Inkululeko yezomnotho: Zibuze ukuthi wena uyiliphi?
NJALO uma ngicabanga ngesizwe uMdali angenza ngazalwa kuso, ngisho aboHlanga phela, ngiyaye ngizwe nginentokozo yokuthi ngingowesizwe esikhulu kunazo zonke lapha eNingizimu Afrika. Kuyaye kungijabulise futhi ukwazi ukuthi thina baleli bala sibaningi futhi siyisizwe esigcwele umhlaba wonke ngobuningi bethu. Kungabe ubuningi bethu buyasisebenzela yini uma sekuya ekuphathweni komhlaba? Siyiphethe ipolitiki yokubusa izwe, kodwa siliphethe nomnotho walo yini? Kuhle sihlale sizibuza ukuthi ikhona yini inqubekelaphambili empilweni yethu thina boHlanga ekwazini nasekuphatheni umnotho. Ukwazi kukodwa akuguquli lutho empilweni yaboHlanga, kodwa ulwazi kumele lusetshenziswe ukuze babe baningi abaziyo futhi abalusebenzisayo.
Angithandi ukuyivuma ngiyivumisise lena eseyaze yenziwa samgomo eyaqanjwa ngensizwa yakwaPareto ethi izinto ezenzekayo zenziwa yingxenye engamashumi amabili ekhulwini. Isibonelo: Lo mbono uchaza ukuthi kulabo abanamabhizinisi kumele bazi ukuthi ingxenye enkulu yemali emise amabhizinisi abo ivela engxenyeni engamashumi amabili kumakhasimende ayikhulu. Wonke amashumi ayisishiyagalombili ayalandela nje, akanawo umfutho nombono wokwenza izinto ngokwawo. Amashumi ayisishiyagalombili athenga kancane, akusiwo umninibhizinisi angethembela kuwo. Uma kodwa siya lapho kuvotwa khona kwezombusazwe kubangiswana ngayo le ngxenye engamashumi ayisishiyagalombili. Kumele siyichaze le ngxenye engamashumi ayisishiyagalombili ekhulwini ukuze nawe uzihlole ukuthi wena ungena kuphi.
Nasemnothweni kushiwo kanjalo ukuthi izimboni nomnotho umiswe ngabambalwa nje ababalelwa kumashumi amabili ekhulwini. Ngamanye amazwi izwe nomnotho kulawulwa ngabantu abangamashumi amabili ekhulwini. Kumele sikulwele ukungena kule ngxenye engamashumi amabili. Kusho ukuthi mabili amaqembu empilweni. Kuneqembu lamashumi amabili bese kuba neqembu lamashumi ayisishiyagalombili, okuthi uma ehlanganiswa akhe ikhulusibalo elingabantu bonke abaphilayo. Ngiyafisa ukwazi ukuthi wena ukuliphi. Akukho ukuba phakathi nendawo. Iqembu lokuqala lakhiwa yilabo bantu abasungula izinto ezenza abanye baphile ngazo. Yilo leli qembu elingabanikazi bamabhizinisi nabanikazi bezimboni. Leli qembu yilo eliphethe amandla okuphila kwabantu. Izinqumo eziphathelene nomnotho wezwe zivamise ukuba ziphume zivune futhi zilawulwe yilaba bantu abayidlanzana. Ngelabakhethiweyo leli qembu. Kuvamisile ukuthi leli qembu libe neningi lohlanga olulodwa. Lapha kwelakithi ngabezinye izinhlanga, hhayi kodwa aboHlanga. Uma ekhona owoHlanga uba munye babe baningi abezinye izinhlanga. Lokhu kwenza ukuthi noma kuthathwa izinqumo zomnotho owoHlanga adliwe yivoti kusakhulunywa nje, kuthi uma sekuthathwa izinqumo zivune laba abaningi kulesigungu. Akuvamisile ukuthi kube wuhlanga oluphethe umbuso wepolitiki. Lokhu kuphoqa ukuthi izinqumo ezithathwa ngababusi bezwe zivuna lelidlanzana elingamashumi amabili. Lezi yizincithabuchopho zoqobo ezingavotelwa kodwa eziqikekelayo ukuthi intando yazo ayinyathelwa ngezinyawo.
Abaholi bombusazwe basebenzisa lengxenye engamashumi ayisishiyagalombili. Le ngxenye iyiningi elithatha izinqumo ngo-elethu. Uma sekuvunywe into ngo-elethu kubandakanya leli ningi kuveze isithombe sokuthi wonke umuntu uhambisana nesinqumo ngalesosikhathi. Mhlawumbe kuzosiza ukuba kesiyihlaziye kafushane nje eyaleli qembu lamashumi ayisishiyagalombili ekhulwini, siyibukisise ukuthi ivamise ukwakhiwa luhlobo olunjani lwabantu. Ngithanda ukusebenzisa izimpawu ezithile ezitholakala kuleliqembu. Kuhle futhi sibukisise ukuthi uma sizithola sikuleliqembu singenza kanjani ukuphuma kulo, okungenani sikhulise leliya elincane kodwa elinomfutho. Leli qembu lithathwa njengabantu abenza izinqumo ngaphandle kokuhlaziya, futhi bezwa ngabanye, abazitholeli bona ulwazi oluzobenza bathathe izinqumo eziphusile. Le ngxenye yiyo okukhankaswa kuyo kusetshenziswa amagama athile azokwenza abantu bathathe izinqumo ngaphandle kokucabanga kakhulu. Uma sekujulwa basala ngemuva laba ngoba ulwazi lwabo aluvamisile ukujula. Umnotho udinga umuntu ojulayo ngolwazi uma kudingeka injula, futhi abe nolwazi olujulile futhi oludephile. Uma senza njalo njengesizwe kuyosisiza ukuba siphumele ngaphezulu sibe baningi thina boHlanga kulengxenye engamashumi amabili ekhulwini.
Siyazidinga izinhlelo ezibheke ngqo ekufundiseni nasekugxiliseni ulwazi ngomnotho. Akudingi nje sigcine ngokuxoxelwa kodwa asizifundele okunye okucashile. Ngokukhula komqondo umuntu ugcina ekwazi ukuyifunda ivaliwe, ayibone iseza kude into ukuthi izomkhiphela kuphi ekugcineni.
- UMnu uLindani Dhlomo unguMqondisi kwaMind Tunes (Pty) Ltd. Ungaxhumana naye ngezikhathi zonke ku- lindani@mindtunes.co.za