Isinqumo esiguqule umlando we-IFP


Isimemezelo soMntwana wakwaPhindangene ngozomlomula siqale ikhasi elisha
‘Ngizoholwa yinina ngoba ngiyisisebenzi sale Nhlangano. Uma nithi angideduke ngiphele, ukunikeza oqokiwe indawo, ngizokwenza lokho ngokukhululeka. Ngokufanayo, uma nithi ngisenalo iqhaza engingalibamba ngizoyamukela indlela enibuka ngayo.”
Lawa ngamagama akhulunywe ngumholi we-Inkatha Freedom Party (IFP) uMntwana wakwaPhindangene kubaholi bale nhlangano ngesonto mhla zingama-29 kuMfumfu ngowezi 2017. Akuphelanga mahora amangaki ube esehola ubuholi bale nhlangano esithangamini sabezindaba nayilapho afike washo igama elenze yonke imithombo yezindaba yakhuluma ngalo mholi, isimemezelo sakhe kanye nekusasa leqembu lakhe.
Okugqame ngaphakathi nangaphandle kwe-IFP wukuthi iningi belingasilindele lesi simemezelo kepha okugqame kakhulu wukuthi iningi belingalilindele igama lalowo ophakanyiswe njengozothatha izintambo njengomholi omusha. Yize bekungaqoshiwe phansi kepha bekukhona ukucabanga obekuthi lowo oyisekela lakhe nobeyiMeya yaseZululand, iNkosi uMzamo Buthelezi nguye onganikwa izihlangu. Bekukhona nokucabanga ukuthi labo abathathwa njengesizukulwane ‘esidala eqenjini’ yibo okuzobhekwa kubo.
Sekungumlando ukuthi igama eliphakanyisiwe yiNational Executive Committee (NEC) yeqembu ngayizolo mhla zinga-28 kuMfumfu, nelethulwe emhlanganweni wangeSonto obubizwa nge-Extended National Council nobuhlanganisa abaholi abavela kuzo zonke izinhlaka zeqembu, kube ngelikaMnu uVelenkosini Hlabisa.
Akukho ukungabaza ukuthi isimemezelo soMntwana wakwaPhindangene samukelwe ngezindlela ezehlukene. Kukhona abasihumushe ngokuthi siwukwehlulela labo abaseduze kwakhe, njengoba kulabo abanalo mbono, ukulandwa komuntu abathi owangaphandle bekusho ukuthi uMntwana akabethembi laba abaseduze kwakhe. Kepha kukhona abahumushe isenzo soMntwana njengobuhlakani obumangalisayo nokuzokwenza leli qembu lehluke kwamanye. Kulaba uvimbe intabamlilo ebingaqubuka noma yinini lapho amalungu aleli qembu ezoklwebhana khona ebanga ukuba yizindlamvuzo ze-IFP. Abukho ubufakazi bokuthi lokho ngeke kusenzeka, ngoba akekho ongaqinisekisa ukuthi phambi kwalesi siphakamiso sizoqhubeka nokucweba isiziba.
ElaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi ukuthatha isinqumo sokuhoxa koMntwana nokuphakanyiswa kukaMnu uHlabisa kungaphazamisa izinhlelo zabaholi abathile kanye nalabo ababesekayo. Phakathi kohlelo obelukhona bekuyiqhingasu lokufaka abaholi abathile engqugqutheleni yaleli qembu yesifundazwe nesihlehliswe iziqubu eziningana. Kuzo zonke izinhlangothi kukhona inkolelo yokuthi uma iviyo lazo liphumele kuyobe kuwukungena komlenze owodwa ekuholeni iqembu uma uMntwana usethe khumu. Kubukeka nhlangothi zombili, ukhetho lobuholi besifundazwe bunguwafa wafa.
Okunye elingakuqinisekisa elaboHlanga wukuthi kuyiwe emhlanganweni wangeSonto nje iqembu selihlehlise ukhetho lweziyingi obekulindeleke ukuthi kwezinye izindawo libe ngoMgqibelo. Ukuhlehla kwalolu khetho kulandela imibiko yokuthi sekukhona asebakhe amaziko mbumbulu ukuze kube kuningi ukwesekwa kweviyo labo kuzo zonke izingqungquthela kusuka kweyesiyingi.
Ngokwenkulumo ebonwe ngoZul’zayithole neyethulwe nguMntwana ngosuku olwandulela umhlangano wangeSonto kunezinhlelo zokwakha amazikombumbulu. “Siyazi ukuthi sekunamazikombumbulu aseqaliwe ukuze aqondane nokupheka imiphumela yezingqungquthela zokhetho,” kusho uMtwana. Kule nkulumo uyakuveza ukuthi umbiko ufikile kuye uvela kusihlalo wohlaka lweqembu namdalulile, uphinde waveza ukuthi lo mholi ube eseqhamuka nesincomo sokuthi ayihlehle imihlangano yeziyingi nokuyinto yena ayamukelile wase eluleka obhekelele ukusebenza kwehhovisi ukuthi abhalele bonke ubuholi abazise ukuthi le mihlangano kayibe kuze kube bayanquma njengobuholi obuphezulu.
Khona lapho uMntwana uveze ukuthi uyamazi ubhongoza ekwakhiweni kwamazikombumbulu njengoba ethe: “Lo mholi esikhuluma ngaye ubevele aziwa ukuthi ufuna ukuba yimeya kumasipala wendawo lapho ehlala khona. Ngakho-ke uzimisele ukuba aqokelwe kulesi sikhundla.”