Ukube u-Oscar ubenguSipho…
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Icala lomsubathi liveze isithombe esithi uma unemali uyakwazi ukugwema ijele noma isigwebo eside
INKANTOLO eNkulu yasePitoli ibe nokuthula ngesikhathi uMehluleli uThokozile Masipa likhipha isigwebo. Isigwebo besiqonde kuMnu Oscar Pristorius obebekwe amacala ababili, elokubulala kanye nokusebenzisa izulu lezandla budedengu. Umongo wesigwebo seJaji uMasipa ubucinke emthethweni iSigaba 276 1 (i) se-Criminal Procedure Act, nokugcine kwenze wakhipha isigwebo seminyaka emihlanu nje kuphela.
Kepha inkulumo-mpikiswano kubukeka sengathi ibingekho ngaphakathi enkantolo, kwazise izinhlangothi zombili bese kade zangcweka kwedlula. Phakathi kwenkulumo-mpikiswano ebikhona kubantu, ikakhulukazi nasezinkundleni zokuxhumana wukuthi konje ngabe inkantolo izibike zonke yini izinhlangothi. Bebebodwa abathi yebo, kanti abanye bebethi qha yehlulekile.
Kepha umbuzo obungathi iningi liwubuza buthule yilowo othi konje ngabe kunjani ukube uMnu uPistorius unguMnu uSipho Nxumalo (leli yigama lokufanekisa)? Lo mbuzo awugxilile odabeni lobuhlanga kuphela kepha kukhona nokunye. Akungabazisi ukuthi enye yezinto uMnu Pistorius egweme ukuthola isigwebo esinzima kube ngenxa yohlobo lwabameli abebemmele. Loyo obemele uMnu Pistorius ungomunye wabameli abahlonishwayo kuleli nokwenza kungangabazisi ukuthi iningi imali le nsizwa ehlukene nayo. Ngabameli bakhe abakwazi ukumdlulisa ezimweni ezinzima. Isibonelo nje odabeni lokucela ukuthi angahlali ezikhindini lisathethwa icala.
Yize ukuthola ibheyili kusemthethweni njengokulandisa koMthethosisekelo, iqiniso lithi iningi labantu (oMnu uNxumalo) aliyitholi, kunalokho liduve emajele akuleli lilinde ukuthethwa kwamacala. Okunye uMnu uNxumalo angenakho yimali. Imali engu-R1 million eyakhokhwa ngu-Pistorius ukuze athole ibheyili akuyona imali iningi labantu abafana noMnu Sipho Nxumalo abangaba nayo. Lokhu kwenza bahlale ejele kuze kuphele icala. Okunye okwenzekile kuleli cala kube wukushesha kokuthi lo msubathi athole indawo esikhungweni sokuhlowa ingqondo njengomyalelo wenkantolo. Lokhu kwakumele kwenziwe isikhathi esingangenyanga.
Ngokwejwayelekile lolu lelo luthatha isikhathi esingaba yizinyanga eziyisishiyagalolunye. Kepha kule nsizwa yakwa-Pistorius kwashesha emva kokuvumelana kwabameli neJaji. Umbuzo uthi bangaki oMnu Nxumalo okuthatha izinyanga belindile ukuze bathole lolu sizo?
Okufike kwamangaza kakhulu enkulumweni yeJaji uMasipa, lapho ekhipha khona isigwebo okokuqala lapho evuma umbono waloyo owayengudokotela wengqondo ukuthi umlando wokukhula kommangalelwa kwaba nomthelela ekwenzeni kwakhe. Kuliqiniso lomlando ukuthi iningi labantu abafana noMnu Nxumalo kuleli babephila ngaphansi kwezimo zobubha nodlame. Umbuzo uthi nabo bangakwazi yini ukusho ukuthi isizathu sezenzo zabo singenxa yemuva labo njengoba abameli bakaMnu Pistorius babefisa inkantolo ikuqaphele lokho? Isenzo sokugcina, okungenzeka ukuthi bebesenza benganakile labo abakade besenza, yileso sokuthi le nsizwa ebisigwetshiwe ukuba iyolala ezikhindini ingabe isahamba njengazo zonke iziboshwa.
Okujwayelekile yikuthi ummangalelwa nxa etholwe enecala, angene emgodini bese ehamba njengazo zonke iziboshwa. Cha, uPistorius kwehlukile ngoba ugcine esehanjiswa nje yedwa ngemoto yamaphoyisa iNyala. Amathuba okuthi uMnu uNxumalo angahambi ngeloli elithwele iziboshwa abemancane kakhulu. Obekungenzeka ukube uMnu Nxumalo ubengumbangalelwa wukuthi ubezoboshwa nokuyinto ebingeke ibe kwabezindaba. Iningi belizofuna isigwebo sentambo ukuze lo mgulukudu nenswelaboya isuswe emehlweni omphakathi. Izinhlangano ezilwela amalungelo abesifazane ngabe bezihlale njalo zingaphandle kwenkantolo zicula kanye nemibhalo ethi “akanganikwa ibheyili umbulali”.
UNxumalo ubengeke abe namandla okuba nommeli, kunalokho i-Legal Aid Board ibizojutshwa ukuba imlekelele. Makhulu amathuba okuthi ngabe wathola iminyaka engamashumi amabili noma udilikajele ngoba kwakuyothathwa isinqumo sokuthi ubulale ngenhloso. Ngeshwa leli yiqiniso iningi labantu abanjengoMnu Nxumalo ababhekana nalo kuleli. Lokhu yingoba, yize uMthethosisekelo wezwe lethu uthi abantu bayalingana, umbono nokwenzeka kwezinto lapha phandle kukhomba ukuthi imali impela kayiluthezi olumanzi.