Kufufusa ukuvukelana kwemibuso e-Europe



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
UKUBHIDLIKA kombuso wamaKhomanisi empumalanga ne-Europe ngeminyaka yowe-1980 kwabingelelwa ngenkulu injabulo entshonalanga ne-Europe. Isintu satshelwa ukuthi isiphelile impi yamazwi eyayiphakathi kwe-Eastern Europe neWestern Europe, eyayibizwa ngokuthi iCold War. Kwathiwa i-Europe isiyizwekazi labo bonke abantu ababizwa ngokuthi ama-Europeans. Yaphela imingcele, abantu base-Europe baba namalungelo okusebenza kunoma yiliphi izwe abakhetha ukuyosebenza kulo ezwenikazi.
Ezikoleni nasezinkonzweni kwaduma isisho esithi ‘We are all Europeans!’ Kwavela izizwe ezintsha zajoyina inyunyana yezizwe zase-Europe okwabe kuyi-European Union (EU). Ngokomnotho nangokwepolitiki le nhlangano ibhozonyelwe ngamaJalimane namaFrench. Kulesi siphithiphithi senguquko nokuqholosha kwabaholi bamazwe asentshonalanga ne-Europe kwabakhona ukukhohlwa ukuthi kuyo le Europe esikhululekile kunezizwe ezifuna ukuzimela ngokwazo. Namuhla umoya wokuzimela usuheleza kuyo yonke iWestern Europe. Injabulo yokuwa kombuso wamaKhomanisi isiliphilisi elibabayo kosopolitiki bakhona.
Sekuvela amaqembu aholwa ngabantu abafuna ukuzibusa ngokwehlukileyo kulokhu okubizwa ngokuthi ‘autonomy’. Isho ukuba namandla athile okuzibusa kodwa abantu babe ngaphansi kombuso omkhulu. Ngakho-ke okufunwa ngabaholi bala maqembu ngukuxebuka emibusweni abangaphansi kwayo bazishayele bona imithetho yabo. Abaholi bamaqembu babizwa ngokuthi ngamaseparatists abaqembuki. Igama elithi ‘separatist’ lehlukile kwelithi tribalist. Leli libhekiswa kubantu abamnyama kuphela, abelungu kababizwa ngala magama.
Okuvelayo manje ngumlando oshisisa imizwa yabantu abathi okhokho babo balwa izimpi bevikela amazwe abo. Amazwe abhekene nengwadla yepolitiki yokuxebuka ezizweni afakwa kuzo yilana:
- iBelgium: AmaFulemishi afuna ukuphuma eMbusweni wakuleli lizwe azimele ngokwawo.
- iDenmark: Abantu besiqhingi iGreenland amaFaroese afuna ukuzimela, abe yisizwe ngokwawo.
- e-Italy: Ilombardia seyenze inhlolovo (referendum) yokuzibusa iphume eMbusweni wamaNtaliyane.
- eFrance: AmaKorsika afuna ukuxebuka kuFrance azimele ngokwawo.
- e-England: IScotland eholwa nguNicola Sturgeon ifuna ukushiya i-United Kingdom. Ama-Ayirishi aseNorthern Ireland afuna ukuhlangana neRepublic of Ireland.
- e-Spain: Ipolitiki yaleli lizwe yokuzimela isigebele odlameni. AmaCatalonia (Catalonian) afuna ukuphuma eMbusweni waseSpain azimele ngokwawo. Emasontweni edlule uHulumeni wesifundazwe saseCatalonia wenza inhlolovo eyayingavunyelwe ngokoMthetho kaHulumeni kaMengameli uMarion Rajoy eMadrid okuyinhlokodolobha yaseSpain. ICatalonia iholwa nguMnu uCarles Puigdemont. UHulumeni waseMadrid uthumele amaphoyisa ukuyovimbela inhlolovo. Afike alimaza abantu abangaphezulu kwamakhulu ayisishiyagalombili. Inhlokodolobha yamaCatalonia iBarcelona yajika yafana nezinhlokodolobha zasemazweni abizwa ngokuthi iThird World, kodwa kakufanga muntu.
Njengoba sibhala lapha uMengameli uRajoy usemchithile uHulumeni kaCarles Puigdemont eBarcelona. Amaphoyisa kaHulumeni omkhulu oseMadrid asethathe wonke amahhovisi esifundazwe saseCatalonia. Lokhu kusho ukuthi iCatalonia izobuyela ebukolonini bokubuswa eMadrid. Imithombo yezindaba idingida udaba lokungase kwenzeke uma kusuka impi phakathi kwamaCatalonia neSpain. Udaba lwaseSpain selungenwe yi-European Parliament esithe yona ngeke isamukele isizwe samaCatalonia. Le politiki evelayo e-Europe iletha ukwesaba kubaholi ukuthi ingase ibhidlize zonke izizwe zase-Europe.
Kukhona impi e-Ukraine. Le mpi iliwa ngabantu abafuna ukuzimela. Laba bantu besekelwa yiRussia. Izizwe zasentshonalanga ne-Europe zesekela i-Ukraine. Ngakho iCold War phakathi kweRussia neWestern Europe iyaqhubeka. I-USA yesekela izizwe zase-Europe.
Sibhale ngepolitiki yokuzimela kwabantu base-Europe kodwa siyamangala ukuthi lezi zizwe ezabhidliza imibuso e-Afrika zaphendula abantu bakhona baba yizizwana, namuhla sezibhekene nale nkinga. Inkinga yobuzwana itribalism. Kodwa uma sisho ukuthi phakathi kwezizwe ezifuna ukuzimela kakusho ukuthi bonke abantu bazo bayavumelana nale politiki. Khona eSpain kukhona amaCatalonia athi leli lizwe malihlale liyingxenye yeSpain.
- UDkt uHerbert Mnguni uzinze eGermany