Limi ngothi kwaNongoma


Ukumiswa kwezikhulu nokuboshwa kukaMthembu nomfowabo kukhomba indlela eyabe ijule ngayo inkohlakalo kulo Masipala
KUNGAKAPHELI ngisho amahora angama-24 uMkhandlu uthathe isinqumo sokumisa izikhulu ezintathu emsebenzini kulandela uphenyo olunzulu, esinye salezi zikhulu esimisiwe singene ezikhindini. Lesi sikhulu nguMnu uMandla Mthembu oqashwe njengeSikhulu Esiphezulu SezezimalI (Chief Financial Officer). UMvelase uboshelwa icala lokusocongwa kukaMnu u-Archie Duma owayenguMcwaningimabhuku Wangaphakathi (internal auditor) nowalinyazwa ngoNcwaba ngonyaka owedlule. Ukuboshwa kwakhe (uMthembu) kube njengengqayi uqobo lwayo njengoba imbokodo ebomvu igasele ekuseni kusempondozamneke ngehora lesithathu kwabo eMabhuqwini eMahhashini. Lapha ngokuthola koZul’azayithole bafike bamlandula bamkhomba emzini wakhe kwaHolinyoka okuyindawo engekude kangako. Nokho okuqaphelekile wukuthi athe angasuka nje amaphoyisa eMabhuqwini kwakhona omncinza indlebe uMthembu ngoba athe amaphoyisa etheleka emzini wakhe wacela empunzini. Khona lapho kuvelile ukuthi afika nje amaphoyisa ubesaqoqa izimpanhla esebikile ukuthi uyobhaca kwaNgwane (eSwazini).
Kuthe emuva kokuthi ecele empunzini amaphoyisa aqhamuka neqhinga lokuthi kuthi lapho amanye ehamba, elinye ithimba lisale ngaphakathi ukuze athi nxa efika uMthembu bese kumshela. Nembala kube njalo ngoba limlahlile elakubo, uthe uyabuya ngoba ethi asehambile amaphoyisa kwabe usezithelile kunoxhaka waboshwa kanjalo. Uzobingelela imantshi namuhla (ngoLwesihlanu) nokulindeleke ukuba afake isicelo sokuboshelwa ngasekhaya. Kulindeleke ukuthi uma efaka lesi sicelo siphikiswe njengoba kuvele ukuthi ubezama ukweqa ayobhaca kwaNgwane.
Ngokophenyo lweBAYEDE enye yezinto umufi uDuma azidalela ngayo amazinyo abushelelezi wuphenyo lwangaphakathi alenzayo olwaluthinta ukusetshenziswa kwezimali budedengu, ukunikeza ngemisebenzi okwabe kunomkhonyovu. ElaboHlanga linawo umbiko kaDuma owashicilelwa ngowezi-2014 osihloko sithi: Audit on NDPG Project, Absa Link Road and Missing Cheques: Nongoma Municipality: Report Number: 001/2014). Lo mbiko uveza okuningi okuwumkhonyovu okuthinta izikhulu kanjalo nezinkampani ezithize. Khona kulo mbiko kuvela nokulahleka kwemali eyabe ikhishelwe ukwakha isakhiwo samagugu kwaNdunu khona kwaNongoma.
Leli phephandaba lingakuqinisekisa ukuthi umbiko osanda kuphuma owenziwe ngabakwa PriceWater Coopers, isandulelo sawo yilowo owenziwa nguDuma nogeqa amagula ngenkohlakalo eyabe ikhona. Phakathi kwezimali ezasetshenziswa ngendlela engaqondile kubalwa eyokulungisa umgwaqo, eyokwakha isigcinamagugu neyokulungisa isikhumulo samabhasi namatekisi. Inkampani eyaqokwa ngokulungisa umgwaqo kuvela ukuthi yabuye yaphucwa ithenda kungakapheli ngisho izinsuku ezinhlanu inikeziwe. Ngemuva kwalokho kwacelwa ukuba ithathe isinxephezelo semali eyizi-R600 000 ukuze kunqandwe ukuba ingayi enkantolo.
Lo mbiko kaDuma ubuye udalule ukuthi kulezi zinhlelo ezibalwe ngenhla kwasetshenziswa imali evela eHhovisi Likazwelonke likaMgcinimafa ngaphandle kokulandela imigudu efanele. Kuphinde kuvele nokuthi ngesikhathi kwenziwa imidwebo yesakhiwo sokugcina amagugu, kwakhokhwa imali ngokuphindwe cishe kathathu. UMasipala wakwaNongoma kukhona lapho kuvela khona embikweni ukuthi kwakufanele ukhokhele imidwebo kodwa ngenxa yenkohlakalo eyayenziwa, kwagcina ngokuthi uMasipala akhokhele namaphutha enzeka emidwebeni.
