Now Reading
Ngubani ongazuza ngokubulawa komholi we-EFF
Dark Light

Ngubani ongazuza ngokubulawa komholi we-EFF

Imibiko yakamuva ngetulo lokusoconga uMalema iyozuzisa kakhulu amathamelangozi

 

IYA ngokucija imikhonto kupolitiki yaseNingizimu Afrika. Lokhu kulandela ukuvela kwezinkulumo zokuthi kukhona abathile abakha itulo lokusoconga umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) , uMnu uJulius uMalema. Lezi zinkulumo ziqinisekiswe ngamaphoyisa ngomlomo kaBrigadier uVish Naidoo okhulumela uJenene uKhehla Sitole onguKhomishana wamaphoyisa kuleli.

“Siyitholile leyo mibiko ngeHhovisi likaNgqongqoshe obe eseyedlulisela kuKhomishana kaZwelonke. UKhomishana ulawule ngokuthi kuphenywe kabanzi ngalezi zinsongo. Abaphenya ngobugebengu bamatasa bathola ubuqiniso balezi zinsolo,” kusho uNaidoo.

Ngakolwayo uhlangothi i-EFF ngomlomo kaNks uTebogo Mokwele iphawule ngale mibiko yathi: “Lezi zinhlelo ezingumshoshaphansi zitholakale ngemithombo ethembekile ebalule ukuthi kunalabo abanokungazethembi kupolitiki, nabanye nje abaphanjanelwe amakhanda baseNorth West asebehlangene nabashushumbisi bezidakamizwa nezinkabi eziqhamuka kwezinye izifundazwe, ikakhulukazi eWestern Cape ukuthi kuphambanjaniswe uMengameli we-EFF nemvula.

UNks uMokwele uqhubeke wathi: ‘Lezi zinsongo zingumphumela wokwesabela ukuthi akusensuku zatshwala kukhonye i-EFF phezu kwe-ANC ngokwepolitiki eNorth West.”

Konke lokhu kwenzeka ngesikhathi inhlangano elwela amalungelo (ikakhulukazi awalabo abakhuluma ulimi lwesiBhunu) i-Afri-Forum iveze ukuthi inezinhloso zokushushisa uMalema. Le nhlangano, ngomlomo kaMshushisi uGerrie Nel ibike ukuthi ilinde ukuba iNational Prosecuting Authority (NPA), uPhiko lakwaPriority Crimes Litigation Unit  luphumele obala ukuthi ngabe izokwazi yini ukumshushisa uMalema ngoba bona sebemi ngomumo. Uthe uthole isiqinisekiso ukuthi bazophendula ngenyanga kaNcwaba nonyaka.

Icala abathi bazomjijibeza ngalo uMalema lenzeka eminyakeni eyedlule kanti lithinta inkampani yaseLimpompo i-On Point Engineering. Le nkampani yabe isolwa ngomgunyathi othinta izigidi zamarandi. Ephawula ngaleli cala uNel uthe lasuswa emabhukwini enkantolo ngoba owayengumsolwa naye uMalema ecaleni uMnu uKagiso Dichaba wayegula nokwamangaza ukuthi emuva kokwesulwa kwecala abonakale esephila qingqo.

“Bavele bayekethisa ekuphenyeni kwabo ulwazi olwaludingeka ekuqhutshweni ngempumelelo kwaleli cala elalingundabamlonyeni. Kwamangaza nokubonakala kukaMnu uDichaba esengumqemane emva kokwesulwa kwalo,” kusho uNel.

Eziphendulela ngalokhu uMalema ushiye angalazi : “Ngilokotheni babandlululi ndini. Angesatshiswa kanjalo mina! Ngazalwa ngiyilungele impi! Elami ikusasa alikho ezandleni zabelungu, kodwa lilele ezinkumbini zama-Afrika!”

