Ubuqiniso beqiniso bembozwa okuhehayo nokwethembisayo
Kuningi okuvela kukuhle emehlweni ethu sibe singanakile ukuthi yihlo elikhohlisa thina
Njalo uma ngibona leli thekisi elibhalwe ukuthi; ‘Iqiniso Alikho Emhlabeni’, ngiyaye ngizibuze ukuthi kazi wayekade eboneni umnikazilo. Ngikwejwayele ukuzwa abantu okuthi sixoxa nje ubezwe bewasho la magama okungabikhona kweqiniso emhlabeni. Ngike ngafikelwa yimicabango eminingi engishiye ngizibuza ukuthi kambe lona likhona yini iqiniso kulo mhlaba. Kungifikele ekugcineni ukuthi kusho ukuthi likhona iqiniso ngoba siyakhuluma ngalo. Okwenza kugqame ukungabikhona kweqiniso wukuthi likhona futhi liyaziwa. Kuhle sivumelane sisaqala nje namuhla ukuthi iqiniso likhona, kodwa kuyenzeka ligwenywe ngamabomu ukuze kufezwe izinhloso ezithile.
Abantu bakhohliswa mihla kwasa bakhohliseke futhi iningi lingaboni ukuthi kuthiwa, lala lulaza sizokwengula. Kuze kuthiwe ungabamba utalagu ngesandla uma ungase uthole iqiniso. Abanye-ke bathi iqiniso liyababa, yingakho nje kungelula ukulikhuluma nokulenza kwabaningi.
Sizalwe sakhula ezweni lapho idlanzana kuyilona eliphethe iningi. Leli dlanzana beliqhoqhobele izwe ngokuthanda kwalo kufundwa lokho okuhlelwe yilo. Kule mfundo bewufunda kugeqwe amagula kuchazwa izimangaliso zezinto ezenziwe ngabebala elimhlophe. Uma kukhulunywa ngaboHlanga bekugxilwa kakhulu ezimpini zemibango, kuvezwe abaholi bomdabu e-Afrika njengezehluleki. Lolu hlobo lwemfundo beluhlelwe wongoti abakwaziyo ukusebenza umqondo womuntu. Babenolwazi ukuthi ikusasa lomuntu lilele kulokho akucabangayo umzuzu nomzuzu. Bakhela ezintweni ezazivele zenzeka, lokho kwenza yonke into eyayishiwo ikholeke. Iqiniso lalihlanakezelwa konke kuvele njengeqiniso.
Ukuze amaphilisi athile azwakale emnandi emlonyeni uyaye uthole ukuthi anoshukela ngaphandle. Lo shukela yiwona owenza kube lula kumuntu ukuligwinya leli philisi ngoba abanye bayalesaba. Izingane zikhohliseka kalula uma lokho okuthiwa ayikudle kunoshukeyana. Phela ushukela nalokho okusaswidi kuyazehlela nje emphinjeni weningi lezingane. Ngenkathi ingane ijabulela ushukela umuthi uyangena emzimbeni. Likuphi iqiniso lapho?
Ziningi izinto esizibamba sizigone sicabange ukuthi siphethe ungqo, kanti sikhe phansi. Isimanga engike ngasithola mayelana nensipho ngesokuthi, ensiphweni akusilona igwebu elisusa ukungcola kepha kunesinye isithako esifakwayo ngenkathi yakhiwa okuyiso esisusa ukungcola. Igwebu lingumhlobiso okhombisa ukuthi usebenzisa insipho, kodwa alikususi ukungcola. Ngenxa yokuthi abantu bakholelwa ekutheni insipho egezisisayo yileyo enegwebu, abakhiqizi bayaqikekela ukuthi igwebu likhona ensiphweni, bese kuthi uma beqonde ukukugebenga banciphise kulesi sithako esisusa ukungcola bandise isithako segwebu. Le nto esusa ukungcola ibiza inani eliphezulu kunalesi sithako esakha igwebu. Kulabo abakha insipho sekunabathile abehlisa isilinganiso salokho okususa ukungcola bandise igwebu, ngoba nje bazi ukuthi abantu bathanda igwebu ensiphweni. Kuyadinga ukuba sibhekisise ukuthi lokhu esikuphethe kuyigwebu noma kuyiwona yini lo msoco ebesiwufuna.
Empilweni-ke ziningi izimo lapho ushaywa ngemfe iphindiwe, ngoba nje ulwazi onalo lungajulile kulowo mkhakha. Ukuze umuntu abone ukuthi ushaywa ngemfe iphindiwe kumele abe nolwazi lwalokho anezikhalo ngakho. Ulwazi luyayinqoba kumbe luyithuntubeze imikhonto ecijelwe ukukhohlisa. Akulula ukuthi abantu bagodle iqiniso kuwe uma unolwazi. Uma waziwa ukuthi unolwazi abantu bayaqikelela uma bekulethela into, kodwa uma bekwazi ukuthi awunalwazi bakutapisa iqanda lenjelwane benesiqiniseko sokuthi awuzukuba nesibindi sokubuza. Ulwazi lukhulisa isibindi futhi lukhulisa ukubhekisisa ungemukeli noma yini engahloliwe.
