Now Reading
Achayile amaqembu aphikisayo
Dark Light

Achayile amaqembu aphikisayo

I-ANC ishaya phansi ngonyawo ithi ayisoze nangengozi yavotela ukukhipha uZuma

 

INKANTOLO yoMthethosisekelo kuleli isiphinde yaziqhelelanisa nepolitiki ngemuva kokuthi ichayise amaqembu aphikisayo ngesicelo sawo sokuba iphoqe iPhalamende ukuba ligunyaze ivoti eliyimfihlo ngosuku okuzobe kubhungwa indaba yokuba uMengameli aphume esikhundleni sokuhola iNingizimu Afrika. Lokhu kugqame izolo emini ngesikhathi oyiNhloko yaBehluleli kuleli, uMogoeng Mogoeng echaza kabanzi ngesinqumo abasithathile sokuba bangazihlanganisi nodaba lokuthi ngabe kufanele uMengameli akhishwe ngevoti eliyimfihlo na noma cha.

“Uma uMengameli noma uSihlalo woMkhandlu Wezifundazwe noSomlomo bekhethwa, kusetshenziswa ivoti eliyimfihlo kodwa uma sekuziwa odabeni lokukhipha uMengameli esikhundleni akukho lapho kushiwo khona ukuthi ngabe kumele kuvotwe ngokuyimfihlo noma kuvotwe esidlangalaleni kubuka wonke umuntu. Ngakho wonke amandla alele kuSomlomo wePhalamende ukuba athathe isinqumo ngalolu daba mayelana nokuthi ngabe kuzomele amalungu avote ngokuyimfihlo noma azovota esidlangalaleni,” kusho uMogoeng ethula isinqumo.

Lolu daba beluhlalelwe aBehluleli abayisishiyagalombili abebeholwa uMogoeng ngesikhathi kulindelwe isinqumo ebesibhekwe ngabovu yiwo wonke amaqembu kusuka kwaphikisayo kuya kwelibusayo. Ngesikhathi uMogoeng eqhubeka nokwethula isinqumo ukugcizelele ukuthi ngokoMthethosisekelo uma kukhishwa uMengameli esikhundleni kuyomele neKhabhinethi yakhe ihlakazwe kuphume ngisho nephini lakhe. UMogoeng ukubeke kwacaca ukuthi uSomlomo waba nephutha elikhulu ngesikhathi echitha amaqembu aphikisayo ngelokuthi ivoti eliyimfihlo alivumelekile ngoba nguye onamandla okuthatha lesi sinqumo.

Lokhu kwagcina sekuphoqa i-United Democratic Movement (UDM) kaGeneral uBantubonke Holomisa ukuba iqonde enkantolo ukuze iphikisane nalesi sinqumo sakhe. I-UDM igcine isijoyinwa amanye amaqembu aphikisayo okubalwa iDemocratic Alliance, i-Economic Freedom Fighters, Inkatha Freedom Party, iCongress Of the People namanye. Lolu daba lufakwe enkantolo ngoMbasa ngemuva kokuthi uMengameli uJacob Zuma exoshe uNgqongqoshe Wezimali, uMnu uPravin Gordhan nephini lakhe uMnu uMcebisi Jonas. Lokhu kwenza nesimo somnotho sanyakaza sagcinana sesibekwa esigabeni sikavobo nokwathukuthelisa amaqembu aphikisayo ekhala ngokuthi uZuma wenze izinguquko ezibeka izwe engcupheni. Amaqembu aphikisayo nabanye abaholi abangaphakathi ku-ANC okubalwa oDkt uMakhosi Khoza, uDkt uZweli Mkhize, uDkt uMathole Motshekga noSotswebhu uMnu uJackson Mthembu babengabanye abangazange bename neze ngalezi zinguquko ezenziwa kuKhabhinethi.

