Now Reading
UMnyango usubuyela odakeni
Dark Light

UMnyango usubuyela odakeni

Emveni kwesikhashana sozinzo sekuyaqala ukuxokozela, kulokhu kubhixene uMphathiswa neNhloko yoMnyango ehlaliswe lubhojozi

 

ABAHOLI beNational Education, Health And Workers Union (NEHAWU) KwaZulu-Natal sebekhwele badilika kuMphathiswa Wezolimo wakulesi sifundazwe ngokwakha itulo lokuxosha iNhloko yoMnyango nokuxova  uMnyango esebenzisa inyunyana. Lokhu kulandela ngemuva kokuthi, uMphathiswa uThemba Mthembu ebambe umhlangano oyinguyazana nabaholi beNEHAWU KwaZulu-Natal nalapho bethi ubezobanxenxa ukuba bamesekele emizamweni yakhe yokuxosha iNhloko yoMnyango uDkt uSphiwe Mkhize.

IBAYEDE inenkulumo eqoshiwe nalapho uMhlonishwa uMthembu ebenengxoxo eyimfihlo nabaholi abathile beNEHAWU nalapho ebebachazela ngezizathu zakhe zokungamfuni uMkhize. UMnu uZimele Mahlobo omele abasebenzi kulo Mnyango Wezolimo ukuqnisekisile ukuthi naye wayekhona emhlanganweni oyinguyazana owawubizwe nguMphathiswa uMthembu ezobanxenxa ukuba bamelekele ekuketuleni uMkhize ngoba ethi kokunye unekhanda eliqinile.

“Waze wasethembisa nentshontsho ethi angasenzela noma yini esiyidingayo thina mashop-stewards eNehawu, inqobo nje uma singamelekelela ekuketuleni uKhabazela,” kusho uMahlobo. Uqhube wathi “UMphathiswa uMthembu waze wagcizelela ethi kumele simelekelele ngoba uKhabazela uhlukumeza nelungu lethu elinguMnu uSibusiso Mncadi esho ehubhuza ilumbo ngoba thina sinolwazi ngoMncadi  ukuthi uyisigangi esaziwayo eMnyangweni nokuthi wagcina etholwe wuphenyo lwangaphakathi ukuthi kunenkohlakalo eningi ayenzile emayelana nokukhishwa kwamathenda.” Kagcinanga lapho ngoba uthe bamtshela uMthembu ukuthi noma ngabe uMncadi uyilungu labo kodwa lokho ngeke kwenze inyunyana ukuba imesekele ngoba usenechashaza lezinsolo zenkohlakalo ezatholwa wuphenyo lweNMK Forensics okusamele aziphendulele kuzo nabathi wazenza ngesikhathi esasebenza kwaSupply Chain Management khona eMnyangweni.

“Sathi kumele kuqala uMncadi aqondiswe izigwegwe nokuyilapho eyozihlanza khona igama lakhe ngalezi zinsolo eziqukethwe embikweni weNMK Forensics. Sasikhaba ngazo zozimbili isicelo sikaNgqongqoshe uMthembu ngoba sibona ukuthi le nto azama ukusenzisa yona izogcina idale ukuba lungabi khona uzinzo kulo Mnyango Wezolimo. “Futhi sabona ukuthi uma singavumela lokhu okucelwa kuMphathiswa uMthembu lokho kungagcina kudale noqhekeko enyunyaneni nakubasebenzi. Futhi kugcine nezimfuno zabasebenzi singasakwazi ukuzimela kahle. Empeleni kumele ngabe kade amiswa emsebenzini uMnu Mncadi kodwa ngenxa yokuthi usondelene nabathile phezulu akwenziwe lutho ngezincomo zophenyo lweNMK Forensic ekubeni lwaphothulwa ngowezi-2014,” kusho uMahlobo.

Lo msebenzi ugxeke uMthembu ngokuthi usebenzisa kabi amandla akhe ekuhlukumezeni uMkhize ngoba engafuni ukudansela isiginci sakhe senkohlakalo eMnyangweni. “Kumanje  uMthembu usemsusile eMnyangweni uDkt Mkhize  wamyisa kwaPremier ngoba ehlose ukufaka omunye umuntu esikhundleni sakhe. Isono esikhulu siikaDkt Mkhize ukuthi ubeke amacala uMncadi waphinde wammisa emsebenzini ngoba elandela izincomo zombiko weNMK Forensics. Okusiphatha kabi ukuthi naphezu kokumiswa kukaMncadi kodwa uMphathiswa uMthembu usemfake ngenkani esikhundleni sokuba yibamba lakwaSupply Chain Management,” kuqhuba uMahlobo.

