Imigomo esisebenza phezu kwayo iyasisiza yini isizwe?


UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
Omunye umfundi wayenekhono lokukopela ngendlela eyisimanga. Iso lakhe lalijombela emsebenzini walowo ahlezi eduze kwakhe bese ebhala lokho okubhalwe ngumlingani wakhe. Ngale ndlela ayenza ngayo wayegcina engasacabangi uma ebheka umbuzo bese ebhala njengomakhelwane wakhe. Kwacaca uma uthisha esehlola umsebenzi wabo ukuthi kukhona obhale wabonela komunye. Lokhu kwakucaca esebhala nalokho okungamaphutha komlingani wakhe ukuthi wayengayisebenzisanga ingqondo yakhe.
Sekuyinto ejwayelekile ukuthi uma kunokungezwani emaqenjini epolitiki, kusuke omunye wabaholi aqembuke naye avule elakhe. Kuyinto eyayenzeka nasemandulo kwabamhlophe lapho amaBhunu ahlubuka kuSouth African Party asungula iNasionale Party. Leli qembu lalinemigomo eyehlukile kunaleyo yeSAP. Kwahamba kwahamba bakubona ukuthi ukwehlukana kwabo kuyawanciphisa amandla abo, base begcina sebesondelana. Uma ngikhumbula kahle, noma ekhona namuhla amaqembu aneningi labamhlophe aweqile kwamabili. Uma ubhekisisa kahle lokho kwenza bazi ukuthi uma bevota amandla abo aqoqekile. Lokho akubenzi babebaningi kunabesizwe abamnyama, kodwa sengathi kuyabasebenzela ukuvikela umnotho osezandleni zabo.
KwaboHlanga abakupolitiki sekuyinsakavukela ukuthi athi umuntu uma exakeka wukusebenzisana nobuholi beqembu abengomunye wabaholi kulo, abese ephuma naye asungule elakhe. Asemaningi amaqembu aholwa ngabaholi abaphume ku-ANC, kanjalo futhi asemaningi amaqembu asephume ku-IFP. Njalo uma kuphuma abathile eqenjini elikhulu kuyawehlisa amandla alo, kanti futhi kuyawehlisa nomfutho wokulwela izinto ezinjengomnotho ongekho ezandleni zabesizwe. Okunye okuyaye kucace uma sekusungulwa iqembu elisha liba nemigomo engehlukile kangako kweyalelo abaphume kulo. Zimbalwa kakhulu izinto ezilwelwa amaqembu epolitiki uma ziqoqelwa ndawonye, futhi zicishe zifane ezoHlanga. Uma ngizicabangela nje ngingomunye ungoti kwezepolitiki kuyaye kungifikele ukuthi izitha zaboHlanga ziyajabula njalo uma kunokwehlukana kubaholi abahola amaqembu aneningi laboHlanga ngoba basuke bazi ukuthi uyehla umfutho iqembu elizosebenza ngawo. Ngokwanda kwamaqembu kugcina kungasabhekenwe nezidingo kodwa iqembu ligcine selikhuluma ngelinye. Uma sekunje aboHlanga bagcina sebengasangcwekisani ngokwepolitiki, kodwa kuyehla ezingeni kugcine sekuthukwana kuze kubulawane.
Imvamisa uma kwehlukana aboHlanga kugcizelelwa ukungaboni ngasolinye kodwa kube kukhulunywa ngento efanayo. Lokhu kungenza ukuthi abalandeli bagcine belandela umuntu kunokulandela imigomo nemisebenzi ephusile. Kuyadinga ukuba kesihlolisise njengaboHlanga ukuthi imigomo esisebenza phezu kwayo iyasisiza yini isizwe. Kuyadinga futhi ukuthi sibheke ukuthi ngemva kwalelo nalelo qembu alikho yini ishoshozela eliyisitha elibhebhezela ukwehlukana ngaphezu kwemigomo ezosiza ibumbe aboHlanga ukuba babhekane nezingqinamba ezisasilele emuva empilweni yesizwe. Njalo uma aboHlanga behlukana kweluleka isikhathi sokugcinwa komnotho ezandleni zalabo abawuphethe. Izinhlelo ezisungulwayo zigcina zibangwa kuphikiswana ngazo zithi ziqambe zifika kulabo ezibhekiswe kubo zibe zingasenamfutho. Okugcina sekuhamba phambili kuba wukugqamisa ukuthi ngubani ozilethile. Miningi imiphumela engemihle yalokhu kwehlukana eyaye izwele kakhulu kulabo abavele besenkingeni.