Amaqembu aphikisayo agcine esehlela namamashi okuzama ukuchitha uMengameli uZuma esikhundleni kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya njengoba iqembu lakhe nalo linakaze lizame ukumgudluza. Kube sekulandela ngokuthi i-UDM iphuthume enkantolo kwahlehla nosuku olwaselubekiwe lokuba kubhungwe ePhalamende ngendaba yokukhipha uZuma esikhundleni. Inkantolo bekungekhona okokuqala ichitha amacala anepolitiki phakathi njengoba kwenzeka odabeni lwenhlangano yezepolitii eyayihlubuke ku-IFP, iNational Democratic Convention eyayiholwa uMfu uZiba Jiyane. INadeco yazithola isibangwa enkantolo abaholi bayo ababili okunguJiyane noMfu uHawu Mbatha kodwa yazihlangula kulo mbango, wagcina uJiyane esezihambela eyosungula elinye iqembu. Naseqenjini i-IFP kwenzekile ngesikhathi uNkk uZanele uKaMagwaza Msibi esenguSihlalo wayo kazwelonke.

See Also

UKaMagwaza Msibi wafaka iqembu eNkantolo Ephakeme yaseMgungundlovu ezama ukuvimba ukuba limxoshe kodwa lamchitha nokwaholela ekutheni alishiye wayosungula iNational Freedom Party. Nakuyo iNational Freedom Party kwenzekile okufanayo lapho amakhansela ayo ayesusiwe ezikhundleni aphuthuma enkantolo eyozama ukuphikisana nalesi sinqumo kodwa inkantolo yanquma ngokomthethosisekelo we-NFP kwaholela ekutheni amanye amakhansela alaxaze iqembu azijoyinela ezinye izinhlangano. I-African National Congress nayo ibe nalesi simo ngesikhathi ibheke engqungqutheleni eyayiseMangaung lapho amalungu ayo aseFree State ayeholwa uMnu uMphoa Ramakatsu athukuthela aqonda enkantolo ezama ukuvimba le ngqungquthela ngoba ekhala ngokuthi uSihlalo wesifundazwe, uMnu u-Ace Magashule wafaka abantu bakhe ababengenabo ubulungu be-ANC washiya ngaphandle labo ababephikisana naye.

URamakatsu wagcina eselaxaza i-ANC wayojoyina i-EFF nayo agcine eyishiya, wanyamalala kwezombusazwe. ICongress of The People ibhekane nesimo esifanayo ngesikhathi kunombango obuphakathi kukaMnu uMbhazima Shilowa noMnu uMosioua Lekota. UShilowa nezakhe babezama ukuvimbela iCope ukuba ibe nengqungquthela yokukhetha ubuholi bukazwelonke kodwa inkantolo yabachitha. Zikhona nezinye iziwombe lapho inkantolo ibibonakala iziqhelelanisa nezimpi zangaphakathi emaqenjini njengoba ibivele kwabanye ithi abayoxoxa ngaphakathi eqenjini. Ngaphandle kwalokhu lesi sinqumo sayizolo sikaMehluleli uMogoeng sivale abaningi imilomo njengoba besekuhlale kukhalwa ngokuthi izwe liphethwe izinkantolo.

USotswebhu we-ANC uMnu uJackson Mthembu uthe basijabulele lesi sinqumo futhi bamile njengeqembu ukuthi abazukuyeseka indaba yevoti eliyimfihlo. “Kuyobe sithakathiwe uma sivuma ukuvota neDA ne-EFF ngoba nakhu sifuna ukukhipha uMengameli. Empeleni kumele sikucacise ukuthi asisoze sivote namaqembu aphikisayo futhi angeke simkhiphe uMengameli esikhundleni ngoba lokho kuyofana nokuthi sikhipha uHulumeni wethu,” kusho uMthembu. Amaqembu aphikisayo asethi wona azohlala entanyeni kuMbete ukuze akhiphe isinqumo esicacile.

Scroll To Top