Now Reading
USigananda wazibandakanya kokuningi embusweni kaZulu
Dark Light

USigananda wazibandakanya kokuningi embusweni kaZulu

UDangazele kaSodidi! UMnguni ongafi imikhonto, uCacaca ongukudliwa kwenyama yomphakathi, uNomahlofuhlofu, uMlil’ osh’ izintaba zonke, uGaqa lidla kalikholwa. Kalinjengelikayise uSodidi, Yena ke qaqa lidla likhathale.

USigananda wabuye waphindela eNkandla. Kwathi uma izindaba zokudla umhlanganiso kukaLuhungu kaSomungco phakathi kwakhe noNtobolongwana zifika kuSigananda phesheya koMzimkhulu, nokuthi uNtobolongwana wayebulewe, uSigananda wazilungiselela ukubuyela eNkandla. Waphindela eNkandla kusele isikhashana uMbuso wamaNgisi uhlasele izwe lakwaZulu ngoMasingana 1879 kodwa iSilo uMpande singakakhothami. Kwathi uma iSilo uMpande saziswa ngokuthi uNtobolongwana wayebulewe empini noLuhungu kaSomungeu sathi sona sasingathandi ukumlilela ngoba wayenqabile ukwesekela uMbuyazwe empini yaseNdondakusuka.

Noma singakulilelanga ukubulawa kukaNtobolongwana, iSilo uMpande saphaka impi ukuba iyolanda izinkomo zaso ezazidliwe kuNtobolongwana nguLuhungu. Impi yeSilo uMpande yazishaqa zonke izinkomo ezazikade zibhekwe nguNtobolongwana uLuhungu wehluleka ukuzivikela. USigananda namadodana kaNtobolongwana bagcina bekhumelene umlotha. Ekufikeni kwakhe eNkandla uSigananda evelangaseMzimkhulu, wabiza umhlangano okwakukhona kuwo wonke amado dana kaNtobolongwana. Waehaza ukuthi yena wayengahlangene ngalutho nokubulawa kukaNtobolwangwana nguLuhungu kaSomungeu. Lokhu kwakuliqiniso kwazise uNtobolongwana wabulawa uSigananda eseMzimkhulu. Wabanika inkomo yokugeza uNtobolongwana okwakulisiko eliseyisisekelo sakwaZulu kuze kube namuhla. Ngakhoke uSigananda wemukeleka kahle yiwo wonke umndeni wakwaShezi nesizwe sonke sasemaChubeni ngaseNsuze. Ngaleso sikhathi uMntwana uCetshwayo wayengakabekwa ngokusemthethweni ukuba yingonyama yakwaZulu.

Kuthe iNgonyama uCetshwayo isibekiwe esihlalweni sobukhosi bakwaZulu, kwaphela iminyaka eyisithupha kusukela ngonyaka we-1872 okwakhothama ngawo iNgonyama uMpande, uMbuso wamaNgisi wahlasela izwe lakwaZulu mhla zingama-22 kuMasingana we-1879. Ngaphambi kokuhlasela kwamaNgisi isizwe sakwaMagwaza ngaphansi kukaNdube noQethuka sahlasela esakwaNgcolosi eninglzlmu yoThukela ngaphansi kwakwaNtunjambili. Le mpi yabakwaMagwaza yayiholwa nguBheje Bhengu wesizwe sakwaNgcolosi okunguyena owayetshengisa impi amazibuko amathathu okwakudingeke kuwelwe kuwo: lapho sekuyiMiddle Drift, Ndondondwana nezibuko okuthiwa eliBomvu. Wonke lamazibuko angaphansi kwaseKhothongweni asondelene kakhulu.

Ngenkathi impi yabakwaMagwaza nabakwaNgcolosi ingakadumelani lalibalele kukhanya nje ilanga kodwa kwathi lapho isinyathela awabantwana, kwaqhamuka ifu elemboza yonke leyo ndawo. Impi yabakwaMagwaza yahamba ngaphansi kwaleli fuyagwaza ibhece kweyakwaNgcolosi. Kwathi isiqedile ukulwa nabakwaNgcolosi isiphindela emuva ifu lanyamalala. Leyo ntelezi yempi yayithakwe ngabakwaShezi. AbakwaShezi babeeasulwe ukuthi abakwaNgeolosi babewelele eNkandla kwaShezi bantshontsha ukudla emizini eyayingenabantu yabakwaMagwaza nabakwaShezi. UBheje wageina eboshiwe ngabelungu wagwetshwa iminyaka emihlanu ejele. Kwathi uma iNgilandi ihlasela uMbuso kaCetshwayo mhla zingama-22 kuMasingana we-1879, uSigananda wabaleka wayobhaca eMakhabeleni enkosini uMakedama kwaNtunjambili. Lena yindawo enamahlathi amaningi kakhulu.

Isizathu sikaSigananda ukuyoeasha eMakhabeleni ngukuthi wayengafuni ukuzimbandakanya nempi eqinisa ngokuthi yena wayeyinkosi ezimele gelekeqe engeyona ingxenye yombuso wakwaZulu. Lokhu kwakungelona iqiniso kwazise uZokufa uyise naye wage ina ekhonze kwaZulu. USigananda waze wabuyela eNkandla eNsuze ngemuva kokuphela kwempi yokuhlasela kwamaNgisi kwaZulu ngoNtulikazi we-1879. Wonke amadodana kaNtobolongwana azimbandakanya ngokugewele nempi kaZulu eyayibhekene nabahlaseli bamaNgisi ezweni lakwaZulu.

See Also

  • USigananda nempi yemali yamakhanda

  • USigananda yena wahlala isikhathi eside kakhulu emhlabeni. Ngonyaka we-1906 okwabheduka ngawo iMpi Yentela Yamakhanda. Ibutho lakhe kwakunguMkhulushana. Waboshwa wagqunywa ejele laseNkandla ngokuzimbandakanya kwakhe eMpini yaMakhanda. Mhla zingama-22 kuNtulikazi we-1906 wafela khona ejele eneminyaka elinganiselwa kweli-103. Wayekade engomunye wabaholi babashokobezi kwazise kwakuthe uma iNkosi uBhambatha nabashokobezi ababesuka eMpanza bengena ehlathini laseNkandla uSigananda wazimbandakanya nalabo bashokobezi bempi kaBhambatha ngokugcwele. Wakhumbula ukuthi uyise kaBhambatha uMancinza/Sobhuza wayemsizile ngenkatha esuka eNkandla elibangise eMzimkhulu.

    Ngakho-ke uSigananda waba ngomunye wabaholi babashokobezi kanye noMangathi kaGodide kaNdlela Ntuli, uChakijana kaGezindaka Sithole, Mehlokazulu Ngobese nabanye abaningi. Ekushoneni kukaSigananda ejele kwaqokwa uMjadu kaSigananda njengenkosi mhla zingama-28 kuNdasa we-1910. Yena wabusa waze washona mhla zili-17 kuMasingana we-1920 kwase kuqokwa uMgwaqweni kaDushwa Shezi njengebambabukhosi. Mhia zili-10 kuMfumfu we-1921 kwaqokwa uMdedane Shezi kaNdabaningi kaSigananda kaZokufa kaMsholozi.

    – Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe zaMakhosi AkwaZulu, Umqulu III. Uma ufisa ukutholale ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

    Scroll To Top