Now Reading
Inja emnyama isadonswa ngekentango nakubangcwabi
Dark Light

Inja emnyama isadonswa ngekentango nakubangcwabi

AboHlanga bathi ngisho ungawenza kanjani umsebenzi wakho ivenge lisasikelwa izikhondlakhondla zamaphumemile namaNdiya

 

KUFUFUSA ukungqubuzana embonini yabangcwabi nokuyinto engase iphazamise imindeni eminingi eNingizimu Afrika. Lokhu kulandela inkulumo eshubile ekhishwe nguMengameli wenhlangano yaboHlanga iNational Funeral Practitioners Association of Africa (NAFUPA). Enkulumeni ekhethekile nelaboHlanga, uMengameli weNAFUPA, uMnu uMuzi Hlengwa uveze isithombe lapho aboHlanga kule mboni bekhishwa inyumbazane kuzuza izinkampani zezikhondlakhodla zabangcwabi okungu-Avbob kanye noDoves.

UHlengwa uthe kunohlelo “olungumshoshaphansi” oluhlelwe ngabathile kuHulumeni abahlangene nezikhondlakhondla zezinkampani zabangcwabi abamhlophe okubalwa nezaboHlanga lwamaNdiya lokukhiphela ngaphandle osomabhizinisi boHlanga kule mboni yezokungcwaba. UMashasha (abakwaHlengwa) uthe kuyadabukisa ukuthi bagilwa le mikhuba nje sekuphethe uHulumeni waboHlanga ababethi uzoba yihawu labo emanketshaneni la abakhala ngawo. “Kuyadabukisa ukuthi eminyakani engama-23 yedemokhrasi owoHlanga useyisigqila somuntu omhlophe. Uma abanye bethu beba nesibindi sokubuza noma benqaba ukwenza abakuyalelwa ngongxiwankulu siyabajikela ngoba sivikela ivenge esilithola ebudlelwaneni obungcolile nongxiwankulu,” kubeka uMashasha.

Ube eseveza ukuthi abanye abangobhongoza ekusunduzeni aboHlanga kule mboni wuhlaka lukaHulumeni olwaziwa ngokuthi yiRoad Accident Fund (RAF). Kulokho uHlengwa ubeke wathi, “Kubuhlungu ukuthi yilezi zikhulu ezicindezela aboHlanga ngokuvikela amabhizinisi ongxiwankulu kule mboni. Abesikhwama esibhekelele izingozi, iRoad Accident Fund (RAF) baqhamuke nohlelo lwethenda okuhloswe ngalo ukukhiphela ngaphandle osomabhizinisi boHlanga ukuba bangatholi misebenzi ngabantu abasuke bedlule ezingozini zomgwaqo.

“Ngesikhathi sihlangana noNkk uNtswaki Kunene ngowezi-2015 siyozwakalisa ukungagculiseki ngenqubo elandelweyo ngokunikezwa kwemisebenzi okungcwaba, wethembisa ukulumisa uhlelo kuze kube kuphothulwa izingxoxo ngalolu daba. Kodwa ngakolunye uhlangothi waqhubeka nokwenza lokhu esabe sikhala ngakho,” kulandisa uHlengwa. Uqhube wathi: “UNkk uNtswaki Kunene noMnu Kotso Mayisela owayeyiProject Manager behluleka ukuchaza ukuthi inkampani yakwa-Avbob neyakwaDoves zanikezwa kanjani umsebenzi ngoba zazingeyona ingxenye ngesikhathi kuzokwethulwa lo msebenzi.” UHlengwa uthi abeRAF babethe izinkampani ezazingekho ngeke zifakwe ohlwini lwezinkampani ezazizoncintisana ngalo msebenzi.

“Behluleka futhi ukuchaza ukuthi uDoves no-Avbob zanikezwa kanjani imisebenzi izikhawu eziyisi-9 kushiywa ngaphandle izinkampani zaboHlanga ezazinawo wonke amaphepha adingakalayo,” kusaqhuba yena. “Zonke izinkampani ezazingenawo amaCertification of Competency (COC) namaDesignation Numbers zachithwa ngaphansi kombandela wokuthi yinqubo kahulumeni. Kwanikezwa ngisho nezinkampani ezazingenawo amahhovisi,” kuqhuba uHlengwa.

Ngokusho kukaMashasha iCOC kusuke kuyisitifiketi esikhishwa nguMnyango Wezempilo kulowo ozokwakha iMortuary yokugcina izidumbu. IDesiganation Number yona ikhishwa nguMnyango Wezasekhaya kusomabhizinisi obhale waphumelela izivivinyo zakhona okuyisitifiketi esimnikeza ilungelo lokubhalisela amaBurial Order Numbers. “Ihhovisi lakwaRAF ligcwele inkohlakalo. Lezi zikhulu ezintathu zidayisa izidumbu zabantu ezinkampanini zabangcwabi ngesamba sezi-R5000 isidumbu ngasinye,” kuqhuba uHlengwa.