Iqhingasu

Ukuqophisana ngemibiko yezinsolo zokusocongwa kukaMalema kanye nesimemezelo sabe-Afri-Forum sizodala inkulumompikiswano kuleli.  Nokho umbuzo ojulile ngothi ngubani ozozuza ngokusocongwa kukaMalema. Uma lokhu kungenzeka kungalibekaphi izwe kanye nepolitiki yakuleli? Emlandweni wamazwe kulandela nowaseNingizimu Afrika izigameko zokusocongwa kwabaholi akuyona into entsha kanti futhi kuhlale kubukeka kunezinhloso ezifanayo. Inhloso ehlale igqamile ngeyokunqinda umgqigqo wemikhankaso yabacindezelwa ngaleso sikhathi. Lokhu kwaba sobala kwasekuqaleni ngoba ukufa komholi othize kubuyisela iqembu lakhe emuva, kuvale umlomo loyo mholi futhi kwesatshiswe abalandeli nozakwabo.

Kwasekuqaleni uma kusocongwa umholi inhloso yesibili nayo yabe ijulile ngoba iqhingasu kwabe kuwukuxova ubudlelwano kubacindezelwa okuthi ngalesi sikhathi benukana bagcine sebehluthukelwe yizinhliziyo kubheduke nempi yomkhaya. Khona lapho enye inhloso wukuxova ubudlelwane bezinhlanga ezweni.

Imibiko yokusocongwa kukaMalema ibukela inezinhloso ezifanayo nezakudala, ukuvala umlomo, ukusabisa kanye nokuxova ababe cindezelwe ikakhulukazi aboHlanga nokuxova ubudlelwane bezinhlanga ezahlukene.

Eminyakeni engaphezu kwama-50 eyedlule abaholi bomzabalazo waboHlanga e-USA babulawa ngezinhloso ezifanayo. Owokuqala kwaba nguMnu uMalcom X ngonyaka we-1965 mhla zingama-21 kuNhlolanja, eneminyaka engama-40 nje vo. Lo mholi wabe eyisishabasheki sokuzigqaja kwaboHlanga kuleliya lizwe nasemhlabeni wonke jikele yize isandla esagadla kwaba ngesabakwabo (aboHlanga). Buningi ubufakazi obuqanda ikhanda bokuthi kwenzeka lokhu nje impethu yabe isibaphethulile aboHlanga, kwacijiswa imikhonto kwalula ukuba umkhonto ugwaze ekhaya. Ababhali abaningi boHlanga bakholwa wukuthi ukusocongwa kwalo mholi kwabe kuhlelwe ngesinwe yilabo ababelwa nomzabalazo waboHlanga nomgqigqo wawo.

Akudlulanga sikhathi esingakanani laphinda lalelesa kwaboHlanga e-USA mhla zi-4 kuMbasa ngowe-1968. Phela, isibhamu sikaMnu uJames Earl Ray sathela othulini umholi waboHlanga e-USA uDkt uMartin Luther King Jr. Ukubulawa kwalo mholi owayeneminyaka engama-39 kwenza lokhu okwabe kuhloswe ngumbulali naye hambisana nabo. Kwakuseyikho ukunqinda umgqigqo womzabalazo waboHlanga eMelika, ukufaka ingebhe nokunukana. Khona lapho kwacija imikhonto phakathi kwezinhlanga ezahlukene.

See Also

Owayedubula uDkt uMartin Luther King Jr, kwabe kunguMnu uJames Earl Ray. Unyaka kwakungowe-1968, usuku zi-4 kuMbasa. Lesi sehlakalo esenzeka eMemphis eTennesse, sashiya aboHlanga nabathandi benkululeko emhlabeni jikelele  benqunu, bethukile, bengazi ukuthi elangomuso liyoba njani. Ngobusuku obandulela ukubulawa kwakhe uKing Jr washo la magama aba yisiphrofetho:

“Njengawo wonke umuntu ngiyathanda ukuphila isikhathi eside. Impilonde inendawo yayo. Angizihluphi ngalokho njengamanje. Ngifuna ukufeza intando yoMdali. Unginikeze amandla okuqombola intaba. Ngiqalaze nxazonke ngalibona Izwe Lesethembiso. Kungenzeka ngingangeni nani kulo. Kodwa ngifuna nazi ngalobu busuku, ukuthi thina, njengabantu, sizofinyelela Ezweni Lesethembiso. Ngiyajabula ngalobu busuku. Anginaxhala ngalutho. Angesabi muntu. Amehlo ami abonile inkazimulo yoMdali ezayo.”

