Enethunga isengela phansi: Abazuzi aboHlanga ngamahlathi


NGOKUSHO kophiko olubhekele ukutshalwa kwezimali kwaZulu-Natal, iTrade and Investiment KwaZulu-Natal (TIKZN) Forestry ineqhaza elisemqoka emnothweni waKwaZulu-Natal kanye nasemahlathini atholakala enyakatho yesifundazwe. Inzuzo elethwa ezamahlathi kuleli isobala. Ezamahlathi zenzeka emakhaya lapho kuhlala khona abaningi abahlwempu. UHulumeni ubona ezamahlathi njengenqola yentuthuko. Ikusasa lale mboni likulabo abatshala amahlathi amancane emiphakathini yasemekhaya. Ezamahlathi ziyimboni ephezulu kwezokuthunyelwa kwamanye amazwe, kulethe inzuzo engengaphansi kwezigidigidi ezi-R5 njalo ngonyaka. Futhi le mboni yelekelela ngamaphesenti amabili emkhiqizweni wezwe.
Abaninimahlathi abakhulu baKwaZulu-Natal kubalwa kubo uMondi Group kanye noSAPPI Ltd. Ezinye izingxenye zeKwaZulu-Natal izinkampani zamahlathi ezenza kuzo inzuzo kubalwa iMelmoth, iBabanango, iKwaMbonambi, uMtubatuba, Ogwini, uPhongolo, nePaul Pietersburg. Nokho umbuzo ongaphenduleki wukuthi yikuphi umphakathi wasemakhaya okuzuzayo ngamahlathi asezindaweni zawo. ElaboHlanga libuze uhlaka olubhekele umhlaba ongaphansi koBukhosi KwaZulu-Natal nokuwumhlaba ohlonzwa ngokuthi ngowasemakhaya, INgonyama Trust Board ukuthi ngabe umphakathi kukhona yini okuhlomulayo.
“Kuliqiniso ukuthi izinkampani lezi zenza inzuzo futhi lokhu akuqali manje ngoba sekunoHulumeni wedemokrasi. Kuyiqiniso futhi ukuthi eminyakeni engamashumi amabili sekukhona Ingonyama Trust lezi zinkampani zamahlathi bezenza inzuzo emhlabeni weNgonyama zibe zingakhokhi ngisho indibilishi,” kuchaza uMehluleli uJerome Ngwenya.
UMtimande ube eseveza lokho akholwa wukuthi bekuyintuba esetshenziswa yilezi zinkampani ekugwemeni ukukhokha. “Izinkampani lezi bezisebenzisa umthetho obuhlonza ukuthi amahlathi lawa ngakaHulumeni. Obekwenza bangakhokhi ngoba phela bebevikelekile, nokuyinto njenge-Ingonyama Trust esiyisukumele saqala izingxoxo noMnyango obhekelele ezamahlathi ngehloso yokuthi lokhu kuguqulwe. Kasigcinanga lapho ngoba sikhulumile nanazo izinkampani lezi.
“Ngemuva kwesikhathi eside sizama ukukhulumisana nazo ekugcineni sesize safinyelela esivumelwaneni sokuba ziqale manje ukukhokha ngokusebenzisa umhlaba weNgonyama ukuze kuzuze imiphakathi,” kusho uMehluleli uNgwenya.
IBAYEDE ingakuqinisekisa ukuthi kukhona abathile, hayi umphakathi wonke abebezuza ngalokho ezinye zalezi zinkampani ebezikukhipha. Nokho kuvele ukuthi bekukuncane kakhulu kunenzuzo nokuthi bekungenamgomo olandelwayo. Kulokhu umahluleli uNgwenya uthe: “Ngisho namakhosi aKwaZulu-Natal nawo awahlomuli lutho. Kule mboni yamahlathi. Mhlawumbe mabili kuphela amakhosi athola onsumbulwana, lapha ngingabala inkosi yesizwe sakwaMkhwanazi eMtubatuba kanye neNkosi yaKwaMbonambi, kepha lokho ngeke sithi ngokuyifanele imiphakathi.”IBAYEDE ingakuqinisekisa ukuthi kukhona abathile, hayi umphakathi wonke abebezuza ngalokho ezinye zalezi zinkampani ebezikukhipha. Nokho kuvele ukuthi bekukuncane kakhulu kunenzuzo nokuthi bekungenamgomo olandelwayo. Kulokhu umehluleli uNgwenya uthe, “Ngisho namakhosi aKwaZulu-Natal nawo awahlomuli lutho, kule mboni yamahlathi. Mhlawumbe mabili kuphela amakhosi athola onsumbulwana, lapha ngingabala inkosi yesizwe sakwaMkhwanazi eMtubatuba kanye nenkosi yaKwaMbonambi, kepha lokho ngeke sithi ngokuyifanele imiphakathi.”