Kuhle ukusungula into entsha, kodwa kubalulekile ukuthi kube nesizathu esihle, futhi kucace ukuthi yinto entsha eyehlukile kuleyo ekhona. Emhlabeni izinto ezisungulwayo vele zisuselwa kulezo ezikhona. Umnotho ukhula ngoba umuntu ebuke okuthile wakuthanda bese esungula okwakhe.
Ezinye izingcithabuchopho zithi indlela umuntu afunda ngayo isukela kulokho akwaziyo iqhubeke njalo ize ingene kulokho angakwaziyo, lapho-ke kusuke sekudingeka aveze olwakhe ulwazi aqhubeke akhule sekuvele okusha. Uma ubhekisisa empilweni zimbalwa izinto ezintsha ceke ezenziwa okokuqala ngqa ngendlela ethile. Ngisho sesibuka izinhlobo zezimoto kuyacaca ukuthi ababumbi banakho ukubukelana uma bebumba izinhlobo ngezinhlobo zezimoto. Uyaye ubone ukuthi uma enye inkampani ibumba izimoto ezicijile bese kuba nezinye izinkampani ezizolandela lolohlobo lokubumba. Uma zinobumbulunga obuthize uyaye ubone zanda izimoto ezinobumbulunga obuthize. Ukukopela nokubonela komunye kwenzeka ezizindeni ezahlukene nasemazingeni ahlukene.
Umuntu usebenzisa lokho athe uma ekhula wakufunda wakuthanda futhi kwamungena. Uthi uma ecabanga into azoyisungula asukele kulokho akubone kusebenza kahle wafunda kukho wakuthanda. Kwesinye isikhathi kugcina lokho sekubizwa ngokukopela, ikakhulukazi uma umuntu ethatha ngisho lokho okungamaphutha akusebenzise njengokwakhe. Sekwaze kwashaywa umthetho ovimbela ukuthatha umqondo womunye umuntu uwusebenzise njengowakho, ngaphandle kokwazisa ukuthi lowomqondo uwuthathele kowomunye umuntu.
Le nto iyabonakala futhi ezimpahleni zokugqoka, lapho ukugqoka kuhamba nesikhathi. Lapha uyaye uzwe kuthiwa into ethile isemfashinini. Kunesikhathi lapho kwakugqokwa amabhulukwe avuleke athi xaxa phansi, bese ubona zonke izitolo zezingubo zidayisa lolo hlobo lwamabhulukwe. Uma sekujikwa sekugqokwa acijile umuntu osabambelele kokudala uhamba aze agobe efuna ibhulukwe lakhe.
Kuyinto enhle futhi efanelekile ukuthi uma usemnothweni wenze lokho okudingwa ngabantu ngaleso sikhathi. Kuyinto ejwayelekile futhi enhle ukuba kuthi uma umuntu ebone into enhle athathisele kuyo naye enze okwakhe okuhle futhi okusha. KwaboHlanga lokhu siyaye sikubone kakhulu uma kuyiwa ezinkundleni ezithile lapho omunye esungula into efanayo neyomunye, kwesinye isikhathi ncamashi.
Engiyaye ngikubone kwesinye isikhathi wukuthi uma omunye eke wavula isitolo esincane esijwayele ukubizwa ngespaza, bese ubona nabanye sebevula ezabo emgwaqweni ofanayo. Uma umuntu eke wabona omunye enza into ngendlela ethile uyaye ubone sebanda abenza leyo nto endaweni. Uma omunye ethenge imoto yokuthutha abantu nomunye athenge eyakhe afune ukuyifaka emgwaqweni ofanayo. Iqiniso wukuthi uma kunabantu abayikhulu kuleyo ndawo bayaneliswa yimoto eyodwa ngosuku, kodwa uma sezimbili noma ziba ntathu izimoto ezenza umsebenzi wokuthutha abantu, kugcine kwehla umvuzo ngoba kubangwa leli khulu elilodwa labantu. Kunabantu abangafundi lutho nakulezo zimo abathi besuka babe besebenzisa indlela yokuphoqa abantu ukuba bagibele imoto ethile, bese kuba nombango.
Lo mbango wezinto ezifanayo ugqama kakhulu kwaboHlanga lapho sewuhambisana nokulwa nokubulalana. Cishe kuzo zonke izimboni lapho aboHlanga bebaningi khona kugcina sekukhona umbango ngandlela thile. Kugcina kuphelile ukubekezelelana bese kubangwa leloqatha elisesithebeni ngalesosikhathi kungabe kusavela amavenge amasha.
Pho kumele benze njani aboHlanga ukuze amandla obuningi babo abasebenzele? Kumele sihlale sikhumbula ukuthi asikafiki emgomweni oyiwona wona okumele siphile kuwo.
– UMnu uLindani Dhlomo unguMqondisi kwaMind Tunes (Pty) Ltd