Nakuleli kwaba njalo

NaseNingizimu Afrika imizamo yokungqinda umzabalazo waboHlanga, ukusabisa nokuxova ubudlelwano yenzeka ngesikhathi kubulawa uMnu uBantu Biko ngonyaka we-1977. Wayeneminyaka engama-31 vo. Ukufa ngesihluku kukaBiko kwadala ukwesaba kwaboHlanga njengoba abaholi abaningi babesemajele, ekudingisweni kanti namaqembu aboHlanga ayevalwe imilomo. Abezi bobubi ababanga namahloni ngoba ngisho sekunezingxoxo zokubuyisana bagadla kwaboHlanga ngesikhathi bebulala uMnu uChris Hani wamaKhomanisi. Wayeneminyaka engama-51. Ukubulawa kukaHani kwakuhlose ukudodobalisa izingxoxo kudale nombhedukazwe.

Kungenxa yalezi zigameko nezinye udaba lukaMalema kungenzeka ukuthi lunezinhloso ezedlula lokhu okufundwa ngakho. Isibonelo ilungu le-EFF seliqalile ukukhomba ngenjumbane uKhongolose. Okunye leli qembu elikushoyo wukuthi lijijibezwa nje yingenxa yenqubomgomo yalo odabeni lomhlaba. Konke lokhu kukhomba ukuthi uma kungenzeka okuthile kuMalema abantu bosheshe babakhombe ‘abenzi bobubi’ ngeke balinde uphenyo.

Lesi simo sidala ukuthi amathamelangozi nhlangothi zonke aconse amathe nokungasho ukuthi kungenzeka agadle noma yinini ukuze aqhubeke nokudunga amanzi. Ukunukana kwabe-EFF ne-ANC kungahle kuqedele umsebenzi wamathamelangozi ngoba kuwo ukulwa kwalamaqembu kuzokwenza angasebenzisani ezidabeni ezimqoka ezifana nomhlaba. Khona lapho uma elakuleli lingaba nenkinga yempi yomkhaya efana naleyo eyaba khona phakathi kwamalungu e-ANC ne-IFP nokunobufakazi ukuthi umkhonto wabe ugwaza ekhaya nje ayekhona amadungamuzi namathamelangozi. Uma sekunempi yomkhaya kuyoba lula ukuthi elakuleli lilunjaniswe namanye amazwe ahlulekayo, kwehle amandla emali nodaba lokubuyiswa komhlaba lube semsileni ngoba abantu bayobe sebebalekela ulaka lwempi.

Uma kungenzeka noma yini kuMalema amaphoyisa kanye nohulumeni bayobhekana nolaka lwabalandeli be-EFF kanye nezakhamizi eziyobasola ngokuthi bayekelele ngoba uMalema engowelinye iqembu. Lesi simo singadala ukuxokozela nokutholana phezulu kwamaphoyisa kanye nomphakathi nokungaholela ekubhujisweni kwempahla nokuphela komthetho ezweni. Konke Lokhu kungaphoqa ukuthi amagumgedlela atshalwe ezweni okuyobhebhethekisa isimo.

Okunye okungadala ukuqhubukulushana yiqiniso lokuthi lezi zinsolo zokusocongwa kukaMalema zenzeka ngalesi sikhathi elakuleli lilungiselela ukuya okhethweni ngonyaka ozayo. Lokhu nje kukodwa kungacijisa imikhonto nxazonke. Zonke lezi zimo amathamela ngozi azibhekile, yikho zonke izinhlangothi ziyophoqeleka ukuba zicophelele ukunyathela.

Scroll To Top