Ingxenye yale ngxoxo eqoshiwe kaMphathiswa uMthembu  uzibeka obala zonke izizathu zakhe ezenza afune ligcwale umoya ijazi kuDkt uMkhize. Esinye sezisathu ngesokuthi uDkt uMkhize uvimbe endleni yokuba  kuqashwe ngenkani uMncadi esikhundleni sokuba yibamba lomqondisi wakwaSupply Chain. Omunye umthombo ongaphakathi eMnyangweni uhambe emagameni kaMahlobo ethi uMthembu usewuxovile uMnyango futhi wadala noqhekeko enyunyaneni nakubasebenzi. “Mfowethu ngikhuluma nje isimo simanzonzo kulo Mnyango ngenxa kaMphathiswa uMthembu. Kunenqwaba yezimeneja asezimisile ezikhundleni ezifundeni ezahlukene wazifakela abantu bakhe iningi labo abangenazo ngisho nezicucu ezifanele zemfundo,” kusho umthombo.

Okuvezwa wuphenyo

Ngokwamadokodo akuBAYEDE mhla zingama-25 kuNhlolanja wezi-2014 uphenyo lomcwaningimabhuku obelwenziwa yiNMK Forensics lwathola uMncadi enoxhaxha lwamacala enkohlakalo mayelana nokukhishwa kwamathenda ezigidi zemali kube kungalandelwanga imigudu efanele. Lo mbiko waze wenza izincomo zokuba uMncadi athathelwe izinyathelo zomthetho futhi aqondiswe nezigwege ngenhloso yokuba uMnyango ubuyise imali yawo.

IBAYEDE inanesitatimende esibhalwe ngumdidiyeli weNEHAWU KwaZulu-Natal, uMnu uCharles Mthembu esithunyelelwe abasebenzi ngenhloso yokuchaza ngezinhloso zikaMphathsiwa uMthembu ekudaleni uqhekeko kule nyunyana. Ngokwesitatimende seNEHAWU esisayindwe ngumdidiyeli wayo wesifundazwe, uMnu uCharles Mthembu  esithunyelelwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uWillies Mchunu kanye nabasebenzi beNEHAWU sidalula okuningi ukungeneliseki ngendlela yokuziphatha kukaMphathswa uMthembu okubalwa nokuthi usenqunde amandla uMkhize ekwenzeni umsebenzi wakhe njengeNhloko yoMnyango.

Lesi sitatimende seNEHAWU siphinde siveze nokuthi lo mhlangano oyinguyazana uMphathiswa uMthembu ayewubambe nabaholi benyunyana ngomhla ziyisi-9 kuNdasa wezi-2017 ezobanxenxa khona ukuba bamelekelele wawuseboardroom yakhe uMthembu.

Uyaziphendulela uMvelase

Ebuzwa uMphathiswa uMthembu ngalezi zinsolo abekwa zona nokuthi uke waba nomhlangano oyinguyazana nabaholi abathile beNEHAWU uphike walala ngomhlane. “Ngamanga aluhlaza lawo abawasho ngami akukho mhlangano engike ngawubamba nabo. Empeleni konke lokhu okushiwo ngami yitulo lokuzama ukunginqinda amandla ukuze ngingakhwazi ukulwisana nenkohlakalo engiyithole kulo Mnyango eyenziwa yibo kanye labo bantu abeze kuwe nalo mbhedo abawushoyo,” kusho uMphathiswa uMthembu.

Uqhube wathi: “Ngicela bonke labo abasho lezi zinto abazishoyo ngami baphumele obala siye nabo kwabezindaba ukuze senekelane amahlazo khona bezoyeka ukukhulumela emakhoneni. Empeleni ngibazi bonke labo bantu abazama ukudicilela phansi igama lami. Isizathu engishayelwa sona ukuthi ngilwisana nenkohlakalo asebeyenze eMnyangweni manje ngizama ukuiyikhuculula.” UMphathiswa uMthembu ebuzwa ngodaba lwezinsolo zenkohlakalo okuthiwa zibhekene noMncadi uthe umsulwa uMncadi. “Uphenyo lwethu lwamthola emsulwa uMncadi kuzo zonke izinsolo zenkohlakalo abebekwe zona. Ngenxa yokuthi laba bantu  uMncadi ubengahambisani nenkohlakalo yabo baze bamsusa kwaSupply Chain Management kodwa manje sengimbuyisele njengoba esengumqondisi wakhona,” kuqhuba uMphathiswa uMthembu.

