Now Reading
Kuzelwe iNkosi yamakhosi ebusa phezu kwawo wonke umuntu
Dark Light

Kuzelwe iNkosi yamakhosi ebusa phezu kwawo wonke umuntu

“Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile ogama lawo yiNazaretha entombini eyayimiselwe indoda ebizo layo nguJosefa wendlu kaDavide; ibizo lentombi nguMariya. Yangena ingelosi kuye, yathi: E Wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni. Kepha yena wethuka ngezwi layo ezindla ngokuthi kungaba ngukubingelela kuni lokhu. Ingelosi yathi kuye: Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; iyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela. UMariya wathi engilosini: Lokhu kuyakwenzeka kanjani, njengokuba ngingayazi indoda na? Ingelosi yaphendula, yathi kuye: UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, Amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu. Bheka, u-Elisabethe isihlobo sakho naye ukhulelwe indodana esemdala; lena ngeyesithupha yakhe obethiwa inyumba. Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu. UMariya wathi: Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; akube kimi njengezwi lakho. Ingelosi yamuka kuye.” NgokukaLuka 1:26-38.

MaKhrestu amahle! Esiqephini sami sanamuhla ngifuna ukugxila kulawa mavesi alandelayo: “Yena uyakuba mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.”

UMariya, unina kaJesu Khrestu watshelwa yingelosi uGabriyeli ukuthi ingane ebezoyibeletha iyonikwa isihlalo sobukhosi sikayise uDavide. uDavide ubizwa uyise kaJesu lana, ngoba uJesu waba ngowolibo lwale nkosi edumile kakhulu. Uma uMariya engazwisisanga ukuthi achaza ukuthini lawa mazwi, ingelosi yaqhubeka yathi: “uyakuba yinkosi”. Nakunjalo bakwethu, kusukela leso sikhathi izizukulwane nezizukulwane zamaKhrestu zayidumisa iNdodana yoPhezukonke zathi: “uJesu Khrestu uyinkosi yamakhosi!” Akuthiwa “uzoba iNkosi yamakhosi”. Cha, waba yinkosi esikhathini sikaMariya, nanamuhla uyiNkosi yamakhosi. ENcwadini yeSambulo kuthiwa okulandelayo ngaYe: “…nakuJesu Khrestu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba…” Akayona inkosi phakathi kwamanye amakhosi omhlaba nje. Cha! Ungumbusi wamakhosi omhlaba. Kuyenzeka ukuthi uma sicabanga ngaleso sikhathi sonyaka, izinhliziyo zethu zithambe sithi: “Hhawu, kwazalwa-ke ingane.” Kodwa sikhohlwa ukuthi akezanga emhlabeni uJesu Khrestu ukuzwelana nabantu nje. Cha, weza futhi ukumisa umbuso waKhe okuyibandla laKhe lapha emhlabeni. iBandla linikwe umsebenzi ukushumayela iVangeli lombuso (NgokukaMathewu 4:23), ukuze kwandiswe imingcele yombuso weNkosi yamakhosi. Labo abangafuni ukuphenduka nokuthobela iNkosi, bayojeziswa uNkulunkulu: “Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela. Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.” AmaHubo 2:11,12. Kwesinye isikhathi abangayikhothameli iNkosi bayajeziswa lapha emhlabeni, kodwa ukujezisa okukhulu kusangale kwethuna lapho zonke izitha zeNkosi ziyojeziswa kuze kube kunaphakade emlilweni wesihogo. Masingakhohlwa ukuthi yize ingelosi yathi uyoba yinkosi yendlu kaJakobe, encwadini kaMathewu sifunda okulandelayo: “uJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni; ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya Ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.” NgokukaMathewu 28:18-20. Kuchaza ukuthi, yebo waba yiNkosi yamaJuda uJesu, kanti waphiwa onke amandla, yingakho isabelo anikwa sona nguYise siyizizwe zonke ezisemhlabeni – izizwe ze-Afrika; izizwe ze-USA; izizwe ze-Europe; izizwe ze-Asia; njalo, njalo. Kubalulekile ukuthi umbuso waKhe ubonwe ngokucacile ebandleni lapho onke amalunga alo athobele iZwi laKhe elingcwele ngcwele, ngoba ayikho inkosi noma umengameli ongabusi izwe lakhe ngezwi lakhe. UMbuso kaNkulunkulu uyabonwa futhi ebandleni ngothando olungcwele olukhona phakathi kwamakhosana namakhosazana ebandla, ngoba uMoya oNgcwele ongaphakathi kwabantwana labo uwenza ukuthi bangcweliswe njalo. Bakwethu, masikhumbule kulo Khisimusi ukuthi leNgane encane eyazalelwa thina, yazalelwa ukuyosikhipha embusweni kaSathane, achithe igazi laKhe esiphambanweni, ukuze sithethelelwe izono, futhi thina simphilele ngenjabulo kanye nentokozo. Masimbonge uNkulunkulu, ngoba kuzelwe iNkosi yamakhosi.

MaKhrestu, uJehova, uNkulunkulu oyedwa vo, Oziquntathu – uBaba, neNdodana, noMoya oNgcwele anibusise. Amen.

See Also

– Uma ufisa ukuphawula, ngokubhalwe nguMfundisi uFrikkie Mulder thintana no: jfkmulder@gmail.com. Silandeleni kuFacebook Ubuthathwemunye.

Scroll To Top