ElaboHlanga libe selikhuluma neminye yemiphakathi ethintekayo nayo elandulile ngokuthi kukhona okubambekayo okutholwa ngomnotho wamahlathi ezindaweni zasemakhaya. Usihlalo weMtubatuba Western Shores Communal Trust (MWSCT), uMnu uThemba Msweli ukuqinisekisile ukuthi nabo endaweni yabo bengumphakathi akukho mali abayihlomula kulezi zikhondlakhondla zezinkampani zamahlathi.
“Okubuhlungu indawo enkulu yethu idliwe yilezi zinkampani zamahlathi kodwa thina mphakathi asitholi ngisho indibilishi ngenzuzo yamahlathi abawatshale endaweni yethu. Ngokwesivumelwano kwakufanele kubekhona abakufakayo esikhwameni somphakathi kodwa sathola ukuthi inkampani yakwaMondi Ltd yaqasha inkampani okuthiwa Isiyaqhubeka Forest Company ukusebenza njenge agent yayo. Nokuthe uma siyofuna okomphakathi enkampanini yakwaMondi Ltd izikhulu zayo zathi asixhumane noSiyaqhubeka Company ngoba bethi bona imali yomphakathi bayifaka kuyo,” kusho uMsweli.
Uqhubeke wathi kwasayona le nkampani iSiyaqhubeka ijike yaziqokela ikomiti layo okuthiwa iSiyaqhubeka Trust ukuba kube yiyo eyengamela izimali zomphakathi.
“Uma sithi sibuza emalungeni eSiyaqhubeka Trust ngezimali zethu avele asitshele ukuthi akukho azokukhuluma nathi ngoba thina siwuhlaka olungekho emthethweni. Manje kuyacaca ukuthi ukusungulwa kwale Siyaqhubeka Trust kuyizindlela zenkamapani yakwaMondi Group zokuzidlela izimali okufanele zihlomulwe ngumphakathi ngomhlaba wethu abawusebenzisayo,” kuqhuba uMsweli.
NaseNtembeni eMelmoth nakhona kukhalwa esifanayo ngezinkampani iMondi Group neSappi Ltd okuthiwa zengamele uxhaxha lodedangendlale bamapulazi angaphezulu kwama-30. Nakhona umphakathi ukhala ngokuthi awuhlomuli lutho ngala mahlathi. Ohlwini IBAYEDE enalo iMondi Group iphethe amapulazi ali-13 kuthi uSappi Ltd yona abe ali-17 kungakabalwa ezinye izindawo eziseMelmoth namaphethelo.
Akuqali ukuthi elaboHlanga libike ngeziga lapho aboHlanga ezindaweni zasemakhaya bexhashazwa khona ngokuthi kusetshenziswe umhlaba ongaphansi koBukhosi kepha bona bengatholi lutho. Lokhu kwenzeka kakhulu odabeni oluthinta izinkampani zezimayini. Futhi lokhu akwenziwa yizinkampani ezizimele kuphele kepha kwatholakala ukuthi noHulumeni ikakhulukazi uMnyango obhekelele ezemigwaqo kanye nokwakhiwa kwezindlu uyathinteka. Lapha kusuke kuthathwa isihlabathi kuthiwa kwakhiwa imigwaqo noma izindlu umphakathi wona ungazuzi lutho ekubeni izinkampani ezisuke zinikwe umsebenzi zisuke zikhokhelwe ukuthi zizothenga isihlabathi.
Emibikweni yangaphambili kuvelile ukuthi kwenye inkathi imiphakathi isuke ikhala nje kusuke kukhona abathile abazuzayo besebenzisana nezinkampani lezo. Okubuye kudumaze wukuvela kokuthi kwezinye izindawo izinkampani lezi zikhomba izinhlaka zobukhosi njengabantu “zona ezikhokha kuzo” okuthi ekugcineni umphakathi ungahlomuli ngalutho.
Abanye okungazwakali ukuthi bahlomula yini ngoMasipala ezindaweni zasemakhaya. Okusobala yikho ukuthi imali engahlonyulwa ngomasipala abathintekayo ingenza lukhulu ekuthuthukuseni imiphakathi yasemakahaya. Yize izinkampani zihlale zigqamisa ukuthi ngokusebenza kwazo endaweni kuvela amathuba emisebenzi, isibalo sabathola lawo mathuba asisiguquli isimo mnotho somphakathi othintekayo.