Now Reading
Amacebo namaqhinga obufakazi emacaleni abasebenzi
Dark Light

Amacebo namaqhinga obufakazi emacaleni abasebenzi

ININGI labasebenzi nabaqashi boHlanga bayazimela bona ezinkundleni zamacala okuyiCCMA neMikhandlu Yezimboni. Kuyenzeka ukuthi abasebenzi bemelwe yizinyunyana, abaqashi bemelwe yizinhlangano zabo. Ezikhathini eziningi abaqashi banawo amandla okuthatha abameli ukuba bebamele emacaleni. Iqiniso lithi noma ngabe zimelwe zombili izinhlangothi ezinkundleni zamacala, kusenesikhala esikhulu kwaboHlanga sokwentuleka kolwazi oluyisisekelo mayelana namacebo namaqhinga okusingatha ubufakazi nezinkulumo emacaleni amayelana nezabasebenzi nezokuqashwa. Kwelanamuhla sibhekisisa lolu daba sihlaziye amacebo namaqhinga amukelekile nangamukelekanga. Angeke sakwazi, futhi kasiqondanga ukujula ngomthetho wokwethula ubufakazi. Kodwa sicaphuna phezulu, sizame ukuqwashisa ngamaphutha esesike sawabona ekusingatheni ubufakazi emacaleni ezabasebenzi. Sicobelelana ngolwazi oluyisisekelo samacebo namaqhinga okuzimela emacaleni ezabasebenzi aqulwa ngoKhomishana ezinkundleni esizibalile.

Okokuqala masiqonde ukuthi uMthetho Wezobudlelwano Emsebenzini unikeza uKhomishana ilungelo lokuqula icala ngobulungiswa nangokushesha ngaphandle kokubambezela ngemininingwane yomthetho esebenza ezinkantolo. Lokhu kubalulwe eSigabeni 138(1). Okwesibili masiqonde ukuthi ubufakazi obusetshenziswa ngoKhomishana ngobokuveza iqiniso kucatshangelwa okwakungahle kwenzeke uma usebenzisa umqondo owejwayelekile. Kusetshenziswa izinkantolo nasemacaleni emibango hhayi kulana obugebengu. Umphakathi wakithi omningi ujwayele ukuthi iziNkantolo Zamacala Obugebengu zisebenzisa zidinge ubufakazi obuqandula ikhanda, obutshengisa ngaphandle kokungabaza ukuthi isenzo esithile senzeka, senziwa ngusibanibani. Akuyona indlela yokuhluza amacala esetshenziswa kulawa ezabasebenzi leyo. Sigcizelela ukuthi emacaleni ezabasebenzi kusetshenziswa ukuhluza amaqiniso “ngokuveza iqiniso kucatshangelwa okwakungahle kwenzeke uma usebenzisa umqondo owejwayelekile”. Kubaluleke kakhulu ukuqonda le ndlela yokuhluza nokucabanga esetshenziswa emacaleni ezabasebenzi ngoba uma siyiqondisisa kahle izinkinga eziningi siyakwazi ukuzixazulula ngokwethu ngaphambi kokuba sizise ezinkundleni zamacala. Futhi uma siyiqondisisa le ndaba, siyokwethula umthwalo nakulaba abasimelayo ezinkundleni zamacala abasebenzi naseziNkantolo.

Izibonelo zale ndlela yokuhluza yilezi ezilandelayo. Uma umqashi ephika ukuthi wamxosha umqashwa, evuma ukuthi wamholela imali yakhe yokugcina waze wamnika nefomu le-UIF walisayina ukuthi kuphele inkontileka yokuqashwa ibe ingekho ebhaliwe kwaleyo nkontileka. Umqashwa yena ephikelela ukuthi washaywa, waxoshwa nguye umqashi luqobo wase emnikeza lokhu esikubalile. Zombili lezi zinhlangothi azinabo abanye ofakazi abazifakazelayo. Kulesi simo esinjena uKhomishana esebenzisa indlela yakhe yokuhluza iqiniso, kuyacaca ukuthi amanzi atshekela ngakumqashi okusho ukuthi usenga ezimithiyo.

Okunye okubalulekile ukuthi ecaleni lokuxoshwa ngumqashwa unomthwalo wokuveza ukuthi waxoshwa ngempela. Umqashi yena unomthwalo wokuveza ukuthi ukuxoshwa kunobulungiswa. Yize kunjalo, uKhomishana esebenzisa ukuhluza iqiniso, engabona ukuthi zombili izinhlangothi ziyavumelana ukuthi ngumqashi owatshela umqashwa ukuba makayekele emsebenzini waze wamnikeza lokhu esikubale ngenhla. Umqashi uthi kunenkontileka yokuqashwa kodwa uyehluleka ukuyiveza. Umqashwa yena uyayiphika inkontileka uphikelela ukuthi usesebenze iminyaka eminingi engakaze atshelwe ngenkontileka futhi akakaze ayisayine. Phela umqashi, yize engenamthwalo wokuveza ubuqiniso bokuxosha, kufanele abe nempendulo ezwakalayo ukuphikisa okushiwo ngumqashwa ukuze afiphaze “iqiniso kucatshangelwa okwakungahle kwenzeke uma usebenzisa umqondo ojwayelekile.”

Esinye isibonelo ngesomqashwa oxoshelwe ubudedengu bokwehluleka ukubona ukuthi ikhadi lasebhange lokukhokha imali esitolo kwakungelomgunyathi okwabangela ukulahleka kwemali enkulu. Lo msebenzi wayengukheshiya kwesinye sezitolo. Umqashwa uyakuvuma konke okwenzeka, kodwa uthi kwakungafanele axoshwe ngoba akaqeqeshwangwa ukuthi abone amakhadi omgunyathi. Kodwa uyavuma ukuthi waqeqeshelwa umsebenzi wakhe, wafundiswa nangazo zonke izindlela okukhokhwa ngazo okuxuba nayo lena yokukhokha ngamakhadi ahlukene. Uphika kuphela ukuthi uqeqesho lwaluxube nokumqwashisa ngamakhadi omgunyathi. Uthi yena yize okwenziwa yikhasimende kwakumsolisa, akazange abike noma athathe sinyathelo ngoba “ikhasimende lihlala lenza okulungile” ngendlela afundiswa ngayo. Umqashi yena uveza ubufakazi obubhaliwe nobomlomo yabanye ozakwabo bomqashwa ababeqeqeshwa naye. Bonke ubufakazi bomqashi buveza ukuthi okheshiya bahlala beqwashiswa ngobugebengu obenziwa ngamakhadi okukhokha ezitolo.

See Also

Uma usebenzisa ukuhlunga “iqiniso kucatshangelwa okwakungahle kwenzeke uma usebenzisa umqondo ojwayelekile” ungavumelana yini nomqashwa ukuthi izitolo eziyinxanxathela ziqeqesha okheshiya zingabaqwashisi ngobugebengu? Kudingekile yini ukuthi omuntu osebenza ngemali aze aqwashiswe ukuthi buningi ubuqola obenziwayo ukweba imali ezitolo eziyinxanxathela.

– UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi. Ubuye abengumahluleli nomxazululi emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene. Uyatholakala ocingweni, ku-imeyli nakuWhatsApp: 0828823067; bhekikhumalo102@gmail.com

Scroll To Top