See Also

Uthe siyeza isikhathi lapho ezobiza khona isithangami sabezindaba azokwenekela khona izwe ngamahlazo nenkohlakalo eyenziwe ngabathile eMnyangweni wakhe. “Mina angesabi lutho. Uma kukhona abakwaziyo ngami abaphumele obala batshele abezindaba anginankinga ngiyoziphendulela,” kuqhuba uMphathsiwa uMthembu. Umthombo ongaphakathi kulo Mnyango ubikele iBAYEDE ukuthi abaholi benyunyana ebesemhlanganweni wakhe wangasese bamtshele emehlweni uMvelase okuyisithakazelo sakwaMthembu ukuthi ngeke bamvumele ahlukanise inyunyana yabo.

Omunye umthombo uphinde wadalula nokuthi  isimo sishubile kulo Mnyango njengoba nabebekade beyizimeneja ezifundeni ezahlukene nabo bethukuthele  ngokususwa kwabo nguNgqongqoshe uMthembu okuthiwa ezikhundleni zabo usefake abangani bakhe. “Ngemuva kosuku, uDkt uMkhize ebeke amacala uMncadi wase eyammisa emsebenzini, uMphathiswa uMthembu naye uvele wamsusa uKhabazela esikhundleni sakhe wamyisa kwaPremier. Empeleni uqale ngokumephuca wonke amandla ngokwesikhundla sakhe,” kuqhuba umthombo.

Lokhu kufakazelwa nayincwadi yeNEHAWU ethunyelelwe abasebenzi. “Amashop stewards eNehawu asethole inqwaba yezingcingo emalungwini ayo akhathazekile kanye nakubasebenzi befuna incazelo ngokuqhubekayo eCedara mayelana nokunqindwa amandla kukaMkhize okwenziwe ngomhla zili-17 kuNdasa. UMphathiswa ukhulume ngamandla asehhovisi lakhe ngokugunyazwa ngumthetho wePublic Service Act. Uphinde watshela abasebenzi ngesinqumo sakhe sokuhoxisa amandla eNhloko yoMnyango athe lokhu kuzoqala ngomhla zili-10 kuNdasa wezi-2017,” kufundeka isistatimende seNEHAWU.

Le ncwadi iphinde ikubeke ukuthi uMphathiswa wabe esekubeka ukuthi zonke izindaba eziphathelene neHhovisi leNhloko yoMnyango sezizolawulwa nguyena. “Manje lo mbiko ulethe okukhulu ukudideka kubasebenzi basemazingeni aphansi ngoba okugqamayo kule nkulmo yakhe ukuthi ubudlelwano phakathi kwakhe neNhloko yoMnyango sebulimele kodwa thina njengenyunyana sibona ubudedengu nobudlabha ngasohlangothini lukaMphathiswa ngesinqumo asithathile sokufaka abasebenzi odabeni lwabo,” kuqhuba isistatimende seNEHAWU. Isitatimende siqhuba sithi inhloso yabasebenzi ukusebenza ngaphansi kwesimo esemukelekile.

“Thina njengenyunyana sibeke wonke amandla okuphatha emahlombe eNhloko yoMnyango njengomuntu oqashelwe lowo msebenzi ukuba akhombise amandla akhe obuholi ukuletha uzinzo eMnyangweni,” kuqhuba isitatimende seNEHAWU. Lesi sitatimende seNEHAWU siphinde sigxeke uMphathsiwa uMthembu ngokuzobikela abasebenzi ngezingxabano zabo neNhloko yoMnyango. “Asisilindele isimo lapho  iNhloko yoMnyango nayo izothatha okwenzeka eCedara izokuchazela abasebenzi ngamandla enawo ewagunyazwe yiPublic Finance Management Act ngokuphathelene nezimali. Akumele uMphathiswa neNhloko yoMnyango basebenzise amandla abo ukuba ngonontandakubukwa, kodwa kumele bawasebenzise ngendlela esemthethweni,” kuqhuba isitatimende seNEHAWU.

“Sakugcizelela nasemhlanganweni uMphathiswa owayenawo nabeNEHAWU emhlanganweni owawungomhla zili-9 kuNdasa wezi-2017 eboardroom  ukubaluleka kokusebenzisana  phakathi kwabo. Kunenkulumo eqoshiwe lapho uMphathiswa enxenxa khona amashop stewards eNEHAWU ukuba amelekelele ekuketuleni iNhloko yoMnyango,” kuqhuba isitatimende seNEHAWU.

Scroll To Top