Ngokongoti bemidwebo yezakhiwo kwadalulwa ukuthi kube yinkohlakalo ukuthi uMasipala ukhokhiswe imali kabili ekubeni kufanele ukhokhele umsebenzi osuke sewenziwe hhayi amaphutha. Okunye ukuthi yonke le nkohlakalo ebiphenywa nguDuma yayenzeke kusuka ngonyaka wezi-2011. UDuma wenza izincomo zokuthi esinye sezikhulu okunguMnu uMqondisi Dladla simiswe emsebenzini. Lesi sikhulu kumanje sihleli ekhaya ngoba naso sasinukwa ngokuthi saba budedengu ngokukhishwa kwamathenda omkhandlu futhi asizange senze okwanele ukusukumela udaba lwamasheke ayelahlekile. IBAYEDE oshicilelweni lwayo langomhla ziyisi-6 kuya zili-13 kuMbasa ngowezi-2017 ibike kabanzi ngalolu daba.
Embikweni owenziwa uDuma ngaphambi kokuba abulawe kuvela ukuthi uMkhandlu wakwaNongoma walahlekelwa imali ebalela ezigidini ezingama-R20 ngenxa yenkohlakalo. Ezinye zezincomo ayezenzile kwaba ukuthi izikhulu ezithintekayo akufanele zitotoswe uma sezithathelwa izinyathelo ukuze kwenziwe isifundo nakwabanye. Waphakamisa nokuthi njengengxenye yesijeziso labo abathintekayo kuyomele bayibuyise imali.
“ISikhulu Esiphezulu Sezezimali esikhona njengamanje kufanele senze uphenyo oluzocacisa ukuthi ngabe ayikho yini imali eyakhokhelwa isikhulu ebesibhekele izimali kuMasipala esesihambile. Lokhu kuzosiza ukuthola kabanzi ukuthi ngabe uma kwenzeka lokho ngabe leyo mali yakhokhwa ngendlela efanele yini. Okunye ukuthi kuyomele kusungulwe uhlaka oluzoqinisa isandla ekulawulweni kwezezimali ukuze kugwemeke ukunyamalala noma ukulahleka kwamasheke ngendlela engaqondakali. Siyonxusa nokuthi kuqashwe ongoti abazophenya kabanzi ngabe ayikho yini inkohlakalo eyenzeka ngodaba lwamasheke anyamalele,” kusho uDuma embikweni wakhe ngenkohlakalo eMkhandlwini wakwaNongoma.
Kulo mbiko wakhe uDuma ubuye agxeke izikhulu ezaziqondene nezimali azisola zazivele zikhiphe imali udede zingaladeli imigudu uma kukhokhelwa izinkampani ezithize. “Lokhu kukhomba ukuthi kukhona ubudlelwano obabukhona phakathi kwabanye abasebenzi bakaMasipala nezinkampani ezazisuke zinikezwe imisebenzi ngaphakathi obaholela ekutheni uMkhandlu ulahlekelwe imali efinyelela ezi-R514 730.26. Konke lokhu kuphinde kufakazele ukuthi akuzange kulandelwe iSigaba soMthetho Wokuphathwa Kwezimali uNombolo 65,” kusho uDuma esaqhubeka embikweni wakhe. Okunye izimali zazikhokhwa ngaphandle kokuba kusayine izikhulu ezaziqondene. NgokukaDuma kwakufanele kuthi uma kuzokhokhelwa inkampani esuke inikezwe umsebenzi kuMasipala, kusayine umabhalane, iSikhulu Esiphezulu Sezezimali, nabanye abaqondene kodwa konke lokhu kwakungenzeki.
“Ngesikhathi ngenza uphenyo ngangikuqaphele ukuthi indlela okukhokhwa ngayo esetshenziswa uMasipala yaguqulwa abathile abasophikweni olubhekele izimali eMkhandlwini. Okwenzeka ukuthi amaphepha obekusayinwa kuwo aguqulwa enziwa ngendlela yokuthi singabibikho isikhala sokuba i-Accounting Officer ikwazi ukusayina noma igunyaze ukukhokhwa kwemali. Lokhu kwaholela ekutheni kungabibikho ukulawuleka ohlelweni lokukhokhelwa kwezinkampani ezisuke zikweletwa nguMasipala. Ngenxa yalokho sithole ukuthi kube nokuphulwa kweSigaba 65 esibhekele ukuphathwa kwezimali zikaMasipala esikuSengezo 56 wezi-2003,” kusho umbiko.
Udaba lwamasheke
Ngemuva kwalokho uDuma wenze izincomo embikweni wakhe zokuthi kuphenywe kabanzi mayelana nembangela eyadala ukuthi uma kukhishwa amasheke kube nezikhulu ezingasayiniswa. Izinkampani ezivezwa umbiko kaDuma ukuthi zakhokhelwa kungalandelwanga imigudu yokuba kusayine izikhulu eziqondene kubalwa Isiphiwo Trading JVC Plaktan Trading yanikezwa imali ebalelwa ezigidini ezimbili zamarandi ngesakhiwo sokugcina amagugu, IMageba Consultant Engineers and Project Managers bakhokhelwa izi-R400 000 ngaso isakhiwo sokugcina amagugu. Kuphinde kube yiyo iMageba Consultant Engineers and Project Managers eyakhokhelwa izi-R7 00 000.
