Abazali mabashisekele imfundo yezingane zabo

NGESONTO elizayo kuyasuku lokho ezikoleni okuyizinkomba zokuthi isikhathi sobumnandi nokubhiyozela unyaka omusha sesiphelile. Ukuvulwa kwezikole kuyisibikezelo sokukhulu okuzayo okuhambisana nezidingo zabafundi ngoba akumele nje ukuthi singabazali silindele imiphumela emihle ekupheleni konyaka ekubeni singenzanga lutho ukuhlangabezana nabafundi nothisha.
Abazali kumele bayikhombise ngosuku lokuqala intshisekelo yokweseka izingane zabo ezikoleni, ngoba leli yilona thuba lokwazana nothisha okuyibona abachitha isikhathi esiningi nezingane. Kulo nyaka siphonsela inselelo abazali ukuthi babe yingxenye yezinhlaka zokuphathwa kwezikole ukuze baliqonde kahle isiko lokufunda nokufundisa.
Kuyilimaza kakhulu imfundo okwenziwa ngabanye abazali ezikoleni zaboHlanga abangayigqizi qakala imihlangano yezikole nokulandelela imfundo yezingane zabo. Ezikoleni zaboHlanga kuvamisile ukuthi abazali bagcina beyobhalisa izingane kube ukuphela. Kokunye baze baphaphame ngoba ingane kuthiwa imisiwe esikoleni ngezizathu ezithile kokunye isizithwele. Awumuhle neze lo mqondo wokubukela phansi izikole zaboHlanga ngoba kulezo okwabe kungezabaMhlophe kuphuma nesinedolo uma kubizwe umhlangano wabazali. Angisayiphathi eyakhona ngoba iba sebusuku kodwa abazali bezingane badela konke futhi uma bekhona bobabili baba khona kokunye kube umndeni wonke.
Ezikoleni zaboHlanga okwezandla ngoba noma uthishanhloko angabiza umhlangano ekuseni, emini, nantambama abazali bazobika imbiba babike ibuzi. Ukusondela kwabazali ezikoleni kungaba isisombululo kwezinye izinkinga ezibhekana nothisha ngoba abazali yibona abaqonda kangcono izingane zabo futhi isikole esikhulu kumele siqale kubona.
Ukugxeka othisha (abazali) bemi entabeni akusizi ngoba bagcina bengaziqondi izinselelo ezibhekene nabo. Kuba yihlazo kabi uma umzali sekuvela ukuthi akazi nokuthi ingane yakhe yenza ziphi izifundo nokuthi imuphi umkhakha ezimisele ngokungena kuwo emuva kukamatric. Lowo mzali uzoyisiza kanjani ingane yakhe ekubeni engazi lutho ngayo.
Izingane zezinye izinhlanga azenzi ngamlingo ngokudabula kwamatric, kodwa yingoba abazali bazo baqala ekuqaleni konyaka ukusizana nazo ezifundweni futhi baxhumane nothisha bangaze balinde emathonsi abanzi. Nazo izingane akumele zifele ngaphakathi uma abazali bazo bengakhombisi intshisekelo nogqozi lokusondela eduze kwazo nokwazi ukuthi baqhuba kanjani ezifundweni.
Izingane akube yizo ezibadonsa ngengalo njengoba zenza uma kukhona ezikudingayo njengempahla yokugqoka noma kuzoba khona uhambo oluthile esikoleni noma nabangani. Asikhumbule ukuthi ingane akuwona umthwalo kathisha, kumele kuqale kulabo abazikhulisayo emakhaya njengabazali.