Now Reading
Umgwaqo ushiywe umagebhugebhu eShowe
Dark Light

Umgwaqo ushiywe umagebhugebhu eShowe

Inkampani eyakha umgwaqo isishaye yachitha ingawuqedanga umsebenzi, nokho iyavuma ukuthi kunezinkinga

 

ATHUKUTHELE ayaveva amalungu omphakathi neNkosi yesizwe saKwaMondi ngaphansi kukaMasipala uMlalazi eShowe ngomgwaqo ombiwe washiywa ungaphelile yinkontileka ebiwusebenza. Lokhu kulandela ngemuva kokuthi sekuphele izinyanga ezingaphezulu kwezinhlanu inkontileka iGORHA, Construction CC ebiqashelwe ukuwulungisa isishaye yachitha ingasawuqedelanga njengoba iwushiye umagebhugebhu.

Okubonakala kudina kakhulu amalungu omphakathi waKwaMondi ukubona umgwaqo ongumakhelwane wabo waseSunnydale okuyindawo yamaKhaladi wona oqalwe emasontweni amathathu edlule kodwa manje usuyoqedwa ukufakelwa itiyela elisha.

INkosi yesizwe, iNkosi uThemba Zulu ikhala ngokuthi lo mgwaqo manje ubalimazela izimoto ngenxa yezigodi esezidalekile ngenxa yezimvula. “Uma sibuza ukuthi kanti sekubambeni ukuqedwa kwalo mgwaqo sitshelwa ukuthi inkampani idube ngenxa yengxabano phakathi kwayo nezikhulu zikaMasipala uMlalazi. Abanye basitshela ukuthi inkampani idubile ngenxa yokuthi lo mgwaqo usufeyiliswe izikhawu ezintathu ngenxa yokuthi sekuthiwa umhlabathi wakhona awukulungele ukwakhiwa kuwo umgwaqo, Manje esikubuzayo ukuthi yonke le minyaka bewakhiwe kanjani lo mgwaqo futhi baqale nini ukwazi ukuthi umhlabathi awulungile.”

Elinye ilungu lomphakathi, uMnu uBongi Molefe naye uhambe emazwini eNkosi uZulu ethi basola ukuthi sekudliwe izimali yingakho lo mgwaqo ungasapheli. “Phela lo mgwaqo uqale ukumbiwa ngoNcwaba walo nyaka ekubeni ubusaziphilela umgwaqo wethu, manje sebesitshela ukuthi abasaqhubeki nokuwuqedela ngenxa yezinkinga ezithile. Sifuna ukwazi ezikhulwini zikaMasipala ukuthi le nkontileka ibiwuthole kanjani lo msebenzi esiwulaxazile. Omunye umgwaqo osekuyophela unyaka wesibili ungapheli yilowo obheke esibhedlela. Sezwa ukuthi nakhona kwadliwa izimali yingakho ungasapheli.”

UMnu uReggie Ngema naye uthe kuyaxaka ukuthi umgwaqo waseSunnydale oqalwe kamuva wona usuyaphela ukufakelwa itiyela ngoba nakhu kusesilungwini khona. “Kuyacaca ukuthi ukulethwa kwentuthuko kuya ngebala. Ngoba uma kungumphakathi waboHlanga abanandaba noma ungathatha iminyaka. Buka nje singumphakathi waKwaMondi naseKing Dinuzulu sizodla kabi ukhisimuzi singenamgwaqo.”

Okhulumela inkontileka iGORHA Construction cc, uNks uThami Mtshengu ukuqinisekisile ukuthi ukungaqedelwa komgwaqo kube yingenxa yezinkinga ezidalwe nguMasipala kanye neConsultant. “Inkinga enkulu kube ngumdwebi wohlelo lokwakhiwa komgwaqo kanye nabeZemvelo. Umdwebi wenze amaphutha amaningi okumele alungiswe kuqala ngaphambi kokuba siqale ukulungisa umgwaqo.”

UNks uMtshengu uzichithile izinsolo zokuthi umsebenzi wokulungsa umgwaqo waKwaMondi sebewulaxazile. “Sisazoqhubeka nokuwulungisa umgwaqo uma nje sekwedlule lezi zinkinga engizibalile. Kodwa manje sesiyoze sibone ngoMasingana ngoba nezindawo okuthengwa kuzo izimpahla zokwakha sezivaliwe.”

IMeneja kaMasipala, uMnu uMashabane yalile ukuphawula ithi intatheli bekumele iqale kuye kuqala ngaphambi kokuyobuza abanye ngoba nguyena oqashe inkontileka.

See Also

Ebuzwa, uMnu uMashabane ukuthi kungani lo mgwaqo ungasaqedelwa njengoba sekuze kwaqedwa owaseSunnydale oqale kamuva. “Ngeke ngisaphawula lutho ngoba wena awuqalanga kimi kuqala kodwa uqale wayohogela kwabanye abantu ngaphambi   kokuza kimi ngakho-ke cha ngeke ngisaphawula lutho kulolu daba,” esho ngaphambi kokuvala ucingo ngoba ethi usesemhlanganweni.

Ikhansela le-IFP, uNkk uQueen Xulu obuye ahole ikhokhasi yamakhansela e-IFP uthi nabo le nto ibakhathazile ukungaqedwa komgwaqo oya KwaMondi naseKing Dinuzulu. “Kuyacaca ukuthi ikhansela le-ANC ilona elingawukhathalele umphakathi eliwumele ngoba kumele ngabe liyisukumele le nto njengoba kwenze ikhansela lethu eliphethe eSunnydale nasedolobheni, uMnu uStarn Magibela Lakhan,” kusho uNkk uXulu.

“Yikho lokhu okugcina sekuholele ekutheni umphakathi ubhikishe ucekele nempahla phansi ngenxa yokudinwa. Kubuhlungu ukuthi umphakathi waseKing Dinuzulu naKwaMondi uzodla ukhisimuzi ungenamgwaqo. Nezimoto zabantu ziyaphela ukulimala ngenxa yemigodi edalekile njengoba umgwaqo ukhukhuliwe,” kuqhuba uNkk uXulu.

“Ezinsikwini usanda kufika nabafana bakhe behamba begqiba izigodi ukukhombisa ukuthi uwukhathalele umphakathi awuholayo. Kungafani nekhansela elibhekelele umphakathi waKwaMondi naseKing Dinuzulu alazi nokuthi lidumephi. Siyajabula ukuthi lokhu kuveza ngokusobala abaholi abawukhathalele umphakathi nabaholi abazozifunela imali,” encoma uLakhan uNkk uXulu.

Scroll To Top