Ayekhala ngakho ukuthi kukho konke lokhu uMkhandlu kungenzeka ukuthi wakhokhela umsebenzi ongasile ongenziwanga kahle noma ongazakhe ubekhona. Uphinde adalule nokuthi ophenyweni lwakhe akukho lapho athola khona izincwadi zekomiti elibhekele ukukhishwa kwemisebenzi yomkhandlu, ezigunyaza ukuqokwa kwezinkampani ezakhokhelwa ngemisebenzi ethile. Embikweni uDuma uqhuba athi yikho lokhu okwenza afinyelele esiphethwenio sokuthi ayizange ilandelwe imigomo efanele ngesikhathi kunikezwa izinkampani umsebenzi okwakufanele zakhe isakhiwo sokugcina amagugu, ezazenza imidwebo yokuthi sizoma kanjani nokunye.
Uphinde agcizelele ukuthi yonke le nkohlakalo yenza kwaqokwa amavukane ezinkampani ezingenalo ulwazi olwanele ngemisebenzi ezazinikezwe yona. “Ngakho labo ababeyingxenye yokuqokwa kwezinkampani ezazenza umsebenzi woMkhandlu kuyofanele bathathelwe izinyathelo ezinqala ngoba lokhu bakwenza bengazange bazihluphe ngokulandela imigudu efanele ehambisana nokukhishwa kwemisebenzi yoMkhandlu,” kusho uDuma embikweni okusolakala ukuthi ubulawelwe wona.
Okunye okusolakala ukuthi kwamfakela isigcwagcwa kwaba izincomo zokuthi kufanele zonke lezi zinkampoani ezazisebenzela uMasipala wakwaNongoma kodwa ezaziqokwe ngendlela engafanele, kuyofanele ziphucwe umsebenzi kunqanyulwe izinkontileka zazo. Ngendlela umbiko kaDuma owawushubisa ngayo, kukhona lapho ophakamisa khona ukuthi labo abanikeza izinkampani ezisebenza kumasipala umsebenzi ngendlela engafanele kuyomele kube yibo abakhokha izindleko zenkantolo uma kwenzeka uMkhandlu umangalelwa.
IBAYEDE ingakuqinisekusa ukuthi embikweni wangaphakathi kaDuma uMthembu noDladla bathinteka nokuthi yize uDladla agcina emisiwe uMthembu waphunyuka ngembobo yenaliti ngoba wawavuma amacala kepha wabe eseninda uDladla ngokuthi yena Mthembu aye kwenza kwabe kuwukulandela umlayelo wesikhulu esingaphezu kwakhe. Nembala kulandelwa inqubo washaywa ngioswazi oluncane.
Ukuphawula koMkhandlu
IMeya yakwaNongoma, uMfundisi uSthembiso Mataba uthe bashaqekile ngokuzwa izindaba zokuthi omunye wezikhulu abazimisile useboshiwe. “Thina esikudingayo ukwazi iqiniso ngokubulawa ngesihluku kukaDuma ngoba salimala kakhulu njengoMasipala ngokufa kwakhe. Ngikhuluma nje sabekwa phezu kwegazi lakhe ngesikhathi sithatha izintambho zoMkhandlu njengoba sagcotshwa kuphele izinsuku ezine kuphela edutshulwe emagcekeni oMkhandlu. Lesi sigameko sasiphazamisa kangangokuthi omunye wabasebenzi beHhovisi Labacwaningimabhuku ebelisingethwe uDuma, wanquma ukwesula ngenxa yokuhlukumezeka abhekana nakho okwakumkhathaza nasemqondweni ngenxa yokuthi uDuma wadutshulwa phambi kwakhe. Leli Hhovisi kumanje alisebenzi ngoba abantu bayesaba ukuthi uma benza umsebenzi wabo bazobulawa. Okubuye kube buhlungu kakhulu ukuthi uDuma wabulawa esanda kuthola ingane encane nokuyinto esingayazi ukuthi iyoba yisilonda esiyovaleka uma kwenzenjani,” kusho uMataba.
Uqhube wathi yize bebhekene nalezi zinkinga eMkhandlwini kodwa izinhlelo abebevele benazo zentuthuko ziyaqhubeka. Uthe bamise lezi zikhulu ezintathu emsebenzini ngoba befuna ukuqhubeka kahle nezinyathelo zomthetho. “Zintathu izinyanga esinqume ukuba bazihlale ekhaya ukuze kungaphazamiseki izinyathelo esiqhubeka nazo siwuMkhandlu okungezomthetho,” kuqhuba uMataba.
Ukufa kukaDuma ngonyaka odlule kudale imibono eyahlukene njengoba abanye abangaphakathi eMkhandlwini babesola ukuthi usocongwe ngoba sekubonakala ukuthi iqembu ebeliphethe okuyiNFP liyaphuma emandleni okuphatha uNongoma. Lokhu kwahunyushwa ngokuthi umkhuba ungaphakathi futhi uDuma ubulawa ngoba kunovalo lokuthi iqembu elizongena lizopequlula wonke amahlazo lize likhiphe nombiko owawenziwe uDuma ngenkohlakalo nowakwaPriceWater Coopers.