Isizwe sabakwaCele sidabuka kuNyambose


Abantu bakwaCele sekufikiwe eNingizimu Afrika kusukwa eNkabazwe yezwekazi i-Afrika, bakha phakathi kweziMfolozi eMhlophe neMnyama ngaseNgome eMahlabathini. Amathuna kaCele kaMlomo noLanga kaSodi aphakathi kwayo iMfolozi eMnyama neMhlophe. Kwathi kusakhiwe lapho isizwe sanda uMkhokheli kaLanga wathutha wagcina ewelele eningizimu yoThukela. Wayenolaka olwesabekayo uMkhokheli emnyama ngebala engemude kodwa ephakathi nendawo. Kwathi ukuba abone ukuthi umuzi wakhe wabe usumkhulu esenabalandeli abaningi wabona kufanele ayokwakha kwenye indawo lapho ayezokuba yinkosi yabalandeli bakhe khona. AbakwaCele babayisizwe sesibili ukuwela uThukela beqhamuka enyakatho.
Abantu bokuqala abawela beqhamuka ngasenyakatho ngabakwaLuthuli. UMkhokheli wayengeke akwazi ukwakha phakathi koMhlathuze noThukela ngoba yonke leyo ndawo yabe isingaphansi kwesizwe sakwaQwabe. Wayeliqhawe futhi engakwesabi ukubhekana nezitha zakhe. Ngakho-ke ekuweleni kwakhe uThukela eya eningizimu walwa nezizwe eziningi. UMkhokheli wazithela ezizweni eziningi eningizimu yoThukela: amaNganga, amaHlongwa, amaMbili, amaShange, amaNxamalala, amaNhloko, amaNsomi, amaNdelu, nezinye. Zonke lezo zizwe zakhonza kuye uMkhokheli ekufikeni kwakhe waba yinkosi yazo. Walwa izimpi nalezi zizwe uMkhokheli: uJama wakoNoMbhedu! Oth’ ejamile abejamele izibaya zabathakathi; Inyon’ edlala ngamanz’ asoThukela, Isiqunga esihle sakoNombhedu, Ebesingahlalwa nyoni, Sihlalwa ngamazinyan’ amasakabuli. Bayamkhulekela, Laba bakaJama! uJama woLundi.
Kodwa ukulwa kwangalezo zikhathi kwakunobulungiswa kwazise uma kufa umuntu oyedwa empini ukulwa kwakumiswa. Bonke abantu ababethi: “maluju!” babemukelwa bangalinyazwa. Ngakho-ke uMkhokheli wawelela eningizimu yoThukela ngaphambi kwabantu bakwaMakhanya namaGwabalanda okungabantu ababeyingxenye yabakwaQwabe phakathi koThukela noMhlathuze. Ngaleso sikhathi uMkhokheli akha umuzi wakhe omkhulu kwaShokovu enyakatho yoMvoti eduze kwakwaDukuza, abakwaLuthuli babakhe ngaseBluff kodwa nabo bagcina bekhonze kwabakwaCele. Ithuna likaMkhokheli likwaShokovu. UMnini Luthuli wakhulela kwaCele. UMkhokheli waganwa yintombi yakwaLuthuli igama layo okwakunguMaSivuba, uyise kunguSivuba Luthuli. Kwathi-ke uma uMasivuba eshona iNkosi uMnini njengesiko langalezo zikhathi waphikelela kwaCele eyofuna inkomo eyayaziwa ngokuthi yinhloko eyayikhishwa inikwe abasemzini uma intombazane ekade igane lapho isishonile. UMaSivuba wayengunina kaDibandlela kaMkhokheli. Eminye imizi kaMkhokheli yile: oNikela, emaSwazini, eNgwazini, emaNakeni, emaCadini nakwaShange.
Ngenkathi uMkhokheli ethutha eyokwakha eningizimu yoThukela, iningi labakwaCele lasala lakhe nabakwaMthethwa. Abanye balaba bantu bakwaCele bathutha baphikelela enyakatho kwelakwaMabhudu. Kulapho bakha khona kwaze kwaba yisikhathi sikaMagaye kaDibandlela. Kungesikhathi uMagaye esakhe umuzi wakhe omkhulu eMdlazi enyakatho nomfula uMhlali lapho abakwaCele abase bakhe enyakatho kwaMabhudu baphinde bathutha bayokwakha lapho sonke isizwe sakwaCele esasiholwa nguMagaye sabe sakhe khona. Ekufikeni kwabo endaweni kaMagaye leyo ngxenye eyayakhe kwaMabhudu yabe ingasakwazi ukukhuluma kahle isiZulu yenziwa ukwakha isikhathi eside kwaMabhudu. Ngemuva kokushona kukaMkhokheli isizwe sakwaCele saholwa nguDibandlela inkosana yakhe. Mzizima ongukuhlwa (umuntu omnyama bhuqe)! uBhejane obheje isandla, Wabhej’ umlomo onegazi).
Ngokwephuz’ izingazi zamadoda; Wadada ngamad’ amathafa, Ingcithingcithi elimathang’ abuthelezi (okhuluma njalo). uSoyingwase! lqhuz’ elimagatshagatsha made; Ahehleze beliqhuzula ukweleleka (ukulelesa ukulibulala). Unzipho zabhal’ emthini qede zagoba, Ngoba zabhal’ empandleni, KaKhanywayo. uMdada ngamad’ anzathafa (ohambayo).
Wakha imizi yakhe eminingi njengalena: oNikela okwakungumuzi kayise ayezalelwe kuwo okwaba ngumuzi wakhe omkhulu. Wakha nale mizi elandelayo: eNdungunyeni, eKulomeni, eNhlulweni, eKubhubheni, eMkhanzini, oLwasini, eNgcawusheni, eNyenyezeni, eKuminzeni, neminye. Indlalifa kaDibandlela uMagaye yazalelwa emzini wasoNikela. Unina kwakunguSiwethu kaKhondlo inkosi yakwaQwabe. Umuzi wakhe omkhulu kwakuseMdlazi amanxiwa awo angenhla kwesiteshi saseMhlali. Eminye imizi kwakuseKumangaleni, oDabeni, eSokeni, eMdlela (enyakatho yomfula uThongathi), oNikela, eSishweni, neminye. Ukubekwa kwakhe esihlalweni sobukhosi kwalandelwa yizinkinga eziningi: UMande, enye yamadodana kaDibandlela yasemzini waseMfeni yayisha amashushu ngokuthi uyise uDibandlela kuhle ashiye umuzi wakhe wasoNikela ayobusela eMfeni ukuze azobusa nayo. Waze wazama ukudonsa uyise ngengalo ethi kuhle kuyiwe eMfeni kodwa uyise wenqaba wahluthula ingalo waze wawa. Ngemuva kwalokho uDibandlela wafunga udadewabo uNonqina kaMkhokheleli ukuthi wayezoqhatha uMande nenkunzi encane.
– Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando Wamakhosi Esifundazweni saKwaZulu, Umqulu I. Uma ufisa ukutholale ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.