Now Reading
‘Ayanele imali okunxeshezelwa ngayo aboHlanga’
Dark Light

‘Ayanele imali okunxeshezelwa ngayo aboHlanga’

ZIYASOLA izinhlangano ezibhekelele amalungelo omhlaba ngokunikezwa kwaboHlanga imali yezinxephezelo ngokuthathelwa umhlaba nguHulumeni wamaKoloni nowobandlululo. Lezi zinhlangano okubalwa kuzo isikhungo esibizwa ngeJohn Dube Institute neLandLess People’s Movement zithi lokhu okwenziwa nguHulumeni kufana nenhlamba kwaboHlanga. Okhulumela iJohn Dube Institute, uNks uThandi Ngcobo uthi akufanele abantu bakhokhelwe imali ngomhlaba wabo nokuthi iyabakhathaza le nto eyenziwa ngabantu ngokukhetha imali esikhundleni somhlaba.

“Kuyahlupha ukungabi nolwazi olwanele ngokubaluleka komhlaba,” kusho uNks wakwaNgcobo. Uqhuba uthi: “Phela njengoba sizabalaza asizabalazeli ukuthola imali kodwa sizabalazela ukubuyiswa kwesithunzi sowoHlanga ngokuba abuyiselwe umhlaba wakhe owathathwa ngongxiwankulu,” ophinde wagxeka uhlelo lukaHulumeni lokunikezela imiphakathi yaboHlanga ngemali efanayo kube kungabukelelwa ngokwentengo yalowo nalowo mhlaba kanye nokuthi usuthuthukiswe kanjani.

“Kwesinye isikhathi uthola uHulumeni ekhipha imali eyizi-R110 000 emzini owodwa ozothola ukuthi kuwo kunezingane esezikhulile ezili-10 okuzothiwa azehlukaniselane leyo mali okugcina umuntu ngamunye esethole indibilishi,” kuqhuba uNks wakwaNgcobo. “NoHulumeni akanayo imali eyanele yokukhokhela bonke abasuke befake izicelo zokubuyiselwa umhlaba okugcina kwenze lolu hlelo luthathe isikhathi eside ukuxazululeka. Kumanje sebethathe lolu daba lokunxeshezelwa kwemiphakathi yaboHlanga ngemali baluyisa enkantolo yezomhlaba ukuba lubuyekezwe. Inkinga eyenze lolu daba lwasezinkantolo lwahamba kancane yingenxa yokuntula izimali zabameli. Ngabe kade saluhambisa enkantolo,” kusho uNks wakwaNgcobo.

NoMnu uSithembiso Mahlaba weLand Less People’s Movement naye uhambe emagameni kaNks wakwaNgcobo ethi abahambisani nokunikezwa kwaboHlanga imali. “Asihambisani nalolu hlelo lukahulumeni lokunxephezela abantu ngemali esikhundleni sokubabuyisela umhlaba wabo. Inhloso yomzabalazo ukubuyisela aboHlanga umhlaba hhayi ukuthola imali. UHulumeni akayeke ukununusela abantu bakithi  ngemali ngoba nakhu belambile,” kusho uMahlaba.

See Also

UNks wakwaNgcobo uthi lolu badlana lwemali aboHlanga abanikezwa lona alulutho kunomhlaba, ngoba nale mali bayithola namhlanje kuthi kungakapheli nezinyanga ezintathu ibe isingasekho. Nozakwabo kaNks wakwaNgcobo, uMnu uSenzo Mkhize uhambe emazwini akhe ethi umhlaba awubuyele kubanikazi bawo. “Siyezwa nje kuthiwa kunamamashi ahlelwayo yizinhlangano ezahlukene, kodwa okudidayo kungani singaboni abantu bezinhlanga ezahlukene bemashela ukuba kubuyiselwe kwaboHlanga umhlaba wabo,” kusho uMkhize.

Scroll To Top