Iyakhula imvunge ngokushiyise uMolefe izindodla


Kukhulu okukhiphe inhlanzi emanzini kwayibeka esihlabathini esishisayo sokuhola izakhamuzi zakuleli
AYANDA amahlebezi ngalokhu okuyizizathu ezenze obeyisikhulu sezinye sezinkampani ezinkulu eNingizimu Afrika u-Eskom, sishiye umhlomulo omkhulu ebesiwuthola, siyongena ePhalamende semukele umhlomulo omncane.
Luseyindida namanje udaba lukaMnu uBrian Molefe obeyisikhulu esiphezulu (CEO) kwa-Eskom, ofungiswe izolo ngoLwesine njengelungu lePhalamende, okungacaci ukuthi kungani iqembu elibusayo limfuna ePhalamende ngokushesha. UMolefe ubehola imali eyizi-R304,253 ngenyanga kwa-Eskom. Imali azoyithola ngokuba yilungu lePhalamende iyizi-R84 000. Lokhu kuyizinkomba zokuthi uMolefe akayele umhlomulo ePhalamende. Ngokwemibiko eputshukile kuthiwa uMolefe angase abe nguMphathiswa omusha woMnyango Wezezimali Kuzwelonke. Lesi sikhundla siphethwe nguMnu uPravin Gordhan njengamanje.
Ukuvela kwemibiko ethi uGordhan akaboni ngaso linye noMengameli uZuma, kanye nokungagculiseki kukaVukayibambe osole lo Ngqongqoshe ngokuvikela omahlohlakwesabo kuleli, ikhona okwenza ikusasa likaGordhan libe sengcupheni. Okunye okuhlalukayo emazikweni ezindaba ukuthi ukufika kukaMolefe ePhalamende kungenzeka uMengameli uZuma ashintshe iKhabhinethi yakhe kungekudala.
UMolefe ufungiswa nje izolo, kunomsindo ngobulungu bakhe. EHartbeespoort, eNorth West abaholi bamagatsha e-African National Congress (ANC) abehlukene phakathi kukhona athi ayamazi uMolefe emabhukwini awo, kukhona amchithayo. UMolefe useke wahlala emabhodini ezinkampani ezinkulu ezihlonishwayo kuleli esingabala kuzo i-Industrial Development Corporation, i-Airports Company South Africa, uTelkom, u-Investec, iLion of Africa Fund Managers kanye nePublic Investment Corporation.
IDemocratic Alliance (DA) ithi ukufungiswa kukaMolefe ePhalamende kuyizindaba ezingezinhle ezakhamuzini zakuleli. Lokhu kushiwo yilungu leDA ePhalamende uMnu David Manier, ocashunwe kwamanye amaziko ezindaba ethi uMolefe usondelene noMengameli uZuma, ngenhloso yokumenza uNgqongqoshe Wezezimali ukuze bezodla imali yezakhamuzi zakuleli.
“Njengoba esefungisiwe nje, angeke kwangithusa uma kungekudala engamenyezelwe njengephini likaGordhan noma athathe izintambo kuNggqongqoshe, aqhoqhobale lesi sikhundla. Inhloso yalokhu ukuthi uZuma ufuna ukuzitika ngesigidintathu esingu-R1,8 (R1.8 trillion) wabantu bakuleli. Iqinisio liwukuthi uMolefe angase aphathe ezezimali kuleli nengikubona kuyizindaba ezingezinhle neze. Singakhohlwa ukuthi uMolefe uyathinteka embikweni wokugwanda umbuso (state capture) onekela izwe okwenziwe umndeni wakwaGupta kuleli,” kusho uManier.
UVukayibambe KwaZulu-Natal ubize ukungena ePhalamende kukaMolefe njengophawu ‘lokuphucuzeka kwaboHlanga’. Lokhu kudalulwe uMnu uThanduxolo Sabelo onguNobhala kuVukayibambe esifundazweni iKwaZulu-Natal ocashunwe kweminye imithombo yabezindaba ngoLwesithathu ekomkhulu lenhlangano eThekwini ngemva kokuvela kwemibiko ethi uMolefe angase efungiswe ePhalamende.
“Siyakwamukela okushiwo yi-ANC ngoMnu uMolefe ukuba angene ePhalamende. Okuhle ngaye uMolefe ukuthi uwufundele umsebenzi futhi ukhombisa ukuphucuzeka kwethu thina boHlanga. Kawusethusi neze umsindo wamaqembu aphikisayo ngoba kadeni abamhlophe kabakholelwa kumuntu omnyama,” usho kanje.
USabelo uphethe ngokuthi benguVukayibambe kabasakholelwa kuMphathiswa Wezezimali uMnu uPravin Gordhan. Akukho ukungabaza ukuthi ukufika kukaMolefe kuzonyakazisa izinto. Kulabo abamesekayo lokhu kusho isiqalo esisha, kanti kulabo abamchithayo uzothathwa njengempaka ezogudluza abathize. Yize kunjalo bambalwa abangaphikisa umlando wakhe wokwenza izinto zenzeke njengoba ngaphandle kwephunga leli okuthiwa limchithe kwa-Eskom, kukhulu akwenzile ukuletha uzinzo kule nkampani kaHulumeni ebihlale inezinkinga. Utuswa ngokuba nombono kanjalo namava kulokho akwenzayo nangokuba ngumabizwa asabele.