Abelungu nobugovu bezomnotho ezweni



UMnu uXaba ungumsunguli we-Adamopix. Uyilulungu leBhodi yenkampani eklelisiwe kuJSE iCorwil…
EMVA kwengqugquthela yeqembu elibusayo i-African National Congress (ANC), lapho belihlangene khona izinsuku eziyisithupha lidinginda ngalokho okungaba yinqubomgomo engayisa iNingizimu Afrika phambili. Yize beziziningi izethulo ebezikhona nobekulindeleke ukuba amalungu aleli qembu aphawule ngazo, lubelodwa udaba noma isethulo esibe sematheni. Lolu daba belumayelana nomnotho waseNingizimu Afrika kanye nobunini bezimboni ezinkulu ezakha umnotho wezwe. Esimweni esejwayelekile le nkulumo iyadingeka ezweni elinobubha obumangalisayo nobubukeka bugxile ohlangeni olulodwa okwakuyilabo ababecindezelwe.
Emibikweni yekhomishana ebingalolu daba kuvelile ukuthi cishe umkhonto ubhajwe enxebeni njengoba kube nokuphambana kwemibono kumalungu eqembu. Lokhu kugqame enkulumweni kaMnu uJoel Netshitenzhe nosolwa ngokuthi wethule okungeyikho esithangamini sabezindaba. Enkulumweni yakhe uNetshitenzhe uthe amalungu amaningi akuchithile ukukhuluma okuphathelene nobugovu babelungu emnothweni (White Monopoly Capital)
Kubaholi ebebesina bededelana ngale ngxenye yezingxoxo, kuzwakele ukuthi abanye bebemathintanyawo ukukhomba abelungu njengamagovu. Kunalokho kuzwakala sengathi bekunomdonsiswano ogcine wehlukanisa kabili ebebethamele le nkundla, abanye bethi akusetshenziswe kuphela igama u‘Monopoly Capital’ kungakhonjwa ngomunwe abelungu njengamagovu.
Isithombe esikahle ngalesi simo ukuthi kesibheke kafushane izibonelo zezizinda ezithile zezomnotho ezikhona eNingizimu Afrika nobunini bazo. Mhlawumbe lokhu kungasiza ekukwazini ukucwaningisisa ngendlela eyiyo, nokuqondisa inkulumo ngendlela engenakho ukuthunaza abathile. Lokhu futhi kungase kusize ekutheni imibiko nezingxoxo ezihambisana nale nkulumo ziselekelele olwazini oluyiqiniso maqondana nocwaningo oluyilo.
Ngokombiko wakamuva wenhlangano emele izakhiwo (property) eNingizimu Afrika iProperty Sector Charter Council le mboni ibiza izizumbulu ezilinganiselwa kweziyisi-R7.6 trillion. Abantu abamnyama baphethe kuphela ishumi lamaphesenti, nxa uletha lokhu ezibalweni ungathi baphethe uR760 billion, lokhu kwenza uR6.84 trillion usale ezandleni zabaMhlophe. Ngokombiko wamabhange wona aphethe okungenani uR5 trillion nakhona futhi cishe amaphesenti alishumi nje vo asezandleni zabamnyama, kanjalo nalokhu kungalinganiselwa kwangama-R500 billion okanti ama-R4.5 trillion usebelungwini. Okanti ngokombiko owedlule owakhishwa yiNational Empowerment Fund (NEF), iJohannesburg Stock Exchange (JSE) eyenza ngosuku cishe ama-R17 billion, amaphesenti amathathu awabamnyama bese angama-97 wamaphesenti owabelungu, okusho ukuthi cishe angama-R510m owabamnyama besekuthi eziyili-R16.4bn owabelungu. Nxashana sibheka futhi ngokomhlaba, amaphesenti angama-80, kuze kube namuhla asesezandleni zabamhlophe okanti okucishe kube amaphesenti alishumi nantathu kusezandleni zabamnyama. Izitolo eziningi zokudayisa ukudla okusheshayo (restaurants) okungaphezu kwamaphesenti angama-90 kusezandleni zabelungu nakho. Lolu khondolo lubonakala ezizindeni zonke zezohwebo nezezimboni.
Lapho nxa ubheka umnotho wonke uphethwe abelungu ngokwehlukahlukana kwabo, okungase kube amaNgisi, amaBhunu, amaGriki, amaPutukezi, amaJuda, abelungu baphesheya nabanye. Ngokomthethosisekelo waseNingizimu Afrika kuzokhumbuleka ukuthi nxashana ukhuluma ngabantu abamnyama bebonkana, ukhuluma ngendidiyela yamaNdiya, amaKhaladi, nama-Afrika okungaboHlanga. Nangokomnotho-ke ugcina uncozula kula maphesenti alishumi ukuze ukwazi ukuhlaziya ukuthi aboHlanga bona baphetheni.
Nxashana ubheka ngokwezifundazwe isibalo simane sihlasimulise kakhulu, ikakhulu kwaZulu-Natal lapho kukhonya khona abelungu nabomdabu waseNdiya kuwowonke amabhizinisi. Uma izibalo zitshengisa lesi sithombe, futhi zifakazelwa nalucwaningo olusobala kanje, umbuzo osalayo kulaba abaphikisana ngalolu daba ezithangamini zepolitiki nasezinkundleni zezokuxhumana uthi, baphikisana ngakuphi na ngolweWMC.