Uveze nokuthi ngesikhathi lezi zinsolo zenkohlakalo beziveza kwasungulwa uphenyo kodwa nalo lwaphelela emoyeni. “Inhloko engumphenyi wakwaRAF Forensic yasibikela ukuthi ubufakazi esabuletha phambi kwabo babenele ukuba kungaboshwa abathile, kodwa kwagcina kungenzekanga lutho. Ngisho nalezi zikhulu ezintathu zakwaRAF ezazithinteka kule nkohlakalo azimiswanga emsebenzini,” esho kanje.

UHlengwa uphinde wathi banenkulumo eqoshwe phansi phakathi kwabo neSikhulu Esiphezulu sakwaRAF, uDkt u-Eugene Watson lapho ithi zonke izinkampani zabangcwabi zinelungelo lokunikezwa umsebenzi wokungcwaba izidumbu ezisuke ziphangalale ezingozini zezimoto. “Nokuthi lezo zinkampani uma seziwuqedile umsebenzi wokungcwaba kuyomele zifake izicelo zokukhokhelwa yisikhwama sakwaRAF. Kodwa ngesikhathi sesikhuluma noNkk uKunene wathi uma leyo nkulumo eqoshiwe singamlethela yona naye azizwele lokho kungasiza kakhulu. Kuthe sesimnikezile kwathiwa thina boHlanga asingenzi mngcwabo oqondene neRAF,” kuqhuba uHlengwa.

Nezibhedlela azisalanga ngaphandle

Uphinde wagxeka izibhedlela zikaHulumeni okubalwa kuzo, iMahatma Ghandi, iPrince Mshiyeni Memorial Hospital, i-Addington, iKing George, iRK Khan nePhoenix Government Mortuary nakwezinye izindawo okugcinwa kuzo izidumbu ukuthi inkohlakalo idla lubi. “Akunkohlakalo kuyabhujwa, imizimba yabantu idayiswa njengamakhekhe. Wemame! kuyabhujwa kuGale Street, kulesi sigcinazidumbu (mortuary) kudlalwa isitokofela ngezidumbu,” kuqhuba uHlengwa.

See Also

Ube esenxusa aboHlanga ukuba basukume bavikele amabhizinisi abamnyama embonini yezokungcwaba nathi igubuzelwe yifu le nkohlakalo. “Akukhathaleki noma uwenza ngokwethembeka umsebenzi, uma nje wena woHlanga ungenabo obhululu kulezi zibhedlela zikaHulumeni usala ngaphandle,” kusaqhuba yena. Khona lapho ubale noMnyango Wezasekhaya nathe: “UMnyango Wezasekhaya awunaluzwelo lokusiza abantu boHlanga abasuke beshonelwe njengoba bebaphoqa nokuba benze izinto abangazenzi kwabezinye izinhlanga.”

Lapha uHlengwa uthi ngaboHlanga kuphela ababanjiswa ulayini uma bezolanda amaBurial Order Numbers kodwa abezinye izinhlanga abakwenzi lokho ngoba basizwa nguDoves no-Avbob. “Kungani kube ngaboHlanga bodwa ababambe olayini eMnyangweni Wezasekhaya. Ngabe kusho ukuthi yibona kuphela yini aboHlanga abashonelwayo ngoba zonke izinhlanga ziyashonelwa,” kuqhuba uHlengwa.

UHlengwa uqhuba uthi: “Impendulo kulokhu ithi abezinye izinhlanga benzelwa nguDoves no-Avbob. Abasebenzi bakwaDoves noma bakwa-Avbob bona bavele bahambise eMnyangweni Wezasekhaya imiqingo yezitifiketi zokushona zamakilayente abo abezinye izinhlanga. Bafike bazishiye etafuleni bese abasebenzi bezoMnyango Wezasekhaya beyawaqoqa bawasebenze kuthi uma sebeqedile bese befonela abakwaDoves noma abakwa-Avbob ukuba bazowalanda kanye namaBurial Order Numbers, kodwa kwaboHlanga kuthiwa zilandele wena.”

UHlengwa uphethe ngokuthi nezinkampani zabomdabu baseNdiya ziyahlomula kwaRAF. “Omunye wabangcwabi ongowaseNdiya kodwa engingeke ngimdalule ngegama wake wangincenga ethi angiyeke ukubanga umsindo ngale nto yakwaRAF yena angangisiza ngokungixhumanisa nesinye sezikhulu zakhona asigagula ngegama owathi sizongisiza ngokungifaka ohlwini lwabahlomulayo kwaRAF kodwa wathi kuzomele ngisigwazele ngezi-R5000. Ngebhadi ngakwenqaba lokho ngoba ngingahambisani nenkohlakalo,” kuqhuba uHlengwa.

Scroll To Top