neZwi likaNkulunkulu. Masimbonge uNkulunkulu ngeZwi laKhe asinike lona elinguJesu Khrestu! MaKhrestu, uJehova, uNkulunkulu oyedwa vo, Oziquntathu – uBaba, neNdodana, noMoya oNgcwele anibusise. Amen.
- Uma ufisa ukuphawula, ngokubhalwe nguMfundisi uFrikkie Mulder thintana no: jfkmulder@gmail.com. Silandeleni kuFacebook Ubuthathwemunye.