Kusukela ngowe-1994, uHulumeni obusayo usezame kaningi ukuletha uguquko obekumele njengamanje okungenani selukwazile ukuguqula lesi sithombe sokungalingani ngokomnotho. Kusuka kunqubomgomo yeBEE, kuya kuB-BBEE, Employment Equity okumanje sesikhuluma ngeBlack Industrialist Programme ezinkombeni zokuthi kukhona okungahambi kahle ekushintsheni lesi simo. Kudalwa yini ukuthi kube nokwesaba ukubhekana nethumba elidinga ukukhanywa. Kule minyaka eminingi kangaka aboHlanga bephethe izwe, emizamweni yonke esisetshenzisiwe, yini kungakwazeki ukushintsha isimo somnotho ngendlela ekumele ivune aboHlanga.
Mhlawumbe kungasiza ukubheka kafushane umlando wokwakheka kwaleli lizwe ngaphansi kweNtando Yeningi. Singakabheki kuyamangalisa ukuthi abacwaningi balolu daba abakwazi ukulubeka ngembaba, futhi bengananazi yibo kanye abelungu futhi abazizukulwane zalabo ababecindezele ama-Afrika.
Nxa sithi janti kusisekelo sokwakheka kwezwe ngeNtando Yeningi kusuka ngowe-1994 kuzokhumbuleka ukuthi nakuba ubuqhawe bezigagayi zamashanhliziyo epolitiki balethela leli lizwe inkululeko, nokho kuyacaca ukuthi kwakhelwa phezu kwamabibi nobuxoki obesabekayo balabo ababebambe ngobhongwane ama-Afrika. Ezingxoxweni ezabe zandulela le nkululeko yeNingizimu Afrika, uMnu uHennie Van Vuuren, nxa echaza ebhukwini lakhe elithi, “Apartheid Guns & Money” ukucacisa ngokusobala ukuthi ubuxoki benhlangano yeBroederbond baziveza kakhulu kulezi zingxoxo. Nxa eqhuba uyacacisa ukuthi abamhlophe nxashana sebebona ukuthi sezihubela sakusha, bakha itulo lokuthi izingxoxo zingafinyeleli kuvuthondaba olufanele ngomnotho. “Lobu buchule” babaMhlophe ikakhulukazi amaBhunu, kuyacaca ukuthi babenziwa ngolwazi olujulile. Futhi babeqonda kahle ukuthi bakwenza lokhu ngonembeza ongahlambulukile. AboHlanga ababehola lezi zingxoxo nabo kuyacaca ukuthi banikezela kalulana nje nxashana kubhekwa emnothweni, ngaleyo ndlela bagcina beshaywe ngemfe iphindiwe mayelana nendikimba yodaba lwenkululeko okungumnotho. Inkululeko lena yabe isiba bukhali nganxanye njengommese, kwasilela inoni aboHlanga ababelilobalobele kusuka zaqala izimpi zokuzikhulula kubacindezeli. Lokhu kufakazelwa nangomunye woSolwazi uSampie Terreblanche lapho echaya kabanzi ngodaba lokungakheki kohlaka okuyilo lwepolitiki yezomnotho kule Ningizimu Afrika Yentando Yeningi. Ukubeka kucace ukuthi izingxoxo zabe ziqhubeka nokuvuna abamhlophe, ezisabavuna futhi nanamuhla. Eqhubeka uTerreblanche, uyachaza ukuthi kwayona inqubomgomo yokuqala okwabe kuyiBlack Economic Empowerment (BEE) eyabe inikezelwe aboHlanga ayizange yavela kwaboHlanga, kunalokho kwabe kuyinqubo abafunzwa yona eyabe ivele phezu kohlaka olwabe lwakhelwe amaBhunu olubizwa nge-Afrikaaner Economic Empowerment (AEE). Laba bakhi balezi zinqubomgomo zombili kwabe kungumndeni wakwa-Oppenheimer. Ngaleyo ndlela-ke umbuzo usamile ukuthi ithini inqubomgomo yaboHlanga eyabe iqhutshwa kusuka kwaqala umzabalazo.
Ukuqhubeka nokuphika isimo esisobala njengezinqe zesele, kubonakala kungase kudalele leli lizwe inkinga enkulu ngesikhathi esizayo, ikakhulu esizukulwaneni samanje esinemibuzo enqala futhi esifuna izimpendulo eziyizo kumanje nje. Umbuzo-ke othi, lokhu kuqhubeka nokucasha ngesithupha ngenxa yokwesaba abelungu akuyogcina yini kuthele ngehlazo labo esithi siyabahlonipha ngokuthi balwela inkululeko, kugcine futhi kuhlazise labo abaholayo kumanje ekugcineni. Omunye umbuzo uthi, nxa zonke izinkomba zithi umnotho cishe wonke ngobuningi usezandleni zabamhlophe, kungabe sifanele yini singasho ukuthi lena yiWhite Monopoly Capital. Ingabe siyisizukulwane esifuna ukuphika into siyibona phambi kwethu, isobala okwezinqe zesele na?
Ekugcineni wonke umuntu wahlulelwa ngokwemisebenzi yakhe nxashana esedlulile, kanjalo nabasiholayo kumanje bayobuzwa ngabakwenza bekwenzela izizukulwane eziyolandela.