Amathuna aKwaMakhutha asengumhhume wabaphangi
AKUKHO ukulala ngokuthula kubantu abangcwatshwe emathuneni aselokishini KwaMakhutha ngenxa yezigebengu eseziphendule la mangcwaba isidleke ‘sokuhlinzwa’ kwezimoto ebusuku zishiywe zingamagobolondo. Lo mkhuba osunesikhathi wenzeka kodwa umphakathi ukhulumela phansi ngawo ngenxa yokwesaba ukwenzakaliswa, usuholele ekutheni eminye imindeni isabe nokungcwaba ngezimpelasonto ngoba isona sikhathi lapho labo ‘abahlinza’ izimoto besuke bemandla ngaso. Eminye imindeni ecele ukungadalulwa nokungaveli ezithombeni ikhala ngokuthi izimoto zithi uma ‘sezihlinziwe’ ziphonse yonke indawo emathuneni kulimale namatshe abashonile.
Emuva kokuncinzwa indlebe ngokwenzeka kule ndawo okumele engabe iyahlonishwa ngenxa yokuthi isiyikhaya lokugcina labafi, elaboHlanga linikele kula mathuna ngoLwesibili ukuyozibonela lo mhlola. Uma ungena esangweni ukhangwa izigingqane zezinhlobonhlobo zezimoto zicwiyiwe sekusele igobolondo kuphela. Uthango olubiyele kwenye ingxenye ludiliziwe futhi kuyabonakala ukuthi lokho kwenziwa ngenhloso ngoba izimoto azifakwa ngesango elisemthethweni.
Ezinye kunzima nokubona ukuthi ezahlobo luni ngenxa yokuthi kusuke kuthathwe konke okuwuphawu lokuyihlonza. Ekusondeleni kwelaboHlanga eduze lizibonele imoto eseyintsha iVW Polo esicwiyiwe yalaliswa ngomhlane phakathi kwamathuna. Ezinye izimoto ezilapha amaCorolla, izinhlobonhlobo zamaveni namaphathi akhona kuzona zonke izingxenye zamathuna. Amanye amatshe amathuna adilikile kuyabonakala ukuthi ezinye izimoto bezihudulwa phezu kwawo.
ElaboHlanga likhulume nezinsizwa ebezingaphakathi zelusa izinkomo njengoba le ndawo inotshani obuvundile. UMnu uNkosiyakhe Sithole uthe useneminyaka engaphezulu kwama-20 elusa kula mathuna kodwa akakaze abone lutho lwenzeka ngoba uba khona emini abuyisele izinkomo ekhaya uma selithambeme.
“Akukho engithi ngake ngakubona kwenzeka, kodwa kusa izimoto sezikhona futhi angiphazamiseki ndawo ngoba mina ngisuke ngibhekene nezikomo kuphela,” kuphawula uSithole. UNks uMeloni Dubazane oneminyaka engama-42 ubudala othi kunamathuna akubo amathathu KwaMakhutha okungelikayise, unina kanye nomzala wakhe uthi babonga ukuthi bafaka itshe kwelilodwa likanina kuphela ngoba kungenzeka ukuthi agcine eselinyazwe wonke amatshe amathuna.
“Noma kwenzekile wafikelwa ukukhumbula abakini abalele lapha kuba nzima nokuya ngoba awazi okuzokwehlakalela.” Umphakathi unxuse ukuba amaphoyisa ahlale ngokuwahambela la mathuna ukuze nabenzi bobubi babone ukuthi lo mkhuba abawenzayo uyaziwa futhi awamukelekile.
Ngaphambi kokuba elaboHlanga lifike kule ndawo ngoLwesithathu kube nesigameko kwelinye lamabhizinisi eManzimtoti lapho abasolwa abathathu bengene ngaphakathi bazenza abathengi kanti bazovula ngesankahlu isango bakhipha isibhamu bephoqa umsebenzi ukuthi akhipha izikhiye zemali. Abasolwa bashaye bachitha kanti imoto yonogada izobalandela kuze kungenelele namaphoyisa amasukele baze bayongena elokishini KwaMakhutha. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel uThembeka Mbhele uthe abasolwa babaleke ngemoto baze bayongena emathuneni KwaMakhutha lapho beyishiye khona babaleka ngezinyawo. Izolo ngesikhathi uColonel Mbhele ebuzwa ukuthi amaphoyisa anolwazi olungakanani ngesidleke sokuhlinzwa kwezimoto KwaMakhutha uphendule ngokuthi akanalwazi futhi akukho osekubikiwe emaphoyiseni, naphezu kobufakazi besitatimende sakhe sabasolwa abangene ngemoto kula mathuna bayishiya kanjalo. Akushilo nje esitatimendeni ukuthi abasolwa baboshiwe bazovela eNkantolo yeMantshi eManzimtoti namuhla.
UKhomishana osabambile wamaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa uncome amaphoyisa ngokubopha abasolwa wathi bazobhekwa ukuthi abathinteki yini kwamanye amacala.