Now Reading
Ivunwe ngamaningi iMorocco ezwenikazi i-Afrika
Dark Light

Ivunwe ngamaningi iMorocco ezwenikazi i-Afrika

EMBHALWENI esiwenze emasontweni ambalwa edlule, sike sabeka ngesinye sezinqumo okwakulindeleke ukuba sithathwe engqungqutheleni ebikade ikhona yeNhlangano Yamazwe ase-Afrika, i-African Union (AU) esokuba iMorocco ivunyelwe yini ukuba ibe yilungu le-AU. Kuzokhunjulwa ukuthi izwe iMorocco lazikhipha ku-Organisation of African Unity, eyandulela I-AU ngowe-1984. IMorocco yaqoma ukuhoxa ku-OAU ngoba iphikisana nesinqumo esathathwa ngalowo nyaka sokuthi, iqembu elibizwa ngePolisario Front, ebelibonwa njengabavukelimbuso, livunyelwe ukuba libe yilungu le-OAU.

Umsusa wengxabano phakathi kweMorocco kanye nePolisario Front ukuthi umhlaba obizwa ngeWestern Sahara okumanje uyisifundazwe esiyingxenye yeMorocco, kungabe ngempela ungoweMorocco noma kumele kube yizwe elizimele.

UHulumeni waseMorocco, selokhu kwathi nhlo, ushaya phansi ngonyawo uthi iWestern Sahara iyingxenye yeMorocco, kodwa iPolisario Front yona ithi umlando awukhombisi ukuthi lo mhlaba uyingxenye yeMorocco, yingakho-ke belwela ukuthi uzimele. Ezinye zezinyathelo ezathathwa phambilini yiNhlangano yamazwe, i-United Nations (UN) futhi esesekwa yi-AU sathi, kumele kube khona inhlolovo eWestern Sahara, ukuze izakhamuzi zakhona zikhethe ukuthi zifuna ukuqhubeka zibe abaseMorocco, noma zifuna ukuzimela. Izwe laseMorocco yilo elisalokhu liqhubekile ukubeka izihibe ekutheni le nhlolovo yenzeke. Noma isifundazwe saseWestern Sahara siwugwadule kodwa kunezinkomba zokuthi iyindawo enothile kwezokumbiwa phansi okubalwa igesi, kanye nowoyela.

Selidume ledlula ngoba engqungqutheleni ye-AU, kube ngamazwe angama-39, avotele ukuba isicelo seMorocco sokuba yilunga le-AU sivunyelwe. Noma sithathiwe lesi sinqumo yi-AU okuncomekayo ngukuthi ayizange ibuhoxise ubulunga bePolisario Front, okusho ukuthi kuzoba ngokokuqala ngqa, eminyakeni eyevile kwengama-30 ukuthi iMorocco nalabo abamele iPolisario Front bethamele izingqungquthela ezizayo zale Nhlangano.

Akhona-ke amanye amazwe, okubalwa kuwona neNingizimu Afrika, angazange aseseke lesi sicelo seMorocco, nokuthiwa azame ngakho konke ukuthi singaphumeleli. Kuzokhumbuleka ukuthi iAfrican National Congress (ANC) ingelinye lamaqembu emlandweni, eliyizithupha ziya egwayini nePolisario Front, ngoba iyibona iyingxenye yalabo abalwela ubulungiswa, kanye nenkululeko.  Lesi sinqumo simangaze abaningi ikakhulukazi labo abeseka iPolisario Front, kodwa saphinde sabathokozisa labo abahamba neMorocco. Ngale ndlela, lesi sinqumo singathathwa ngesingase sibhebhethekise ukungahoshelani ngemimoya phakathi kwamazwe athize ezwenikazi i-Afrika.

Noma ekhona amazwe abekade engahambisani nalesi sinqumo, kumele sesekwe kakhulu ngoba senza  ukuthi lingabikhona izwe ezwenikazi i-Afrika kepha libe lingeyona ingxenye ye-AU, okuyiNhlangano ebalukelile.

See Also

Ukubuyela kweMorocco ku-AU, kuphinde kuqinisa isesekelo senhloso yakudala yokuthi kube khona ubumbano kuwo wonke amazwe ase-Afrika. Okunye okumele kuphawulwe ngukuthi ukungabi yilungu le-AU kweMorocco bekwenza ukuthi le Nhlangano ingakwazi ukulima indima yayo ekutholeni isisombululo kule ngxabano ekhona phakathi kwaleli lizwe kanye nePolisario Front. Njengoba ke isivunyelwe ukuthi ibuyele ekhaya kwandisa amathuba okuthi i-AU ingenelele, ibe neqhaza engalibamba ekutholeni ikhambi kule ngqinamba.

Ukuthatha lesi sinqumo njengesincomekayo akusho ukuthi iMorocco kumele ithathwe njengezwe elibona i-AU inendima engayihlakula, nokuthi futhi liyibona njengeNhlangano ebalulekile. Kuzokhunjulwa ukuthi emveni kokuba yaqoka ukuhoxa ku-OAU ngowe-1984, iMorocco yenza imizamo eminingi yokuba isondelane namazwe aseNyakatho. Lokhu yakuveza, kodwa yehluleka, ukuba ibe yilungu le-European Communites (EC) eyandulela i-European Union (EU). Ngaphambi kokuba iveze izinkomba zokuthi isifuna ukuba yilungu le-AU, bese kuphele iminyaka ilokhu ingaphezi ukugxeka le Nhlangano. Akuthandabuzeki ukuthi elaseMorocco ligcine selibona ukuthi izenzo zayo zokungayinaki i-AU akuyisizanga ngalutho, nokuthi imizamo yayo yokuzibandakanya namazwe ase-Europe ayikhombisanga imiphumela.

Akwaziwa ukuthi ikusasa liphetheni kule nqinamba yeWestern Sahara, emveni kokuba i-AU ithathe lesi sinqumo, okucacayo ukuthi isazoba yinde indlela. Okungaphawulwa ngukuthi njengoba iziqokele yona ukuba yilungu le-AU kuzomele ozakwabo bayiphoqe ukuba ivumelane nayo yonke imigomo nezinhlelo eziyisesekelo sale Nhlangano ezifaka ukuhlonishwa kwamalungelo okuthi izakhamuzi zamazwe ase-Africa, ikakhulukazi uma umthetho uvuma, zikwazi ukuzikhethela ukuthi zifuna ukubuswa kanjani, futhi ziphathwe ngobani.

  • UMnu uSenzo Ngubane, unguGeneral Manager: Operations, e-ACCORD, okuyinhlangano ezimele esebenza ucwaningo lokudala uxolo ezwenikazi i-Afrika.
Scroll To Top