Ngike ngezwa kuthiwa umsebenzi omkhulu owenziwa ngodokotela wukuthobisa bathambise izifo, akusikho ukwelapha. Imishanguzo eminingi ethobisa izinhlungu ayiselaphi isifo kodwa ithobisa izinhlungu. Uma uphethwe yikhanda noma yisisu kubalulekile ukuthi wazi umsuka wezinhlungu. Esejwayele ukukwenza kokuthola lokho okuthobisa izinhlungu akuselaphi isifo esikuphethe, kepha kuthobisa izinhlungu nje kuphela. Owayexoxa le ndaba waqhubeka wathi uma kungase kwelashwe zonke izifo odokotela bangaphelelwa wumsebenzi. Ukuze babe nesiqiniseko sokuthi uyabuya bayaye bakunike imithi ozoyisebenzisa kuthi uma iphela uphinde ubuye ulande eminye. Iqiniso wukuthi uma sewulanda eyesibili nelandelayo imithi awuyitholi mahhala, kodwa uyaqhubeka ukhokhe uphindelela ungelashwa kodwa kuthotshiswa isifo okwesikhashana. Eminye yale mithi uyaye utshelwe ukuthi uma sewuke waqala ukuyidla awusophinde uyiyeke, ngamanye amazwi impilo yakho seyincike ekutheni lo muthi ukhona egazini lakho. Inhloso kugcina kungesikhona ukwelapha kodwa ukuthobisa kudambiswe isifo, singaqedwa.
Uma ulalele osopolitiki bekhankasa uyaye ubone kahle ukuthi bayazazi izinto ezidingwa noma ezifunwa ngabantu. Iningi labo bayazi ukuthi kumele bamtoboze kuphi umuntu ukuze athambe bese eyabavotela. Kuyaye kumangaze-ke uma esekhethiwe umuntu angasondeli nakancane kulokho abengungoti ekwethembisa abantu. Izethembiso zigcina sezibekwa eceleni. Yilapho-ke uyaye uzwe abantu bekhuluma bodwa bethi, alikho iqiniso kulo mhlaba.
Uma esevoteliwe umuntu ungena ehhovisi abe yikhansela, noma abe umholi ezingeni elithile. Kungaleso sikhathi umuntu ethola ukuthi kunezinhlelo nemithetho ekhona elawula ukusebenza. Noma ngabe unomfutho ongakanani wokusebenza awukwazi ukusebenzisa umfutho onawo ngoba kulandelwa umgwaqo owahlelwa kudala elawula ukusebenza kukaHulumeni. Kuze kuphele iminyaka emithathu umuntu okhethiwe efunda, ephuma lapha angene lapha. Emva kweminyaka emithathu sekukhulunywa ngokhetho olulandelayo asisekho isikhathi sokwenza lokho ayekwethembisile. Umfutho nejubane oqale unalo lehliswa wukuthi awenzi ngendlela oyithandayo. Kungenzeka ungene esikhundleni uzimisele ukulungisa umgwaqo oyinkinga kubantu, ubone futhi ukuthi ikhona imali eyenele ukulungisa lowo mgwaqo kumbe kufakelwe ibhuloho. Indlela ebheke ekulungisweni kwalowo mgwaqo yedlula emihlanganweni ehlangana iphindelela elokhu ifuna isixazululo sezinto ezibonakala zisobala. Kuningi ongakugwinya ucabanga ukuthi wushukela umangale sekukude emuva kukude phambili ukuthi kanti uzifake ilozi esiswini.
Sekuphele iminyaka ngeminyaka kuphenduphendulwa umthetho ozokwenza kube nemisebenzi ezobekwa eceleni ukuze inikezwe izinkampani ezilawulwa yilabo ababecindezelwe. Lolu daba lungena luphindelela ePhalamende kodwa akufiki lapho kuvunyelwana khona bese lusuka ezithebeni. Uma ngikhuluma ngokuphindelela angikhulumi ngesikhathi esincane. Phela uma udaba luke lwachithwa ePhalamende kuthiwa kuyolungiswa okuthile kunemigudu elandelwayo engase ithathe unyaka noma iminyaka ngaphambi kokuba luphinde lubuyele ePhalamende. Kunabantu abenza isiqiniseko sokuthi imithetho enjalo ayiphumeleli kalula, babheka izindlela zokuwuhlehlisa umthetho ukuze ungaphumeleli ngokushesha. Ngesikhathi ulibala umthetho izinto ziyaqubeka zivuna labo ababengabacindezeli kuqala. Eqinisweni yilokho okusuke kuyinhloso. Kuphikiswana kushone ilanga, bagcine bebala usuku ukuthi basebenzile kodwa kube kungazuzwanga lutho ngalolo suku. Kunohlobo lwabantu abajabulayo ngezimpikiswano ezisePhalamende ngoba zinika isiqiniseko sokuthi akukho nqubekelaphambili kodwa kuzogcina ngokuphikisana nje, kuphunywe kuxhawulwane.
Kubalulekile ukuthi asigcini ngokujabulela igwebu ukungcola esihlose ukukususa kusale kuhleli.
- UMnu uLindani Dhlomo unguMqondisi kwaMind Tunes (Pty) Ltd